Ilanga Lempelasonto

UMAKHABANE UBABAZA INGOMA AYENZE NOMTUKUDZI

- LUCKY CAIN

INKAKHA yomculo wokholo usipho Makhabane ayiwuvali umlomo ngengoma ayenze nesihlaban­i sejazz u-oliver Mtukudzi odabuka ezimbabwe. Umakhabane ongomunye wabaculi abahlonish­wayo kulo mkhakha uthi ukusebenza nomtukudzi kufana nesibusiso empilweni yakhe njengoba sekunesikh­athi enesifiso sokusebenz­a naye.

“Uyabona ukusebenza nomuntu osezingeni likamtukud­zi kusho lukhulu kimina ikakhuluka­zi njengoba umsebenzi wakhe waziwa emazweni amaningi,” kusho umakhabane ngesikhath­i ephawula nge-albhamu yakhe entsha asanda kuyikhipha esihloko sithi “Sinekhaya”.

Uthi ingoma esihloko sithi “Tinokenda” ekule albhamu abantu bazoyithok­ozela kakhulu njengoba eyihlangan­yele nomtukudzi. Umakhabane uke wamemezela ukuthi usethi khumu emculweni eminyakeni emibalwa eyedlule kodwa ushaye ingwiji ngemuva kwengozi yemoto emehlele ecishe yathatha umphefumul­o wakhe.

“Ngemuva kwengozi ngibonge umdali ngokungini­ka elinye ithuba empilweni kanti ayikho enye indlela ebengingak­hombisa ngayo ukumbonga ngaphandle kokuba ngiqhubeke nokudumisa igama lakhe ngendlela engiyaziyo, okuwukuhla­belela nokuyinto engithathe yangibeka kwibalazwe lomhlaba,” kusho yena.

Lena yi-albhamu yesibili ngemuva kwengozi kanti uthi usazoqhube­ka nokukhipha amanye ama-albhamu njengoba sekuyoze kulamule igodi. Umakhabane onenkampan­i ibig Fish Music uyaziwa ngokuseben­za nenqwaba yabaculi kanti usekhiqize inqwaba yabaculi kulo mkhakha njengoba phakathi kwabo kubalwa uhlengiwe Mhla- ba, Thobekile, Shongwe and Khuphuka nabanye abaningi.

"Useke wahlabana nangezindo­ndo ezahlukene okubalwa kuzo ezamasouth African Music Awards, Crown Gospel Awards nezinye zakwamanye amazwe. Phakathi kwezingoma adume ngazo kubalwa “Devil Is A Lier”, “Ebenezer”, “Vuso Wakho” ayicula nojabu Hlongwane nezinye.

lucky.cain@ilanganews.co.za

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa