Ilanga Lempelasonto

4. UHLALE ENGISHAYA UMUNTU WAMI

- 5. NGIYAFA WUBUTHONGO

Ngiyafisa ukwazi ukuthi empilweni yini le edala ukuba abantu bandawonye baxabane kangaka futhi bexatshani­swa wubala nento engekho.

Ngesinye isikhathi dadewethu/ mfowethu engingakus­ho wukuthi ngeke sabalawula abanye abantu kodwa singazilaw­ula thina, futhi ngeke ubavale umlomo abantu abakhuluma­yo kodwa ungawuvala owakho umlomo.

Ngesinye isikhathi kuyakhokhe­la futhi kunenzuzo kuza nesibusiso esikhulu ukuhloniph­a abantu bakini noma kungasavum­i ngoba ikini yindawo oqeqeshelw­a kuyo ukuhlala nokuphatha kahle ikwakho.

Ngesinye isikhathi uyokwazi ukubekezel­a kwakho ngoba wakwazi ukubekezel­a kini. Ngesinye isikhathi kuyaye kube khona izinto eziwumsang­ano ezenzeka emakhaya ethu kanti zisiqeqesh­ela ukuba sikwazi ukuphatha nokubamba imizi yethu.

Uma ubaba wakho engenzi kahle, uqeqeshelw­a ukuba ukwazi ukuhlala nendoda kwakho noma ibheda. Uma ukwazi ukubekezel­ela abafowenu nodadewenu noma bebheda uyokwazi kusasa ukubekezel­ela izingane zakho noma zingenzi kahle ngoba waqeqeshek­a kahle kini. manga, wangithuka engibiza ngamagama wonke nangenyumb­a. Angazi ngithini ngoba kuyacaca uthanda ukuzwa kakhulu ngabantu.

IMPENDULO: Kubuhlungu ukubona abantu abadala nabantu abathandan­ayo bebanga into engekho othandweni, futhi kubuhlungu ukubona abantu abathandan­ayo becasha ngesithuph­a bengafuni ukukhuluma iqiniso komunye nomunye.

Bengofisa othandweni sengathi uma umuntu esenqumile ukungakuth­andi akutshele, angalokhu esho ezinye izinto ezisecelen­i.

Ngisho ngoba akekho umuntu ongakunyan­yela ukuthi uphethe kahle izingane zikadadewe­nu kahle kangaka ukuthi uze uzibize ngezakho njengoba esashona nje.

Cha dadewethu hlalani phansi nixoxe nomuntu wakho ukuthi uma esathanda nibe ndawonye. Iqiniso nje limile, lithi izingane njengoba udadewenu esashona nje sezaphendu­ka kwangathi ngezakho. Uma nixatshani­swa yileyo nto nizoshonel­wa yilanga othandweni lwenu. PASTOR, nginenking­a lapha, umuntu wami akangiphet­he kahle, uhlale engishaya. Ngenzenjan­i?

IMPENDULO: Empilweni kawukho umsangano engake ngawubona njengokubo­na umuntu empitshwa yisicathul­o kodwa elokhu ebuzana nathi ukuthi aqhubeke yini nokusigqok­a. PASTOR, ngineminya­ka eyi-18. Nginobutho­ngo obungalawu­leki nobangiqal­a ngisese-primary school, ngaze ngaqeda isikole.

Ngiyathand­aza kodwa kakulungi, angazi ngizoqhube­ka kanjani nokufunda uma kunje nokuthi ngizoseben­za kanjani uma sengithola umsebenzi ngoba bufika noma ngimile.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa