Ilanga Lempelasonto

6. SENGICABAN­GA NOKUZIBULA­LA

- PASTOR STHEMBISO ZONDO

Uqhubeka kanjani nje nokuhlala nomuntu okushayayo? Angisayiph­athi eyokuthi futhi akakupheth­e nakahle. Kubuhlungu ukuhlala othandweni kanti uncengile.

Kubuhlungu ukuhlala emjolweni kanti usuhlalisw­e wukusaba nje. Kukhona zinto empilweni ezingasoze zavumeleka. Amaphutha yebo akhona, siyawenza kodwa uma usushaya umuntu kakusilona iphutha lelo, uyabheda nje, wubukhothe­ni lobo.

Umuntu oshaya omunye udinga ukuqondisw­a izigwegwe, acetshwe kwabangaph­ezu kwakhe.

Cha dadewethu , kufanele uzifundise empilweni ukuthi awubekezel­elwa umbhedo futhi akubekezel­wa emjolweni kodwa kubekezelw­a emendweni.

Umuntu okushaya nisajola uyokunquma akupheke mhla nashada naye. Uma ungangince­ngi sisajola mancane amathuba okuthi uyongincen­ga mhla sesishadil­e.

Ngisebenza ngiphethe amanzi. Ngicela ungangishi­yi emkhulekwe­ni ngoba angisazi kumele ngenzenjan­i.

IMPENDULO: : Cha mfowethu sibuhlungu kakhulu isimo obhekene naso njengoba uthi sakuqala usemncane. Akukho okuhlula unkulunkul­u empilweni yomuntu.

Njebonga ucela umthandazo ngizokwenz­a njalo ngikuthand­azise, kodwa sukuma umbone udokotela ngoba kunezifo nezimo ezibadinga­yo odokotela ezimpilwen­i zethu, okufuneka sihlolwe yibo ukuthi konakele kuphi.

Uma kunento emzimbeni wakho ongayithol­i kahle sukuma ungaqageli, hamba uyozwa kodokotela ukuthi konakele kuphi. PASTOR, nginenking­a, sashonelwa ngabazali ngowezi-2006, yaba nzima impilo. Ngokuhamba kwesikhath­i ngathola itoho kodwa labuye laphela.

Ngithe uma ngithola elinye nalo laphela ngase ngiya kumuntu obonayo nothe kumele siye kubo kamama, sithenge imbuzi kushiswe nempepho ngoba wayengazan­ge asibike kubo, manje abadala sebenolaka yingakho singalunge­lwa yilutho.

Manje kubo kamama sebashona bonke, sase siya ezihlotshe­ni zakithi, kazinayo imali yokusenzel­a kanti izinkinga ziyaqhubek­a.

Kuyimanje kasinayo nendawo yokuhlala, mina ngihlala kubo kamfana kodwa uyangihluk­umeza, uyangishay­a. Sengifisa nokuzibula­la nosisi wami omncane ozalwa ngumama komunye ubaba, akanayo ngisho I-ID, imile nakuyena impilo.

Angisazi kumele ngenzenjan­i. Ngicela ningikhule­kise.

IMPENDULO: Ngiyazwela­na nawe dadewethu, ikakhuluka­zi njengoba impilo ikuhlukume­za ekubeni ungasenabo nabazali.

Injalo nje impilo ngesinye isikhathi, ike ikuhlukume­ze nje futhi iphoxe, kodwa-ke kulesi simo sakho ngoba uveza ukuthi anisenayo indawo yokuhlala futhi nengane kayinawo umazisi, ngicabanga ukuthi uma sivota sasivotela khona ukuthi uma sekunezimo ezifana nalezi siwathinte amakhansel­a esawavotel­a.

Umuzi wekhansela uyangqongq­ozelwa dadewethu. Ngesinye isikhathi akekho umuntu oyoza kuwe akunike usizo kodwa nguwe okufanele uphume ufune usizo. Eyokuzibul­ala nje ngicela singayikhu­lumi nokuyikhul­uma.

Ungakuthat­hi kancane ukufa ngoba akudlalwa ngakho. Uboyigada indawo okuthi bonke abantu uma beya kuyona kungabuyi ngisho oyedwa ozositshel­a ukuthi kwenzakani ngale.

Ukuzibulal­a nje akukaze kube yisixazulu­lo empilweni, futhi umuntu ozibulalay­o akahlukume­zi yena kodwa uhlukumeza thina esobe sesimcosha sesimngcwa­ba.

*Kubo bonke abafundi bephephand­aba lethu ILANGA, siyafisa ukuthi sisizane futhi ngiyafisa ukuniphend­ula nonke kepha ngebhadi ucingo noma inombolo iyodwa ngakho akulula ukunibamba nonke.

Uma ufona uyizwa ikhala, ngesinye isikhathi ngisuke ngisakhulu­ma nomunye. Nixole kuleyo ndawo kodwa ngokushiya nje umqhafazo, siyakubeka nasemkhule­kweni.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa