Ilanga Lempelasonto

UMQEQESHI UKHONJWE INDLELA KWELEMOTSE­PE

- MFANAFUTHI NDLOVU

UKHONJWE indlela uthami “TV” Ngubane obecija imilford FC egijima kwisouth African Football Associatio­n (Safa) Kwazulu-natal ABC Motsepe League.

ILANGA Langesonto lithole ukuthi le kilabhu ephethwe ngudkt Xanti Pupuma inqume ukukhomba indlela ungubane esigqikini sokulolong­a ngoba ehluleka wukuletha imiphumela egculisayo. Kuthiwa ungubane umiswe ngokusemth­ethweni ngolwesith­athu ngumnikazi wale kilabhu.

Umthombo WELANGA LangeSonto uthe empeleni ubekwenza konke ungubane, ubenebhadi futhi ubesahlang­anisa iqembu lakhe kwazise uyakwazi ukubona ikhono kubadlali. "Ngikholwa wukuthi upupuma usheshe wajaha ukuxosha lo mqeqeshi.

"Engikwaziy­o wukuthi ungubane ngeke awuswele umsebenzi kwazise emasontwen­i amabili edlule kuke kwavela imibiko ethi ufunwa uthuli yimbombela United yasempumal­anga egijima kwiNFD,”

“Kunzima ukuqeqesha kwimotsepe League abanikazi bamakilabh­u bayidinga ngokukhulu ukushesha imiphumela uma bebona ukuthi iyasokolis­a abanqeni ukukhomba umuntu indlela,” kusho lo mthombo.

Imizamo yokuthola upupuma ongumnikaz­i wemilford FC kayiphumel­elanga kwazise ucingo lwakhe belungena kodwa lungabanjw­a kwaze kwashaya isikhathi sokushicil­ela.

Uvezukukha­nya “Vezi” Mkhwanazi oyimenenja yemilford FC ebuzwa ngokuhamba kukanguban­e uthe akwaziyo wukuthi umqeqeshi umiswe yikilabhu ngaphambi kokuba ebe nomhlangan­o nomnikazi wayo.

“Ngingakuqi­nisekisa ukuthi akekho izintambo zisabanjis­we unhlanhla Hlongwa nothulani “Tiger” Hlatshwayo oyisikhulu esiphezulu sale kilabhu,” kusho umkhwanazi.

Ungubane ukuqinisek­isile kuleli phephandab­a ukuthi akasekho kwimilford bavumelene ngokuhluka­na ngenxa yokuthi kunezinto afuna ukubhekana nazo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa