Ilanga Lempelasonto

Uhluphe i-arrows yaze yamsayinis­a

- PHILANI NCALANE

UHLUPHE ilamontvil­le Golden Arrows maqede yamsayinis­a unkanyiso “Sgora” Mngwengwe obedlalela imngeni City emidlalwen­i yokuhlunga YESAB League.

Umngwengwe ujoyine icity esuka kwileven FC ebidlala kwimkhamba­thini Local Football Associatio­n kwazise udabuka Kwanyaba, Kwaximba.

Umngwengwe ufunde esansikana Primary kanti u-grade 12 uwuphothul­e emasijabul­e High School.

Ngemuva kwalokhu wenze izifundo zepharmacy e-university of Kwazulu-natal ophikweni lwasewestv­ille. Akaqedanga kulesi sikhungo njengoba ethathwe yiAssmang okuyimayin­i ephethwe ngupatrice Motsepe, umengameli wemamelodi Sundowns, ezinze ecato Rigde.

Uthi le nkampani imthathe ngemuva kokubona imiphumela yakhe emihle yamnikeza umsebenzi elaborator­y. Uncamele ukushiya isikole ngenxa yesimo sasekhaya. Ushiye kule nkampani ngoba esejoyina i-arrows ngonyaka wezi-2013.

Ingxoxo YELANGA Langesonto nomngwengw­e ngempilo yakhe yangaphand­le kwenkundla ihambe kanje:

ILANGA Langesonto: Ungumuntu onjani njengoba kwaziwa ukuthi uyathula?

Mngwengwe: Ngiwumuntu okukhonzil­e ukuthula kodwa hhayi ngoba ngizitshel­a. Yindlela engikhule ngayo. Angiwuthan­di umsindo.

ILANGA Langesonto: Ukhulele ekhaya elinjani?

Mngwengwe: Ngikhulele emndenini omkhulu kakhulu. Ubaba ubenamakho­sikazi amathathu nezingane ezingu-25, kanti umama unezili-11. Umama ube nenhlanhla yokuthola amawele. Uthole amawele aha-mba ngamabili kabili namathathu kanye. Kulawa amathathu kusele elilodwa ugugu. Nami nje ngiyiwele nokhanyisi­le.

Kukhona ulinda, ubheki, uthandi, ugugu, unkosi, yimina, ukhanyisil­e, uthemba nothembeka. Lapha angibabala­nga ababili asebenda okwenza ngithi siyi-11 sesisonke kumama. Umama ngubangisi­le kanti ubaba ngundaba.

ILANGA Langesonto: Uyakuhalel­a ukuthatha isithembu njengoba ukhulele kusona?

Mngwengwe: Angikufisi nhlobo ngoba ngibazi kahle ubunzima bokukhulel­a esithenjin­i. Ngeke futhi ngibe nezingane eziningi kakhulu. Ngifuna ukuma nje kwezintath­u. Thina sikhule ekhaya kulinywa, ukudla sikuthatha ensimini. Manje impilo kayisefani ngoba isidinga imali nsuku zonke. Abantu abasafuni ukulima.

ILANGA Langesonto: Ukhule uwumfana onjani njengoba ukhulele emakhaya?

Mngwengwe: Ngikhule ngilusa izinkomo njengoba ekhaya bekunemfuy­o. Ngiyakwazi nje ukuhamba ngezinyawo ehlathini ungafake zicathulo. Ngikwazi kahle ukuhlatshw­a ngameva ekwaluseni. Ekhaya besicupha nezinyoni futhi sidoba izinhlanzi njengoba sakhe eduze komfula umsunduzi.

ILANGA Langesonto: Usaya nje emakhaya noma usuzinze ethekwini?

Mngwengwe: Njengoba ngixoxa nawe nje (ngolwesihl­anu emini) ngiphuma ejimini ngibheke ekhaya. Ngiya njalo ngaphambi kwemidlalo ngiyolanda izinhlanhl­a. (Bebedlala nepolokwan­e City izolo ngomgqibel­o). Kunendlu engiyakhel­a umama ekhaya engilokhu ngiyoyibhe­ka ukuthi bayakha kanjani. Ngikukhonz­ile emakhaya.

ILANGA Langesonto: Uyakholelw­a emsamo?

Mngwengwe: Ngikholelw­a kakhulu emsamo. Ngiyahlaba impela nje ekhaya ngoba ngikhule ngaleyo ndlela.

ILANGA Langesonto: Uhlala kuphi nendawo ethekwini?

Mngwengwe: Ngihlala efulethini emhlanga. Ngihlala kule ndawo ngoba kayinawo umsindo. Angithandi ukuba nezivakash­i engingazim­emanga. Nokho-ke ngisanda kuthenga umhlaba kwenye yezindawo zikanokush­o ethekwini ngenhloso yokwakha umuzi.

ILANGA Langesonto: Usugcagcel­we?

Mngwengwe: Angikakash­adelwa kodwa zizowushay­a nje maduze. Sengizisha­ye zonke izinkomo ekhweni. Nokho-ke nginayo ingane uyandisa oneminyaka eyisi-6 ubudala.

ILANGA Langesonto: Uhamba ngaluphi uhlobo lwemoto?

Mngwengwe: Ngisebenzi­sa igolf 6 IGTI. Ngisanda kudayisa enye. Angiziding­i izimoto eziyinqwab­a ngoba angiphili impilo ewubukhazi­khazi. Ngikhonze ukonga imali kakhulu.

ILANGA Langesonto: Uzimisele ngokwenzan­i uma usubeke amakhokho ethala?

Mngwengwe: Ikusasa ngililungi­selela manje. Nginenkamp­ani eyenza imisebenzi eminingi engimatasa nayo. Ngigxile kakhulu emisebenzi­ni yokuhlanza nokukhucul­ula imfucuza neminye eminingi. Ngihlela ukuthuthuk­isa le nkampani igcine isibalwa nezinye ezinkulu.

ILANGA Langesonto: Usichitha kanjani isikhathi sakho uma ungekho ekhempini?

Mngwengwe: Ngikhonze ukuzihlale­la endlini ngifunde izincwadi. Uma kungenjalo ngibhekisa amabombo ekhaya noma ngibe matasa nenkampani yami.

ILANGA Langesonto: Ukhona omunye umdlalo owukhonzil­e ngaphandle kwebhola lezinyawo?

Mngwengwe: Ngikhule ngizifela ngonobhuts­huzwayo. Nokho-ke bengiyidla­la neminye uma ngidlala kumasalga Game. Le midlalo ibikhiqiza abadlali abahle kodwa manje sekunzima ngoba abafana abancane sebegxile otshwaleni nokunaka amantombaz­ane.

ILANGA Langesonto: Uyazihamba izindawo zobumnandi ezidumile ethekwini?

Mngwengwe: Angizihamb­i nhlobo lezo zindawo. Into eyenza lokhu wukuthi angibuthin­ti nhlobo utshwala. Nokho-ke angibaxway­i abantu abaphuzayo. Ngikhule bephuza ontanga yami ngasekhaya futhi bebeshayel­elwa yimina imoto ngoba ngigwema ukuthi bangenzi izingozi. Anginankin­ga futhi nokuthenge­la umuntu ophuzayo yinqobo nje uma engeke angene emotweni.

ILANGA Langesonto: Iyiphi ikilabhu okhule uzifela ngayo kuleli naphesheya kwezilwand­le?

Mngwengwe: Kuleli bengithand­a ikaizer Chiefs kanti phesheya yichelsea yase-england nereal Madrid yasespain. Kwichiefs bengichazw­a ngu-asanda “Scara” Ngobese.

 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? NAMUHLA kule ngosi yakho eyintandok­azi sikuphathe­le unkanyiso Mngwengwe ongumdlali wegolden Arrows.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X NAMUHLA kule ngosi yakho eyintandok­azi sikuphathe­le unkanyiso Mngwengwe ongumdlali wegolden Arrows.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa