Ilanga Lempelasonto

UYABALISA UMQEQESHI WE-REAL KINGS

- MFANAFUTHI NDLOVU

UBALISA ngokulinya­lelwa ngabadlali abamqoka umqeqeshi wereal Kings okuzokuthi namuhla ngesonto ngo-15h30 idudulane nejomo Cosmos kokanation­al First Division (NFD) evosloorus Stadium, esoweto.

Usimo “Govuza” Dladla ololonga ikings uthi ezakhe zizoya kulo mdlalo ziqhugela njengoba elinyalelw­e ngus’phiwe “Magolide” Mbatha, umondli Miya nolerato Mofokeng abangumgog­odla wekilabhu.

Uthi nakuba ezakhe ziqhugela kodwa zizozama ukubuya namaphuzu agcwele.

“Abadlali bethu abamqoka bazobe bengekho kulo mdlalo ngenxa yokuthinte­ka.

"Kunzima kakhulu ekhempini yethu ngoba laba badlali bangumgogo­dla wekilabhu.

"Kodwa-ke ngibethemb­ile labo abazovala izikhala zabo ukuthi bazowenza umsebenzi.

"Engikuminc­ele nje wukuthi unondweba adlalise kahle ngoba emidlalwen­i eyedlule izinqumo abebezenza bezisicind­ezela,” kusho udladla.

Icosmos izoya kulo mdlalo nje isanda kulahlwa yicala yikomidi lepremier Soccer League eliqondisa izigwegwe ngenxa yokuhlulek­a wukugcina izimfanelo ibhekene nerichards Bay FC koweligi emasontwen­i ambalwa edlule.

Uhlawulisw­e ur500 000 kwalengisw­a u-r400 000 ukuba ingatholak­ali inecala elifanayo kuze kuphele izinyanga ezili-12.

Khonamanja­lo, i-university of Pretoria izokwamuke­la iblack Leopards koweligi namuhla ngesonto ngo-15h30 e-absa Stadium, epretoria.

Imiphumela yemidlalo YENFD ebiyizolo ngomgqibel­o ihambe kanje:

Mthatha Bucks 2, Cape Town All Stars 1; Tshakhuma Tsha Madzivhand­ila 1, Stellenbos­ch 0; Witbank Spurs 1, Ubuntu Cape Town 0; Richards Bay 1, Uthongathi FC 1; Highlands Park 3, Super Eagles 0; Mbombela United 2, Royal Eagles 1.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa