Ubandlululo ludla lubi kwezokugijima
LIBUKEKA liselikhulu igebe elikhona phakathi kwagijimi abamhlophe nabamnyama eningizimu Afrika.
Ngeledlule cishe zehla mi izinyembezi kimina ngihambele imiklomelo yecomrades Marathon yanonyaka ngesikhathi ingqwele yakuleli engeyokuzalwa KwazuluNatal ubongumusa Mthembu, ibalisa ngosizi lokungabi nabaxhasi yize ibizwa ngapha nangapha uma kunemicimbi.
Ukungaxhaswa kwabadlali abamnyama kuleli kudla lubi. Ngikhumbula nonyaka ngihambele isithangami sabezindaba lapho uludwick Mamabolo onqobe lo mjaho ngowezi-2012 ekhala ngokuswela abaxhasi.
Kuzokhumbuleka ukuthi umthembu ubesenqoba lo mjaho okwesibili njengoba enzile ngowezi-2014.
Kuyathusa ukuthi kuze kube yimanje umthembu akanayo ngisho inkampani eyodwa emxhasile ngaphandle kosizo aluthola ekilabhini yakhe i-arthur Ford athi yiyona kuphela emsizayo kuze kube yimanje.
Umthembu uthi ubandlululo ludla lubi kwezokugijima lapho enze isibonelo ngokuthi ubesenze konke nenkampani yezimoto IBMW nokuthe sekufanele ayosayina nale nkampani kwathiwa uxhaso kalusekho.
Lokhu kuyathusa ngoba ngesikhathi ucharne Bosman enqoba icomrades nyakenye abaxhasi bafike ubuthaphuthaphu kuyena beyomnikeza uxhaso, umehluko uba kuphi uma sekufanele kunikelwe umuntu omnyama? Ingabe umthembu ubandlulwa ngoba nakhu emnyama yini?
Ucamille Herron wase-united States of America (USA) obe yingqwele kwabesifazane nonyaka kwi-comrade ubale abaxhasi anabo abangaphezulu kwabayisihlanu kanti okubuhlungu wukuthi abanye babo yizinkampani zakuleli kodwa zihosha izinyawo uma sekufanele zifake imali kubagijimi abamnyama. Usayine-ilifetime sponsorship (okuwuxhalo lwangunaphakade) nabanye kodwa abakuleli abamnyama kucwebe iziziba.
Ngiyavumelana nomthembu uma ethi ubandlululo ludla lubi kwezokugijima kuleli.
Uma umnyama ukhishwa inyumbazane kanti uma umhlophe uphila impilo entofontofo.
Okubuhlungu kakhulu wukuthi kunamakilabhu amaningi ezokugijima akuleli akhipha eshisiwe imali elanda abasubathi bangaphandle ukuzobamba iqhaza emijahweni yakuleli kodwa abakuleli bebe belala emakubo bevuka ekuseni beyogijima bentula uxhaso.
Okungithusayo wukuthi angikaze ngibome umgijimi wakuleli egijima phesheya kwezilwandle ngemibala yelondon Athletics Club njengoba amakilabhu akuleli ebalanda emazweni abo abagijimi baphesheya abalalise emahhotela aphezulu kodwa abakuleli abakutholi lokho.
Imaxed Elite ibe yihlaya ngomunye unyaka ngesikhathi inikeza umncedisi Mkhize izinto zokugqoka ngesikhathi eseya kwabezindaba ngemuva kokungena nabokuqala abathathu kwicomrades.
Kunabasubathi abaningi abamhlophe abenze kahle kwezokugijima kodwa okusakhulunywa ngabo namanje kodwa abamnyama akwaziwa nokuthi bashonaphi.
Bambalwa abantu abaziyo ngempilo kasam Tshabalala obe ngumsubathi wokuqala omnyama ukunqoba icomrades Marathon ngowe-1989 kodwa ubruc Fordyce udume umhlaba wonke.
Ngenyanga edlule abadidiyeli beberlin Marathon benze into ebingalindelwe muntu befaka ubuso bukajosiah Thugwane kwizindondo zabo.
Uthugwane wabuya nendondo yegolide kuma-olympic ngowe1996 e-athlanta, e-united State of America kodwa akekho noyedwa owaziyo ukuthi wenzani kanti u-elana Meyer owabuya nendondo yesiliva ngowe-1992 uyinxusa emijahweni eminingi yakuleli.
Uma izinkampani zikwazi ukubiza abebala babe ngamaxunsa, umehluko uba kuphi uma sekufanele kubizwe abamnyama.
Ngisishayela ihlombe isenzo seboxer Athletics Club eyaphumela obala ngokuthi ngeke ikwazi ukwamukela abasubathi bangaphandle ukuba babe ngaphansi kwayo ngoba kumba eqolo ukubalanda emazweni abo bezogijima kuleli.
Siyafisa ukuthi kube noguquko endleleni okubukwa ngayo abasubantu abamnyama ngoba basuke behamba emzileni owodwa nabamhlophe.
Siyaqonda ukuthi likhulu igebe elikhona kwezomnotho phakathi kwabamanyama nabamhlophe kodwa kumele kuqhanyukwe neqhinga lokubhekelelwa kabamnyama ukuze bancintisane kahle nabamhlophe ngaphandle kokuzenyeza ngokuthi abanakiwe.