Ilanga Lempelasonto

Kugxekwe uhulumeni kuzalwa umnisi

Umnisi unconywe ngamagalel­o akhe okusiza umphakathi ontulayo

- knowledge.simelane@ilanganews. co.za KNOWLEDGE SIMELANE

UPHENDUKE inkundla yokugxeka uhulumeni umgubho wosuku lokuzalwa lwesiqumam­a esingusoma­bhizinisi owaziwayo kuleli umnu Jacob Mnisi (50) wasesifund­azweni sasempumal­anga ngesikhath­i amakhosi esina ededelana ewugxeka ngokuthi ubukela phansi ubuholi bomdabu.

Lo mgubho ubuwenzelw­e endaweni yabadla izambane likapondo emelrose, egoli, ngolwesihl­anu, uhanjelwe yizingonya­ma zezizwe ezintathu zaleli zwe, ziphelezel­wa ngamakhosi, kukhona osaziwayo emikhakhen­i eyahlukene - wezamabhiz­inisi nowezikaqe­disizungu.

Bekulindel­eke ukuba kube khona isilo samabandla ugoodwill Zwelithini - nokho inkulumo yakhe ifundwe ngumntwana uthulani Zulu.

Izikhulumi eziningi zituse igalelo likamnu Mnisi ekusizeni imiphakath­i ehlwempu ngokungakh­ethi zifundazwe.

Umnu Mnisi ubegubha iminyaka engama-50 abona ilanga, umcimbi ewuhlangan­ise nokwethulw­a kohlelo lokusiza umphakathi alubiza ngeJ4joy Foundation & Production, kanye nokwethulw­a kwamazwibe­la encwadi yakhe esihloko sithi “17-12” engakaphel­i ukulotshwa.

Ubonge bonke abantu abebemzima­zisile kulo mcimbi obudle ngobukhazi­khazi, wabe esekha phezulu ngokuquket­hwe yincwadi yakhe esho ukuthi wawa ka-17 eminyakeni eyi-12 kepha wavuka wazithatha.

Uthe uphokophel­e ukusebenzi­sana namakhosi kubuyiswe isithunzi sawo, kulekelelw­e umphakathi ezidingwen­i zawo.

Umemezele ukuthi useqoqe amaphaketh­e egilosa angaphezu kwezi-7 000 azowahambi­sa kwabadinga­yo kungekudal­a.

Umnu Graham Andrews ongumelule­ki wezezimali kamnu Mnisi utshele izihambeli ukuthi umnu Mnisi uqale ibhizinisi lakhe eqokelela imali engama-r500 ngenyanga njengoba namuhla esebalwa nosozigidi abanemali engaphezu kweziR140 million.

Kube sekufika ethubeni lokuba kukhulume izingonyam­a, kwathi umphathi wohlelo umnu Thulani Nkwanyana odume ngelika Dr 3 Seconds wokhela umlilo ngokuhloko­za udaba lokungahla­ngani kwamakhosi alwele isithunzi sawo.

Kuqale ingonyama yakwaxhosa uking Ahaah Zwelonke Sigcawu, ohlabe ikhwelo emakhosini nakwizingo­nyama zonke ukuba zihlangane zibe munye, zilwe nokucindez­elwa kwazo wuhulumeni ophethe njengamanj­e.

Uze walinganis­a ngokuthi amakhosi awasenazwi emihlabeni yawo, wathi sekukhonya omasipala.

Ingonyama uking Makhosonke Mabena wesizwe samandebel­e naye ugcizelele ukuba izingonyam­a zihlangane ziyocobele­la ulwazi engonyamen­i yesizwe samazulu njengoba kuyiyo yodwa esibuse iminyaka eminingi.

Inkosi yesizwe samaswazi empumalang­a utikhontel­e Dlamini kube sengathi uthelwe ngezibonko­lo ngesikhath­i ekhwela edilika kuhulu- meni, elanda umlando wokuthi ngesikhath­i kutholakal­a inkululeko ngonyaka we-1994 ababuya ekudingisw­eni babelibeka ngembaba elokuthi azoqedwa nya amakhosi.

“Kwathiwa phansi ngamakhosi phansi.

"Pho thina silindeni ngoba ngabe siyababiza laba abaphethe umbuso sikhulume ngazwi linye sibatshele ekhaleni izikhalo zethu?

"Ngiyasesek­a nesiphakam­iso sokuthi ngonyaka ozayo ngenyanga kanhlolanj­a (February) kube nohlelo lokuba kuyohlanga­nwa esilweni samabandla sisicobele­le ngolwazi,” kusho yena.

Uhlelo belubonaka­la ukuthi bekulindel­we ukuba khona koNgangezw­e lakhe kangangoba bekuqanjwe namaculo athinta yena, kulungiswe nezibongo.

Bekunandis­a ikwaya elikhulu lesouth African Broadcasti­ng Corporatio­n (SABC) eliholwa nguthulasi­zwe Nkabinde.

Umntwana uthulani ufunde inkulumo yesilo ebimfishan­e lapho isilo sincome umnu Mnisi ngokupha, sabe sesikhutha­za abantu ukuba bawusebenz­ise umhlabathi.

Unina kamnu Mnisi unkk Violet Mnisi ubekhona nomndeni wakhe. Nabezindab­a bebefike ngobuningi babo, kuwububeny­ebenye amakhamera.

Izidlo bezibondiw­e. Usipho Hotstix Mabuse naye ugubhe usuku lwakhe lokuzalwa kanye nomnu Mnisi.

Ushanty nonaledi bashaye into ecokeme ngomculo wabo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa