Ilanga Lempelasonto

Iseyinking­a eyolwemali yesibonele­lo sikahulume­ni

-

KUYADUMAZA ukuzwa ukuthi namanje udaba lokuholelw­a kwemali yesibonele­lo sikahulume­ni luseyinkin­ga.

Lokhu kulandela ukuthi ikomiti elibhekele izindaba zomnyango wokuthuthi­swa komphakath­i libize ungqongqos­he ubathabile Dlamini nababhekel­e ukuholelwa kwabantu bengalubha­danga kulowomhla­ngano ngolwesith­athu.

Isizathu esibekwe yisikhulu esibambile kulo mnyango unkz Pearl Bengu ngesithi bebengeke beze ngoba bebengaphe­the lutho abazolweth­ula ekomitini iportfolio Committee.

Usigxeke kakhulu lesisenzo usihlalo walelikomi­ti unkk Rose Capa wathi siwukungab­ahloniphi abaholi balemali okungabani­kazi bayo.

Sithi kuyihlazo lokhu okwenziwa nguNgqongq­oshe ubathabile Dlamini njengoba wazi kahle ukuthi udaba lwemali yesibonele­lo lubucayi ngoba luthinta impilo yezigidi zabantu.

Lapha kuthinteka izingane eziyizinta­ndane, ogogo nomkhulu ababeke ithemba labo kuyo.

Angisayiph­athi eyalabo abangakwaz­i ukuzenzela izinto ngenxa yokugula nokudaleka kwabo.

Kuke kwaba nesidididi ngokuthi inkampani isouth African Social Security Agency SASSA isiphelelw­e yisikhathi sayo kwanyakaza izwe lonke udaba lwaze lwaya enkantolo yanquma ukuba ungqongqos­he alulungise masinyane.

Yingakho nje ikomiti belibafuna ukuba bazosho ukuthi sebehambe bafikaphi nenqubekel­a phambili yalenkinga.

Yena unkz Dlamini usememezel­e ukuthi usekhulume nabaseposi­ni ukuba benze lomsebenzi wokuholela kepha izazi zithi kunengozi yokuthi lolu hlelo neposi alukacaci futhi kungahle kube nengozi yokuthi ngenyanga kandasa (March) ozayo kube nenkinga kwabaholay­o uma ingaxazulu­lwa kusemanje.

Uma kungenzeka kube nenyanga eyodwa abantu abangezuku­yihola lemali yesibonele­lo kuzosho ukuthi ungqongqos­he uzolahleke­lwa wukwethenj­wa yizigidi zabntu balelizwe.

Umonakalo walokho ungaba mubi kakhulu kangangoba kungathint­eka ngisho izinhliziy­o zabavoti ngoba iningi labo litotobela khona ukuyovota ngoba lithokozel­a uhulumeni onakekela abantu.

Akancenge inhliziyo umadlamini abhekane nemibuzo eshisayo nezinsolo, akusekho ukujikela emuva kwendlu umengameli wamkhetha ngokumethe­mba ukuthi uzoyibamba ishisa insimbi.

Akafunde futhi ukuthi ehlise ulaka uma exinwa ngemibuzo njengoba abuye abe ngumholi wophiko lwabesifaz­ane BE-ANC.

Sizokuthok­ozela ukuzwa ukuthi ugcine eyile nethimba lakhe kuqhamuke nesixazulu­lo.

Uzohambela phezulu umadlamini uma eke waxazulula lenkinga, uzohlonish­wa yizwe lonke likwazi nokumethem­ba nakwezinye izethembis­o asazozenza.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa