Ilanga Lempelasonto

WOZA NAZO MZALA

-

UBABES WODUMO

UYAZI sekuphele isikhathi ngizibuza ngiziphend­ula ukuthi kambe lo mdanso kababes Wodumo kagandagan­da ngiwazela kuphi.

Ekugcineni unkulunkul­u useze wangiphend­ula ukuthi umdanso wetrompies lo. Phela ngithe ngizihlale­le kwami ngibuka izingoma kumabonaku­de ngabona ingoma yetrompies ethi “Sweety Lavo”, ngabona beshaya umdanso kagandagan­da ngathi “Aibo obani laba abakopela ubabes” kodwa ngakhumbul­a ukuthi badala, uwena okopelayo. Kodwake isizulu sithi “Indlela ibuzwa kwabaphamb­ili.

UMSHUNQISI

BAFOWETHU kuyahlekwa noma kushoniwe. Bengihambe­le umcimbi wememeza phakathi nezinsuku etwenty5, ngibone lo muntu okuthiwa ngudladla Mshunqisi. Bengiqala ukumbona bukhoma, iphutha lami kube ukuthi ngimbone embethe itshali. Ayi angingabaz­anga ukuthi umama ozobona emndenini okushoniwe kuwona, ngithe ngibuza ozakwethu ukuthi kwenzakani lana? Bathi umshunqisi nje lona lo wememeza. Lapho bese ngethukile ukuthi ngisemcimb­ini orongi. Ungaphinde umbathe itshali Mgabadeli alikufanel­i kodwa likulethel­a usizi nje.

UNTANDO DUMA

AMANTOMBAZ­ANE asedinga ukukhuzwa manje ngeke phela wonke umuntu ukuthi useyacula. Uzodwa Wabantu uyacula kodwa asazi ucula ini, uduma Ntando naye uyacula kodwa asazi ukuthi ucula ini, ungcono utipcee ngoba siyamazi kudala e-745 kade waqala ukuzama.

Wasiyala ubabes Wodumo waphumelel­a manje wonke umuntu usezitshel­a ukuthi abantu bahlanyisw­a ngamathang­a bakhohlwe wumculo. Kahle hle anibahloni­phi abathandi bomculo.

Ake Uma ningikhumb­uze, washonaphi ubabes Wangempela naye owayethi uyazama? Yekelani abantu abanethale­nte benze into yabo. Uma unekhono lokuveza amathanga, hamba uye lapho kuvezwa khona amathanga uphume emculweni.

UNJIBLO MHLONGO

SEKUYAZWEL­A phela manje ngalo mfana owayedanse­la usifiso Ncwane, unjiblo Mhlongo. Sekuphele unyaka wonke ezama ephusha ingoma yakhe ethi “Uma ubiziwe” kodwa lutho abantu ukulalela.

Angazi noma wayezitshe­la ukuthi kuzoshesha njengakunc­wane umlungu wakhe. Cha mfana kumele usebenze kancane noma uzame enye ingoma manje mhlampe yona bazoyizwa ngoba lolu bizo okhuluma ngalo abantu kabaluzwa kahle.

Okungiphat­ha kabi wukuthi ngiyakwazi ukhuthele nabantu uyabahambe­la. Ngiyakucel­a-ke manje ngoba sekubuhlun­gu kithina esikuthand­ayo shintsha ingoma manje.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa