SIVULA AMEHLO ABACULI:
kodwa sibala nje ukuthi iminwe kayilingani ezweni sakhile, asingasifeli umona lesi fundazwe ngamakhono ayingqayizivele.
Ngisho sesibheka uhlobo lomculo wombhaqanga isoul Brothers iqalwe ngokuhlanganyela ngabafana balesi sifundzwe baqhamuka nengcwenga yodwa eyabe ingaziwa kwathokoza umhlaba wonke ngisho naphesheya kwezilwandle.
Uma sikhuluma ngomculo womgqashiyo sivele sibone umahlathini Simon Nkabinde insizwa eya- be idabuka enewcastle entshonalanga yekwazulu-natal eyaziqambela uhlobo lomculo wezimbodlomane yabhodla kwanyakaza umhlaba wonke.
Ihlathi lihambe umhlaba wonke ngalolu hlobo lomculo walo lihambisana nezintokazi amahhotela Queen.
Ngisho nomculo wembube nawo usuka kuso lesifundazwe izinsizwa bezisuka lapha ziyosebenza ezimayini emigodini yegolide egoli kuthi uma kuyisikhathi sekhefu zikhumbule emakhaya zicule loco- thoza wazo. Bekuthi njalo uma sezibuyile emakhaya ngamaholide zifike ziwutshale wasabalala nesifundazwe sonke.
Kamuva nje umufi uvusi Ximba uqhamuke nohlobo lomculo wakhe onamahlaya ngonyaka we-1992 kwasangana iningizimu Afrika yonkana.
Umavusana uqale lolu hlobo lomculo ezishayela inkositina yakhe ezitaladini zetheku ephanta abantu bemphonsela amasenti.
Kuthe ngokuhamba kwesikha- thi bambona abahleli bomculo bamfaka esitudiyo bawuthaka nezinsimbi waba nesigqi umculo wakhe wathokozelwa ngisho yisilo samabandla ugoodwill Zwelithini.
Nomculo wereggae udunyiswe ngumufi ulucky Dube insizwa yasenewcastle yahamba kakhulu. Selokhu ahamba kusemnyama ebusweni benkawu ukuba kutholakale ozongena khaxa ezicathulweni zakhe.
Sikhuluma nje abafana baseKZN ODJ Tira, Tzozo, Professor nebig Nuz baqhamuke nomculo we-kwaito yasethekwini izwe lonke lawulandela. Kamuva sisasanganiswe ngumculo wegqomu odunyiswe yintokazi yakwasimelane ubongekile odume ngelikaBabes Wodumo.
Kungasa sikhuluma ngekhono LE-KZN abayiyeke. Pho yindabakabani uma sincoma okungokwethu uma singazincomi ngubani oyosincoma ayiqhamuke neminye imiculo esengaphakathi ezinhliziyweni zabantu bangashoni namathelente.
Omunye umfundisi washumayela wathi uma umuntu efa nesiphiwo sakhe ngenxa yamahloni ngeke alibone izulu. Ngiyamvumela noma ngingakaze ngifike khona. knowledge.simelane@ilanganews. co.za