Ubuvila yisifo esiyingozi enkulu
UBUVILA yisifo esiyingozi kakhulu emphakathini wakithi. Sibi lesifo ngoba sikungena usemncane ucishe uze ufe naso uma ungalutholanga usizo ngokushesha.
Lesi sifo sihambisana nezinto ezimnandi yingakho nje kungelula ukuba abantu abaningi babone ingozi yaso.
Siza ngezindlela eziningi empilweni yomuntu. Singabala lezi ezijwayelekile:
Ukukhuliswa ngabazali abazoyitotosa ingane ngoba bethi bayinika uthando.
Ukuba ingane yenzelwe izinto okumele ngabe iyazenzela ezithinta yona ngqo njengokuziwashela izimpahla, ukupheka, njalonjalo.
Ukuthanda ubuthongo umuntu alale lize liyoshona.
Ubuvila buhambisana nobuqili lapho uthola umuntu ezikhohlisa ngokuthi uzofundela umsebenzi owodwa bese engazinaki ezinye izidingo zempilo ngoba ethi yena ufundile uzosebenzisa abanye abantu bamenzele umsebenzi.
Baningi abantu abayinkinga emisebenzini abafuna ukwenzelwa imisebenzi yabo ngabanye abantu bebanjwe yibo ubuvila.
Akubi ngubuqili bodwa obuhambisana nobuvila nolaka luba khona okuthi uma umuntu ecelwa ukuba enze umsebenzi wakhe avele ahline ashintshe ebusweni avulele emlonyeni kepha uma sekuphela inyanga afune ukuhola njengabanye abasebenzile.
Ngaleso sikhathi umfica ehleka aze angqephuke ezibona ukuthi uhlakaniphile.
Lesi sifo siyabonakala ngisho umntwana ethunywa ngabazali bakhe umuzwa evungama kuhle kwebhova lenja ekhononda ngokuthunywa.
Abanye baze banqaphaze baneke izandla begolozela abazali babo becikwa ukuthi bayabathuma. Kuba kubi uma nomzali wengane ezoyivuna ikakhulukazi uma kubazali ababili bengane kuzoba khona ozothi uma ithunywa inqaba ayivune engazi ukuthi ubulala ikusasa layo.
Nansi imiphumela edalwa ubuvila: Sinezingane ezihlala emigwaqeni iningi lazo labalekela khona ukuthunywa nokuqondiswa kwezigwegwe kubo. Izingane zilahla izikole. Amajele amaningi agcwele bona ovilavoco.
Izingozi emigwaqeni zidalwa ngamavila athenga izincwadi zokushayela ngoba evilapha ukufunda.
Ababulali abaningi bafuna izinto zamahhala ngoba benqena ukusebenza.
Baningi abazali abasemathuneni bebulawa yizingane noma izihlobo zabo zijahe amafa abo.
Kuhlukunyezwa amakhehla nezalukazi amavila ethembele ezimalini zabo.
Baningi abehlukanise imishado ngenxa yobuvila amadoda noma abesifazane bengakwazi ukumelana nabo belokhu beperuza izindaba.
Kamuva nje abantu abaningi bachitha izimali beya ezinyangeni befuna imithi yokuba bathandwe emisebenzini noma bakhushulelwe ezikhundleni.
Abanye basuke beyofuna eyokuba baqashwe kepha bonke laba bantu abazi ukuthi noma umuthi ungabenza bathandwe kangakanani kodwa ngeke ubenzele umsebenzi.
Ngisho lowo muthi ungamenza awuthole umsebenzi uzosebenza ngani njengoba engenazandla nje eyinyoka futhi engenanhliziyo ethunukala efuna izinto zamahhala.
Lokhu akwehlukile kumuntu othenga izincwai zokushayela ebe engakwazi ukushayela ngoba izincwadi ngeke ziyishayele imoto.
Kanjalo nabathenga izitifiketi zemfundo kuthi uma sebebekwe ezikhundleni bashaye udaka lodwa ngoba amaphepha abawaphethe awawenzi umsebenzi, yibo okumele basebenze.
Isifo sobuvila siyelapheka uma umuntu ehlale phansi wazinika ithuba lokucabanga, engazikhohlisi nakhu umuntu angakwenza ukwelapha lesisifo: Ukungesabi ukuzama. Sebenza noma uzwa ukuthi kubuhlungu uzogcina ujwayele.
Ungazenyezi uzitshele ukuthi wena ngeke uyenze leyonto yiba nokuzethemba.
Ungabi namahloni.
Cela unkulunkulu akusize akuphe isibindi sokubhekana nobunzima.
Funda izincwadi, namaphephandaba wazi ngokwenzekayo emhlabeni.
Ungalibali yizinto zokuzijabulisa ezifana notshwala imidanso ekubeni wazi ukuthi awuhlome ngalutho empilweni.
Hambela izindawo eziqeqesha abantu ngamakhono.
Langazalela ukwazi ngasosonke isikhathi.
Hlukana nomona, ungabheki ukuthi abanye banani bese wehlelwa umdlandla ufune ukuzifanisa nabo ngoba awazi ukuthi benzangani.
Abantu abaningi bakhala ngokuhlupheka nje abazi ukuthi imali isemakhanda nasezandleni zabo kepha babhizi bakhalela unkulunkulu ekubeni ebaphile lonke ifa bahlezi phezu kwalo abaliboni. Phaphama muntu wakithi. Ngigcina ngamazwi omholi webandla lamanazaretha ongasekho okwathi ngimbuza imibuzo waqala ngokunwaya ikhanda ngaphambi kokuba aphendule imibuzo yami wabe esethi: "Uyabona ntatheli, uma uyindoda akumele uvele ukhulume nje kufanele uzinike ithuba lokucabanga bese uyaphendula. Umuntu oyindoda kumele abe naso isikhathi sokuzibheka yena ngokungazikhohlisi acabange.” Lowo kwakuyinkosi ulonda Shembe inyoyi ngonyaka we-1979.
Nami ngithi abantu abafunde bazinike isikhathi sokucabanga bangacatshangelwa ngogoogle nama-internet baxukuze imiqondo.
Sivala ngengoma eyabe iculwa ngezikhathi zakudala eyabe inezinhlamvu ezithi: "Ematshwaleni ngitotobela khona, emsebenzini ngibulawa yinhloko.”
knowledge.simelane@ilanganews. co.za
...abantu bachitha izimali beya ezinyangeni befuna imithi yokuba bathandwe...