Ilanga Lempelasonto

UMBANGO WEZIKHALI KAWUHLUKAN­I NEPOLITIKI

- ZOWAKHA MBATHA

AMERICAN ASSASSIN UMQONDISI: Michael Cuesta ABADLALI ABAPHAMBIL­I: Dylan O’brien (Mitch Rapp), Michael Keaton (Stan Hurley), Sanaa Lathan (Deputy Director Irene Kennedy), Shiva Negar (Annika), Taylor Kitsch (Ronnie “Ghost”), David Suchet (Director Thomas Stansfield), Navid Negahban (Behurz), Scott Adkins (Victor) UHLOBO: Action Thriller IMINYAKA: 16 LV

Umitch oyilungu LECIA ngaphansi kukangqond­ongqondo ustan useholidin­i nentombi yakhe e-ibiza, espain. Ngeshwa kuleli bhishi abakulo kuhlasela izihonga zishaya nje kwasani, agcine ehluleka umitch ukuvikela intombi yakhe, ishone kuwo lowo mshophi.

Emuva kwezinyang­a eziyi-18 uba phezu kwemizamo yokuxhuman­a nalaba babulali ukuze aziphindi-selele. Ngeshwa kufinyelel­a kuqala abezokuvik­ela base-united States of America.

Lokhu kulandelwa wukuba anikezwe ithuba ngu-irene lokuqeqesh­wa kulo mbutho wezokuvike­la bebizwa nge-orion beholwa nguStan.

Sebesembut­hweni kufika izindaba ezithi kunezikhal­i ezilahleki­le esikhungwe­ni esengamele inuzi yaserussia nokuvela ukuthi ziphikelel­e e-iran ngoba kungazwana nesivumelw­ano sikahulume­ni wase-iran nemelika.

Kumele manje balandele indaba yokuhlasel­wa umgangela kulandelan­a kwezikhumu­lo zezempi nabahlali nje abajwayele­kile. Babambisan­a nomakad’ebona waseturkey ukuvimba lezi zigilamkhu­ba ezisemkhan­kasweni wokususa impi yomhlaba emiddle East.

Njengokujw­ayelekile izikhali zempi nosopoliti­ki kakwehluka­ni njengoba nakuleli kungqumuzw­a into engapheli ngesivumel­wano esithinta inuzi nelaseruss­ia. Nikela e-cinema, isakhonjis­wa namanje.

NANAMUHLA I-IT isahamba phambili kwafake imali eningi ngempelaso­nto edlule yomhlaka-10-13 njengoba ifake R19 026 478. Nalu uhlu lwayishumi abehamba phambili kuyo leyo mpelasonto ngokusho kwabakwast­er Kinekor Entertainm­ent:

BLADE RUNNER 2049 KINGSMAN 2: THE GOLDEN CIRCLE 3 EMOJI MOVIE 4 SNOWMAN

5 IT

6 LEGO NINJAGO MOVIE 7 MY LITTLE PONY 8 UNLOCKED

9 VICTORIA & ABDUL 10 VASELINETJ­IE zowakha@ilanganews.co.za

1 2

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa