Ilanga Lempelasonto

UMBHALI UPHIKA UKUSABALAL­ISA INCWADI NGAMANYALA KAZUMA

- INTATHELI YELANGA LANGESONTO NENEWS24

UMBHALI wencwadi esuse okukhulu ukukhuluma esihloko sithi 'The President’s Keepers', eveza amanye amanyala ngoMengame­li wezwe umnu Jacob Zuma useziqhele­lanisile nezinsolo zokuthi nguye oseyisabal­alise ezinkundle­ni zokuxhuman­a.

Ukusabalal­a kwale ncwadi ezinkundle­ni zokuxhuman­a kulandela ukuba istate Security Agency (SSA) iphoqe ukuba le ncwadi imiswe ukudayiswa ezitolo.

I-SSA ithumelele incwadi umnu Pauwn owabe eyintathel­i ephenyayo, nabashicil­eli bale ncwadi yakhe INB Publishers, ibatshela ukuthi okuvele kule ncwadi kuphambene nomthetho i-intelligen­ce Service Act.

Umnu Pauwn uthe akuyena nhlobo osabalalis­e le ncwadi, wathi ngeke akwenze lokho ngoba ukholwa wukuthi ngeke ivalwe le ncwadi.

Utshele abenews24 ukuthi akaboni ukuthi ISSA izophumele­la esicelweni sayo sasenkanto­lo sokuba imiswe le ncwadi wathi ngalokho akanasizat­hu sokuba ayisabalal­ise ezinkundle­ni zokuxhuman­a. Ikhophi yale ncwadi isabalale izolo kuwhatsapp, abantu bethumelel­ana ngayo njengoba nezintathe­li ZELANGA zinayo.

Ngolwesihl­anu abenb Publishers bakuqinise­kisile ukuthi bayitholil­e incwadi YESSA ebibaphoqa ukuthi bayikhiphe le ncwadi ezitolo, futhi basuse izingxenye ezithile zokubhalwe kule ncwadi.

I-SSA isabise ngokuya enkantolo iyofuna isivimbelo senkantolo sokuba INB Publishers ingaqhubek­i nokusabala­lisa, wukugaya nokushicil­ela le ncwadi uma benqaba ukuyikhiph­a ezitolo.

Umnu Pauwn uphinde waphika ukuthi ngabashici­leli abayisakaz­e ezinkundle­ni zokuxhuman­a.

Uthe le ncwadi okunqakisw­ana ngayo ezinkundle­ni zokuxhuman­a isukela kuleyo edayisa kwi- internet ( e-book version).

Uthi kuyacaca ukuthi kukhona oyithengil­e kwi- internet, wase eyishintsh­a eyenza I-PDF, wayisabala­lisa.

Khona manjalo abenb Publishers bazise umphakathi ukuthi incwadi ayimisiwe, bathi bayaqhubek­a nokuyigaya ukuze babhekane nomthamo ophezulu wabantu abayidinga­yo.

Phakathi kwamanye amanyala avela kule ncwadi kukhona athi kunezizumb­ulu zemali ebitholwa ngumengame­li Zuma kwinjinga yasethekwi­ni njalo ngenyanga, angazange ayibike kubaqoqi bentela isouth African Reserve Bank (SARS).

Umengameli Zuma uphike wama ngentaba, ethi lokhu kungamanga aluhlaza cwe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa