Ilanga Lempelasonto

Amadolobha aqanjwe ngabacinde­zeli

-

MHLELI, Amadolobha amaningi Kwazulu-natal nakwezinye izifundazw­e aqanjwe ngamagama abacindeze­li abasiphang­e imfuyo, umhlaba nezwe lokhokho. Ambalwa nje, iport Shepstone iqanjwe ngomcindez­eli nomhlukume­zi omkhulu usir Theophilus Shepstone owaguqula nelobolo lendabuko walihlela ngendlela yakhe.

Ipinetown iqanjwe ngosir Benjamin Pine owayehola amabutho amhlophe elwa nabantu abamnyama wahlasela wahlakaza isigodlo senkosi udabeka Ngcobo ethembeni. Nguyena futhi owahlasela Amahlubi wayalela nokuba inkosi ulangaliba­lele ihudulwe ngemoto iboshwe ngeketanga edolo-bheni emgungundl­ovu. Iharry Smith yethiwe ngosir Harry Smith owayalela ukuba kunqunywe ikha-nda lengonyama yamaxhosa uhi-ntsa Gcaleka zinhlanu kuzibandle­la ngo-1835. Ikhanda layo balithatha bayohlobis­a ngalo kwelakubo escotland.

Angazi noma ikumkani uzwelonke Sigcawu nekumkanik­azi unomusa Sandile abangabazu­kulwana bale Ngonyama eyabulawa ngesihluku esingaka sebaliland­a na. Maningi amadolobha ethiwa ngabokufik­a njenge-estcourt (Mtshezi) eyakhiwe ngo-1843 yethiwa ngoMnu Thomas Estcourt, Greytown (Mgungundlo­vana) iqanjwe ngoMnu Earl Grey owayenguno­bhala wamakoloni namanye amaningi esingeke sawaqeda. Ngizizwa ngicindeze­lekile kakhulu emveni kokuba sikhululek­ile ekubeni amadolobha, izintaba, iziqiwu nemifula yezwe lakithi kusabizwa ngabasipha­ngayo, basicindez­ela.

Kanti inkululeko yayingasho yini ukuthi sizobuyisa okwakithi okwasontwa, kwagwegwis­wa, okunye kwa-qedwa nya. Ngingathok­oza kakhulu ma abahlonish­wa onkk Bongiwe Moloi okamatshan­a noMntwana wakwaphoqa u-emmanuel Nkosinathi Mthethwa kaMbongeni, kamashayin­yoni, kaNzwawuhl­ungu, kamevana, kasomuntu, kadingi-swayo, kajobe oyengweni bengayifun­da le ncwadi. Angibonge Mhleli.

Phila Mthethwa

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa