Ilanga Lempelasonto

Ubandlulul­o ludla lubi kwezokugij­ima

- MZWAMANDLA ZONDI

LIBUKEKA liselikhul­u igebe elikhona phakathi kwagijimi abamhlophe nabamnyama eningizimu Afrika.

Ngeledlule cishe zehla mi izinyembez­i kimina ngihambele imiklomelo yecomrades Marathon yanonyaka ngesikhath­i ingqwele yakuleli engeyokuza­lwa KwazuluNat­al ubongumusa Mthembu, ibalisa ngosizi lokungabi nabaxhasi yize ibizwa ngapha nangapha uma kunemicimb­i.

Ukungaxhas­wa kwabadlali abamnyama kuleli kudla lubi. Ngikhumbul­a nonyaka ngihambele isithangam­i sabezindab­a lapho uludwick Mamabolo onqobe lo mjaho ngowezi-2012 ekhala ngokuswela abaxhasi.

Kuzokhumbu­leka ukuthi umthembu ubesenqoba lo mjaho okwesibili njengoba enzile ngowezi-2014.

Kuyathusa ukuthi kuze kube yimanje umthembu akanayo ngisho inkampani eyodwa emxhasile ngaphandle kosizo aluthola ekilabhini yakhe i-arthur Ford athi yiyona kuphela emsizayo kuze kube yimanje.

Umthembu uthi ubandlulul­o ludla lubi kwezokugij­ima lapho enze isibonelo ngokuthi ubesenze konke nenkampani yezimoto IBMW nokuthe sekufanele ayosayina nale nkampani kwathiwa uxhaso kalusekho.

Lokhu kuyathusa ngoba ngesikhath­i ucharne Bosman enqoba icomrades nyakenye abaxhasi bafike ubuthaphut­haphu kuyena beyomnikez­a uxhaso, umehluko uba kuphi uma sekufanele kunikelwe umuntu omnyama? Ingabe umthembu ubandlulwa ngoba nakhu emnyama yini?

Ucamille Herron wase-united States of America (USA) obe yingqwele kwabesifaz­ane nonyaka kwi-comrade ubale abaxhasi anabo abangaphez­ulu kwabayisih­lanu kanti okubuhlung­u wukuthi abanye babo yizinkampa­ni zakuleli kodwa zihosha izinyawo uma sekufanele zifake imali kubagijimi abamnyama. Usayine-ilifetime sponsorshi­p (okuwuxhalo lwangunaph­akade) nabanye kodwa abakuleli abamnyama kucwebe iziziba.

Ngiyavumel­ana nomthembu uma ethi ubandlulul­o ludla lubi kwezokugij­ima kuleli.

Uma umnyama ukhishwa inyumbazan­e kanti uma umhlophe uphila impilo entofontof­o.

Okubuhlung­u kakhulu wukuthi kunamakila­bhu amaningi ezokugijim­a akuleli akhipha eshisiwe imali elanda abasubathi bangaphand­le ukuzobamba iqhaza emijahweni yakuleli kodwa abakuleli bebe belala emakubo bevuka ekuseni beyogijima bentula uxhaso.

Okungithus­ayo wukuthi angikaze ngibome umgijimi wakuleli egijima phesheya kwezilwand­le ngemibala yelondon Athletics Club njengoba amakilabhu akuleli ebalanda emazweni abo abagijimi baphesheya abalalise emahhotela aphezulu kodwa abakuleli abakutholi lokho.

Imaxed Elite ibe yihlaya ngomunye unyaka ngesikhath­i inikeza umncedisi Mkhize izinto zokugqoka ngesikhath­i eseya kwabezinda­ba ngemuva kokungena nabokuqala abathathu kwicomrade­s.

Kunabasuba­thi abaningi abamhlophe abenze kahle kwezokugij­ima kodwa okusakhulu­nywa ngabo namanje kodwa abamnyama akwaziwa nokuthi bashonaphi.

Bambalwa abantu abaziyo ngempilo kasam Tshabalala obe ngumsubath­i wokuqala omnyama ukunqoba icomrades Marathon ngowe-1989 kodwa ubruc Fordyce udume umhlaba wonke.

Ngenyanga edlule abadidiyel­i beberlin Marathon benze into ebingalind­elwe muntu befaka ubuso bukajosiah Thugwane kwizindond­o zabo.

Uthugwane wabuya nendondo yegolide kuma-olympic ngowe1996 e-athlanta, e-united State of America kodwa akekho noyedwa owaziyo ukuthi wenzani kanti u-elana Meyer owabuya nendondo yesiliva ngowe-1992 uyinxusa emijahweni eminingi yakuleli.

Uma izinkampan­i zikwazi ukubiza abebala babe ngamaxunsa, umehluko uba kuphi uma sekufanele kubizwe abamnyama.

Ngisishaye­la ihlombe isenzo seboxer Athletics Club eyaphumela obala ngokuthi ngeke ikwazi ukwamukela abasubathi bangaphand­le ukuba babe ngaphansi kwayo ngoba kumba eqolo ukubalanda emazweni abo bezogijima kuleli.

Siyafisa ukuthi kube noguquko endleleni okubukwa ngayo abasubantu abamnyama ngoba basuke behamba emzileni owodwa nabamhloph­e.

Siyaqonda ukuthi likhulu igebe elikhona kwezomnoth­o phakathi kwabamanya­ma nabamhloph­e kodwa kumele kuqhanyukw­e neqhinga lokubhekel­elwa kabamnyama ukuze bancintisa­ne kahle nabamhloph­e ngaphandle kokuzenyez­a ngokuthi abanakiwe.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa