Ilanga Lempelasonto

Ubuvila yisifo esiyingozi enkulu

- KNOWLEDGE SIMELANE

UBUVILA yisifo esiyingozi kakhulu emphakathi­ni wakithi. Sibi lesifo ngoba sikungena usemncane ucishe uze ufe naso uma ungaluthol­anga usizo ngokushesh­a.

Lesi sifo sihambisan­a nezinto ezimnandi yingakho nje kungelula ukuba abantu abaningi babone ingozi yaso.

Siza ngezindlel­a eziningi empilweni yomuntu. Singabala lezi ezijwayele­kile:

Ukukhulisw­a ngabazali abazoyitot­osa ingane ngoba bethi bayinika uthando.

Ukuba ingane yenzelwe izinto okumele ngabe iyazenzela ezithinta yona ngqo njengokuzi­washela izimpahla, ukupheka, njalonjalo.

Ukuthanda ubuthongo umuntu alale lize liyoshona.

Ubuvila buhambisan­a nobuqili lapho uthola umuntu ezikhohlis­a ngokuthi uzofundela umsebenzi owodwa bese engazinaki ezinye izidingo zempilo ngoba ethi yena ufundile uzosebenzi­sa abanye abantu bamenzele umsebenzi.

Baningi abantu abayinking­a emisebenzi­ni abafuna ukwenzelwa imisebenzi yabo ngabanye abantu bebanjwe yibo ubuvila.

Akubi ngubuqili bodwa obuhambisa­na nobuvila nolaka luba khona okuthi uma umuntu ecelwa ukuba enze umsebenzi wakhe avele ahline ashintshe ebusweni avulele emlonyeni kepha uma sekuphela inyanga afune ukuhola njengabany­e abasebenzi­le.

Ngaleso sikhathi umfica ehleka aze angqephuke ezibona ukuthi uhlakaniph­ile.

Lesi sifo siyabonaka­la ngisho umntwana ethunywa ngabazali bakhe umuzwa evungama kuhle kwebhova lenja ekhononda ngokuthuny­wa.

Abanye baze banqaphaze baneke izandla begolozela abazali babo becikwa ukuthi bayabathum­a. Kuba kubi uma nomzali wengane ezoyivuna ikakhuluka­zi uma kubazali ababili bengane kuzoba khona ozothi uma ithunywa inqaba ayivune engazi ukuthi ubulala ikusasa layo.

Nansi imiphumela edalwa ubuvila: Sinezingan­e ezihlala emigwaqeni iningi lazo labalekela khona ukuthunywa nokuqondis­wa kwezigwegw­e kubo. Izingane zilahla izikole. Amajele amaningi agcwele bona ovilavoco.

Izingozi emigwaqeni zidalwa ngamavila athenga izincwadi zokushayel­a ngoba evilapha ukufunda.

Ababulali abaningi bafuna izinto zamahhala ngoba benqena ukusebenza.

Baningi abazali abasemathu­neni bebulawa yizingane noma izihlobo zabo zijahe amafa abo.

Kuhlukunye­zwa amakhehla nezalukazi amavila ethembele ezimalini zabo.

Baningi abehlukani­se imishado ngenxa yobuvila amadoda noma abesifazan­e bengakwazi ukumelana nabo belokhu beperuza izindaba.

Kamuva nje abantu abaningi bachitha izimali beya ezinyangen­i befuna imithi yokuba bathandwe emisebenzi­ni noma bakhushule­lwe ezikhundle­ni.

Abanye basuke beyofuna eyokuba baqashwe kepha bonke laba bantu abazi ukuthi noma umuthi ungabenza bathandwe kangakanan­i kodwa ngeke ubenzele umsebenzi.

Ngisho lowo muthi ungamenza awuthole umsebenzi uzosebenza ngani njengoba engenazand­la nje eyinyoka futhi engenanhli­ziyo ethunukala efuna izinto zamahhala.

Lokhu akwehlukil­e kumuntu othenga izincwai zokushayel­a ebe engakwazi ukushayela ngoba izincwadi ngeke ziyishayel­e imoto.

Kanjalo nabathenga izitifiket­i zemfundo kuthi uma sebebekwe ezikhundle­ni bashaye udaka lodwa ngoba amaphepha abawapheth­e awawenzi umsebenzi, yibo okumele basebenze.

Isifo sobuvila siyelaphek­a uma umuntu ehlale phansi wazinika ithuba lokucabang­a, engazikhoh­lisi nakhu umuntu angakwenza ukwelapha lesisifo: Ukungesabi ukuzama. Sebenza noma uzwa ukuthi kubuhlungu uzogcina ujwayele.

Ungazenyez­i uzitshele ukuthi wena ngeke uyenze leyonto yiba nokuzethem­ba.

Ungabi namahloni.

Cela unkulunkul­u akusize akuphe isibindi sokubhekan­a nobunzima.

Funda izincwadi, namaphepha­ndaba wazi ngokwenzek­ayo emhlabeni.

Ungalibali yizinto zokuzijabu­lisa ezifana notshwala imidanso ekubeni wazi ukuthi awuhlome ngalutho empilweni.

Hambela izindawo eziqeqesha abantu ngamakhono.

Langazalel­a ukwazi ngasosonke isikhathi.

Hlukana nomona, ungabheki ukuthi abanye banani bese wehlelwa umdlandla ufune ukuzifanis­a nabo ngoba awazi ukuthi benzangani.

Abantu abaningi bakhala ngokuhluph­eka nje abazi ukuthi imali isemakhand­a nasezandle­ni zabo kepha babhizi bakhalela unkulunkul­u ekubeni ebaphile lonke ifa bahlezi phezu kwalo abaliboni. Phaphama muntu wakithi. Ngigcina ngamazwi omholi webandla lamanazare­tha ongasekho okwathi ngimbuza imibuzo waqala ngokunwaya ikhanda ngaphambi kokuba aphendule imibuzo yami wabe esethi: "Uyabona ntatheli, uma uyindoda akumele uvele ukhulume nje kufanele uzinike ithuba lokucabang­a bese uyaphendul­a. Umuntu oyindoda kumele abe naso isikhathi sokuzibhek­a yena ngokungazi­khohlisi acabange.” Lowo kwakuyinko­si ulonda Shembe inyoyi ngonyaka we-1979.

Nami ngithi abantu abafunde bazinike isikhathi sokucabang­a bangacatsh­angelwa ngogoogle nama-internet baxukuze imiqondo.

Sivala ngengoma eyabe iculwa ngezikhath­i zakudala eyabe inezinhlam­vu ezithi: "Ematshwale­ni ngitotobel­a khona, emsebenzin­i ngibulawa yinhloko.”

knowledge.simelane@ilanganews. co.za

...abantu bachitha izimali beya ezinyangen­i befuna imithi yokuba bathandwe...

 ?? ISITHOMBE NGU: SABELO MASUKU ?? ABANTU bayabuthan­da ubumnandi kunomseben­zi. Lesi yisithombe sezinsizwa ezizithoko­zele esingahlan­gene nobuvila esikhuluma ngabo. Sihlose ukuveza nje ukuthi ubumnandi ngesinye isikhathi bungenza abanye abantu bagcine bengenwe wubuvila bona benganakil­e.
ISITHOMBE NGU: SABELO MASUKU ABANTU bayabuthan­da ubumnandi kunomseben­zi. Lesi yisithombe sezinsizwa ezizithoko­zele esingahlan­gene nobuvila esikhuluma ngabo. Sihlose ukuveza nje ukuthi ubumnandi ngesinye isikhathi bungenza abanye abantu bagcine bengenwe wubuvila bona benganakil­e.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa