4. UHLALE ENGISHAYA UMUNTU WAMI
Ngiyafisa ukwazi ukuthi empilweni yini le edala ukuba abantu bandawonye baxabane kangaka futhi bexatshaniswa wubala nento engekho.
Ngesinye isikhathi dadewethu/ mfowethu engingakusho wukuthi ngeke sabalawula abanye abantu kodwa singazilawula thina, futhi ngeke ubavale umlomo abantu abakhulumayo kodwa ungawuvala owakho umlomo.
Ngesinye isikhathi kuyakhokhela futhi kunenzuzo kuza nesibusiso esikhulu ukuhlonipha abantu bakini noma kungasavumi ngoba ikini yindawo oqeqeshelwa kuyo ukuhlala nokuphatha kahle ikwakho.
Ngesinye isikhathi uyokwazi ukubekezela kwakho ngoba wakwazi ukubekezela kini. Ngesinye isikhathi kuyaye kube khona izinto eziwumsangano ezenzeka emakhaya ethu kanti zisiqeqeshela ukuba sikwazi ukuphatha nokubamba imizi yethu.
Uma ubaba wakho engenzi kahle, uqeqeshelwa ukuba ukwazi ukuhlala nendoda kwakho noma ibheda. Uma ukwazi ukubekezelela abafowenu nodadewenu noma bebheda uyokwazi kusasa ukubekezelela izingane zakho noma zingenzi kahle ngoba waqeqesheka kahle kini. manga, wangithuka engibiza ngamagama wonke nangenyumba. Angazi ngithini ngoba kuyacaca uthanda ukuzwa kakhulu ngabantu.
IMPENDULO: Kubuhlungu ukubona abantu abadala nabantu abathandanayo bebanga into engekho othandweni, futhi kubuhlungu ukubona abantu abathandanayo becasha ngesithupha bengafuni ukukhuluma iqiniso komunye nomunye.
Bengofisa othandweni sengathi uma umuntu esenqumile ukungakuthandi akutshele, angalokhu esho ezinye izinto eziseceleni.
Ngisho ngoba akekho umuntu ongakunyanyela ukuthi uphethe kahle izingane zikadadewenu kahle kangaka ukuthi uze uzibize ngezakho njengoba esashona nje.
Cha dadewethu hlalani phansi nixoxe nomuntu wakho ukuthi uma esathanda nibe ndawonye. Iqiniso nje limile, lithi izingane njengoba udadewenu esashona nje sezaphenduka kwangathi ngezakho. Uma nixatshaniswa yileyo nto nizoshonelwa yilanga othandweni lwenu. PASTOR, nginenkinga lapha, umuntu wami akangiphethe kahle, uhlale engishaya. Ngenzenjani?
IMPENDULO: Empilweni kawukho umsangano engake ngawubona njengokubona umuntu empitshwa yisicathulo kodwa elokhu ebuzana nathi ukuthi aqhubeke yini nokusigqoka. PASTOR, ngineminyaka eyi-18. Nginobuthongo obungalawuleki nobangiqala ngisese-primary school, ngaze ngaqeda isikole.
Ngiyathandaza kodwa kakulungi, angazi ngizoqhubeka kanjani nokufunda uma kunje nokuthi ngizosebenza kanjani uma sengithola umsebenzi ngoba bufika noma ngimile.