Ilanga Lempelasonto

Izembe kumgadli wechiefs

Umqeqeshi uthi ukhakhayi alukaqini kahle

- SENZO SOKHELA

LILOLIWE izembe kumgadli wekaizer Chiefs osemncane okuvela ukuthi umqeqeshi wale kilabhu ukhala ngokuthi ukhakhayi lwakhe alukaqini kahle ukuthi angasiza le kilabhu.

Ichiefs isayinise uryan Moon wasemgungu­ndlovu obegijima kwimaritzb­urg United kumasizini amabili edlule.

Selokhu efike kwichiefs akakayenze­li lutho njengoba edlaliswa esikimini esincane esigijima kwimultich­oice Diski Challenge.

Ubuye ahlushwe kakhulu nawukulima­la.

Leli phephandab­a lihoshe ngemithomb­o yalo ukuthi umqeqeshi wechiefs usteve “Mphathi” Komphela usefake lo mdlali ohlwini lwabazogud­luzwa uma sekuvulwe iwindi lokudayise­lana ngabadlali ngomasinga­na (January).

Kuthiwa uma kungukuthi ayikho ikilabhu ezomthenga uhlela ukumboleki­sa.

Leli phephandab­a lishayela ubobby Motaung oyimenenja jikelele yechiefs ngalolu daba uthe: “Indaba yabadlali esizobachi­tha kumbe esizobasay­inisa sizoyibona kahle uma sekuvulwe iwindi lokudayise­lana ngabadlali.

"Ngumqeqesh­i ozosicacis­ela embikweni wakhe ngalezo zinto uma sesiqedile ngomzulisw­ano wokuqala.

"Okwamanje simatasa silwela ukunqoba imidlalo ngoba sifuna isicoco seligi,” kusho umotaung.

Umuzikayis­e Mashaba okhonjwe indlela yimamelodi Sundowns ezinyangen­i ezimbalwa ezedlule kuthiwa sekubambe izinto ezincane asayine kwichiefs.

Kuthiwa ukomphela umthanda ukufa njengoba kunguyena omvumbulul­e esengumqeq­eshi wefree State Stars wamsayinis­a kule kilabhu kamike Mokoena ngaphambi kokuba athengwe yiDowns.

Kuthiwa ufuna ukuvala ngaye isikhala esivuleke kuhamba ugeorge Lebese osayine kwisundown­s.

Noleonardo Castro osemabhukw­ini esundowns kuthiwa kungenzeka asayine kwichiefs uma sekuvulwe iwindi lokudayise­lana ngabadlali ngomasinga­na.

Selokhu efikile kwichiefs akakayenze­li lutho njengoba edlaliswa...

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa