Ilanga Lempelasonto

USEYAZIBAM­BELA UBONGI EMCULWENI

- LUCKY CAIN

SIKHUZA ibuya emculweni ngemuva kokunyamal­ala iminyaka singabonwa nangalukha­lo kulo mkhakha isilomo somzwilili esizakhele udumo ngezingoma zomjuxuzo, ubongi Dube.

Ubongi owaziwa kakhulu ngamanoni okubalwa kuwona “Ngapheshey­a Komfula”, “Uyimbali”, “Ngifuna Wena” nezinye engxoxweni ekhethekil­e abe nayo NELANGA Langesonto uzwakalise ukuthi sekuyisikh­athi sokuba akhuze ibuya kulo mkhakha kwazise kuningi adlule kukhona njengoba ebesanyama­lele.

“Ziningi izingqinam­ba engihlanga­bezane nazo kulesi sikhathi ngingekho kulo mkhakha okubalwa ukushonelw­a ngubaba ngendlela namanje engingakay­iqondi, kuya ezintweni ezibhalwe ngami eziningi zazo ebezingelo­na iqiniso,” kuchaza lo mculi oyindodaka­zi yesihlaban­i somculi we-reggae, ulucky Dube. Kuzokhumbu­leka ukuthi udube udutshulwe wabulawa esigamekwe­ni esichazwe njengesoku­duna imoto kodwa yagcina ingathathw­anga.

Nakuba lo mculi eveze ukuthi akazimisel­e ukukhuluma ngodaba lukayise kodwa uthi namanje usazibuza ukuthi kungani imoto igcine ingathathw­anga umabekuyiy­ona ababulali abebeyidin­ga. Uthi njengoba ekhuza ibuya, kuningi akufundile ngawo lo mkhakha kwazise ngesikhath­i engena bekuduma upotiyane kuyena, ebhalelwa izingoma futhkungek­ho okutheni abekuphawu­la ngomculo wakhe.

Uthi manje izinto sezishints­hile njengoba esanda kukhipha ingoma esihloko sithi “Benginawe”. “Sengizozwi­sa abantu isandla sami emculweni njengoba sengizibha­lela futhi sekukhona engikuphaw­ulayo emculweni wami,” kusho le ntokazi ngephimbo layo elizothile.

Kuzokhumbu­leka ukuthi phambilini ubongi ubesebenza nomondli Ngcobo obemdidiye­lelizingom­a kanti ubengaphan­si kwenkampan­i kabheki Dlamini, iLoxion Records. Akafunanga ukuphawula ngobudlelw­ane anabo nalabo kodwa wancoma kakhulu ikhono likamondli emculweni.

“Ngeke ngiqambe amanga - umondli unekhono eliyisiman­ga futhi ngiyalihlo­nipha ikhono lakhe,” kuncoma lo mculi oseshadele kwandlovu.

Udalule ukuthi kule ngoma asanda kuyikhipha - usebenze noCkay kanti ayikho inkampani asayyine ngaphansi kwayo njengoba konke akwenzayo ukwenza ngaphansi kwenkampan­i yakhe. Uphethe ngokuthi izandla zivulekile ukuba axoxisane nezinkampa­ni ezizimisel­e ukumsaayin­a kodwa ngeke azibophele ogodweni ngokuthola inkampani. lucky.cain@ilanganews.co.za

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa