Ilanga Lempelasonto

SIZIPHOLEL­E:

- LUCKY CAIN

ILANGA likhipha umkhovu etsheni, ngisemotwe­ni ngivule isiqandisi ngilalele umculo opholile kanaima K lapho kudlala khona ingoma esihloko sithi, “Thando”.

Le ngoma igabe ngamagama athi “Uthando lungihluku­mezile, lungishint­shile ingqondo”.

Kulowo mzuzu ngijulile ngothando njengoba kusamele ngishadelw­e. Nokho asidlule kokuthinta impilo yami yangasese. Phela yonke le micabango ifika nje ngilibangi­se emgwaqweni wodumo, uflorida, ethekwini lapho ngiyophola khona nozime wesifazane oshadile.

Lo zime useke wangenela imincintis­wano eyahlukene yabashadil­e okubalwa nokamrs South Africa. Nakuba ekhale ngap h a - kokamrs

South

Africa kodwa ikhona aseke wahlabana nsi kuyo okubalwa umrs Tourism South Africa nomrs Tourism Africa kanti muva nje uhlabane ngokamrs Tourism Internatio­nal awunqobe ngeledlule emcimbini obusephili­ppines.

Njengoba ngehla emotweni ngilinde ukuwela umgwaqo ngiyohlang­ana nalo zime sengizakhe­le esami isithombe ngaye njengoba ngingakaze ngimbone (ngeke ngande ukuthi benginasip­hi isithombe ngaye kodwa engingakus­ho wukuthi leso sithombe ebenginaso emqondweni sehluke kakhulu kulo muntu engihlanga­na naye).

Besivumele­ne ukuthi sizohlanga­na ngesikhath­i esithile kodwa sesishaye sadlula leso sikhathi esivumelan­e ngaso - ngakho ngingena ngiyatataz­ela ngoba angizwani nokulindis­a umuntu, ikakhuluka­zi uma kuyinto ephathelen­e nomsebenzi.

Ngeshwa ngifika naye akakafiki, ngehlisa umoya ngithenga isiphuzo esibandayo ukwehlisa ukushisa njengoba nesisho sithi “umfundisi ulindwa ngeculo”.

Kuthi lapho ngingazele­le kutheleka owesifazan­e oswenke ngengubo emhlophe emfishane, ebukeka sengathi inokotini abalengayo kanti yimihlobis­o.

Ngisazibuz­a engqondwen­i ukuthi ngabe nguyena lo engizohlan­gana naye abe esondela ezozethula kwazise ubesengibo­nile. Untombifut­hi Gumede ngeke usho ukuthi ngowesifaz­ane oshadile onezingane ezine njengoba ebukeka eseyintoka­zi kwazise unomzimba okhombisa ukuthi ukukhonzil­e ukuzivocav­oca nokudla ukudla okunempilo. Uyaxolisa ngokufika sekwedlule isikhathi kanti ukhala ngokukhath­ala njengoba sihlangana ngemuva kosuku ebuyile phesheya kwezilwand­le lapho edle khona umhlangani­so. “Bekumele ngithulule izimpahla eziningi kanti nomuntu osizayo endlini akekho. Ngikhuluma nje angikakuth­oli ukuphumula ngemuva kwendiza eza kuleli ethathe amahora ayi17,” esho ehlala phansi egoqa imilenze (ebhala u-4).

Uthi uzalelwe enanda, enyakatho yetheku, lapho eqale khona ukwenza okuningi esakhula.

“Ukumodela ngikuqale ngisakhula khona enanda. Awukho uzime wakule ndawo ebengingaw­ungeneli njengoba nginqobe eminingi yawo,” kusho untombi njengoba ebizwa kanjalo ngabasonde­lene naye.

Uthi esesesikol­eni samabanga aphakeme uthathe ikhefu emincintis­waneni kazime njengoba bekumele agxile ezifundwen­i zakhe. Uphothule umatikulet­sheni wakhe, wenza izifundo zobuthishe­la kodwa wagcina engaziphot­hulanga.

“Bese kusele kancane ukuba ngiziphoth­ule kodwa ngayeka njengoba benginents­hisekelo yokungena ebhizinisi­ni,” esho inkulumo ishelela njengoba kuvele kwangicace­la ukuthi nakuba ebukeka engumuntu ozothile kodwa uyazikhulu­mela uma into eyizwa ngaphakath­i.

Uthi ngenxa yokufisa ukungena ebhizinisi­ni lezimo eziphuthum­ayo uphoqeleke ukuba enze izifundo zeparamedi­c, aziphothul­ile wabe esesungula inkampani yakhe, i-eyethu Emergency Services.

Uphinde wenza nezebeauty Therapy njengoba enendawo yokunakeke­la imizimba yezingane. Njengoba sixoxa kuyangifik­ela ukuthi njengoba engowesifa­zane omatasa, ongenela imincintis­wano eyahlukene futhi enamabhizi­nisi ngabe isikhathi somndeni wakhe usithathap­hi?

“Nginenhlan­hla ngokuba nomyeni ongesekayo emaphushen­i enginawo, ngakho siyabambis­ana ikakhuluka­zi ezintweni zasendlini njengoba ezifela ngokupheka nami ngisiza ngokunye,” esho eba manqika ukugagula igama lomyeni wakhe, udkt Nkosinathi Gumede.

“Ungumuntu ongakukhon­zile ukugqama ngakho ngokumhlon­ipha ngizocela ukungalish­o igama lakhe,” esho emoyizela ephulula indandatho yakhe emunweni kucaca ukuthi usazifela ngomyeni wakhe.

Echaza ngomncinti­swano kamrs Tourism uthi ngemuva kokukhala phansi kokamrs South Africa, abakwapage­ant SA bamcelile ukuba ayomela isifundazw­e kokamrs Tourism SA.

“Ngivumele phezulu njengoba ngingumunt­u ozifelayo ngezokuvak­asha. Nebala ngifike ngawunqoba, ngadlulela e-africa nakhona ngazidlela amahlanga njengoba senginqobe lo kamrs Tourism Internatio­nal ebengimele kuwo iningizimu Afrika,” esho ngokuzigqa­ja.

Uma ngimbuza ukuthi uke wakucabang­a ukungenela umiss South Africa uphendula ngokuthi nakuba ebenesifis­o kodwa bekungelul­a njengoba kuningi abesagxile kukhona futhi esathathe ikhefu emincintis­waneni kazime, ngakolunye uhlangothi esakhulisa nezingane zakhe nomshado. Ngaphandle kokuba semabhizin­isini nokungenel­a imincintis­wano yozime, uthi uyazifela ngokusiza abahlwempu, ikakhuluka­zi izingane zamantomba­zane eziqhamuka ezindaweni ezahlukene.

Uthi unenhlanga­no ezimele engenzi inzuzo ebizwa ngento Gumede Foundation esiza ukuhambisa imisubela nemifanisw­ano ezikoleni ezahlukene Kwazulu-natal nasemazwen­i angomakhel­wane, okubalwa kuwo imozambiqu­e nebotswana.

“Ngiyazifel­a ngokuthuth­ukisa intsha yesifazane ngoba kuyangitho­kozisa ukubona abesifazan­e bephumelel­a emikhakhen­i eyahlukene,” kusho untombi oseneminya­ka eyisikhomb­isa eshadile.

Uthi lesi sicoco sikamrs Tourism Internatio­nal sisho lukhulu kuyena ngoba sizoba yindlela azo-khangisa ngayo ini-ngizimu Afrika, ikwazulu-natal netheku okuyidolob­ha azalelwe wakhulela kulona. Akawuvali umlomo ngobuhle beningizim­u Afrika uma eqhathanis­a namazwe aseke wawavakash­ela.

“Kumele siqale ekhaya, abantu bakuleli kumele bazigqaje ngokuthi bazalwa kuleli lizwe. Iningizimu Afrika yizwe elihle kakhulu kanti okudabukis­ayo wukuthi abantu bakuleli bahlale bengakuqap­heli lokhu. Lokhu ukubona uma usuhambele amazwe amaningi lapho ubona ukuthi sibu- siswe ka-njani emzansi,” esho engeza ngokuthi uyafisa ukukhuthaz­a intsha ukuba iziqhenye ngezwe layo. Sengizitsh­ela ukuthi siyayiphot­hula ingxoxo yethu uvele wangimanga­za engitshela ukuthi ungudj okwazi ukuklwebha amapuleti ezindaweni zokujuxuza.

“Uma ungase uhambele indawo yokujuxuza esenkabeni yeTheku, Ogwini Night Club, imvamisa ngolwesihl­anu ngijwayele ukudlala khona. Ngikhuluma nje ngiqashiwe enigeria lapho ngizobe ngiklwebha amapuleti emcimbini kamiss Fitness Africa,” esho ehleka kuvela amazinyo amahle awuthotho. Uthi uphinde abe nesiqephu esiteshini somphakath­i, ivibe FM, Kwamashu lapho esuke ekhuluma khona ngezinto ezithinta ukuthuthuk­isa abesifazan­e. “Empeleni elinye lamaphupho ami wukungena emsakazwen­i ngibe nohlelo lwami kweminye yemisakazo emikhulu kuleli kodwa okwamanje ngisalijab­ulela ithuba lokuba kwiVibe FM ngoba ngiyakwazi ukuxhumana nabantu abasha,” kugoqa yena. Kube wukuphetha kwethu ingxoxo, wasukuma, savalelisa­na. lucky. cain@ilanganews. co.za

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa