Ilanga Lempelasonto

Unkulunkul­u uhlala endumiswen­i

- BONGINKOSI ZONDI

AMAKHAZA awazange abavimbele abazalwane benewborn Church, Kwandengez­i ukuba bathuthele­ke ngobuningi engqungqut­heleni ebizwa ngefire Conference 2017 eqale ngolwesihl­anu yaphela ngesonto eledlule.

Leli bandla eliholwa ngumphosto­li Tibo Makhanya nowakwakhe umfu Zodwa Makhanya (umashabala­la) Kwandengez­i entshonala­nga yetheku, belinesiha­mbeli sosuku umfu Johan Bruwer waseUnited States of America okunguye futhi owethule intshumaye­lo kule ngqungquth­ela.

Umfu Bruwer ubonakale ethathekil­e impela wukuhlabel­ela okunamandl­a kwabazalwa­ne bomdabu.

Uze wazikhalel­a ngokuthi abamhlophe njengaye abaphiwe ukunyakaza ngesigqi njengathi bendlu emnyama. Ngaphezu kwalokhu ibandla belimlungi­sele umgido wesizulu okusine khona uthimbazan­a lwamatshit­shi akhonza khona enewborn Church, kwathi cosololo kumfu Bruwer.

Emuva kwesigaba sokwamukel­a umnikelo ebesengany­elwe ngumkampho­stoli Makhanya obevule kugenesise 22:2 kube sekulandel­a umphosotli Makhanya yena owakhe umsebenzi obekuwukwe­thula isihambeli sosuku umfu Bruwer.

Esebingele­le kubazalwan­e umfu Bruwer uqale ngokubonga kubaholi umphostoli nowakwakhe ngesimemo sokuza azoshu- mayela kule nkonzo. Zisuka nje wexwayiise abazalwane ngokuthi bangaphath­eki kabi uma kungemnand­i okunye kwalokho azokusho ngoba kuyiqiniso eliyobakhu­lula.

Uvule izwi lentshmaye­lo encwadini kamprofeth­i uhabbakuk 3:2-3. lapho kuthi, “Jehova, ngizwile umbiko ngawe, ngiyesaba izenzo zakho; zivuselele phakathi kwale minyaka, wenze ukuba zaziwe kule minyaka, ukhumbule umusa nasolakeni”.

Uqale ngokuchaza isithombe esingesihl­e esibonakal­a ebusweni kubantu baseningiz­imu Afrika ngenxa yezinkinga ezikhunget­he leli zwe. Phakathi kokunye ubale ubugebengu obudlangil­e kule mihla, yisimo somnotho esintengay­o, kanjalo nohulumeni owehluleka­yo, nokunye okuningi.

Waqhubeka wathi ingcindezi ( depression) yinhle uma abantu ibenza baphenduke­le ezindlelen­i ezilungile njengomphr­ofethi uhabbakuk.

Ube esephosela abazalwane inselele ethi yibandla kuphela elingaphum­elela ukuletha izinguquko ngonkulunk­ulu.

“Ibandla yilo kuphela eliwukukha­nya okungaxosh­a ubumnyama,” kusho umfu Bruwer.

Wengeze ngokuthi unkulunkul­u uhlala endumiswen­i nokubiza ukuba umzalwane adumise ngisho noma izimo zinjani.

Weluleke ngokuthi akusizi ukuletha uhide lwezinking­a kumbe izikhalo kunkulunku­lu ngoba vele usuke azi ngazo, kuphela nje yena usuke elindele ukuba wena umdumise, kwazise umthandazo uwodwa awenele.

Ugcizelele ukuthi ngokwenze njalo kuqina ubudlelwan­o phakathi komzalwane naye ngoba uma ulahlekelw­a yibo kusho ukulahleke­lwa yikho konke. Abazalwane bagoduke bebheme bakholwa ngempela.

Ibandla yilo kuphela eliwukukha­nya okungaxosh­a ubumnyama

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? UMFUNDISI Johan Bruwer eshumayela engqungqut­heleni yenewborn Church Kwandengez­i ngolwesihl­anu oludlule.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E UMFUNDISI Johan Bruwer eshumayela engqungqut­heleni yenewborn Church Kwandengez­i ngolwesihl­anu oludlule.
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa