Singalindelani kuthandaza oshiya imuvhango ?
SESIZWILE kaningi ngokushiya kukasindi Dlathu emdlalweni kamabonakude umuvhango okhonjiswa KUSABC 2 nsukuzonke ngokugamanxa kwehora lesi-8 ebusuku lapho ebelingisa khona indawo kathandaza Buthelezi.
Masimuhalalisele usindi noma ngithi nje uthandaza ngamagalelo akhe awakhombisile ekule ndima isikhathi eside kangaka kwazise useyibambe iminyaka engama kulo mdlalo.
Ekumbongeleni ngiyazi phambilini bekukhona vele abebegxeka ukuthi le ntokazi kayiphiwe ekulingiseni, bethi yingakho nje ibibonakala cishe kuphela kumuvhango, kodwa mina bengilokhu ngizitshela ukuthi kukhulu abangakuboni kuthandaza.
Ngemuva kokuvela kwezindaba zokushi le ntokazi isiyashiya kulo mdlalo ngike ngazibuza ukuthi kodwa vele ngaphandle kwesarafina nomuvhango yimuphi omunye umdlalo kamabonakude esike yabonakala kuwo.
Ngeke sicashe ngesithupha sithi yingoba ebengelona uvanzi lo mlingisi kodwa phela nabalingisi abanesithunzi futhi abafunayo ukugcina isithunzi sabo siyababona benza okunye mhlawumbe njengokuba wubuso bemikhiqizo thizeni noma bekhangisa ngengqephu noma okunye nje okufana nalokho kodwa usindi lutho akubonakali konke lokho.
Kufanele ngabe ngalesi sikhathi uyinyama, ufunwa ngapha nangapha kodwa dololo, akwenzeki lokho.
Mina impela bengingafisa uku- mbona ekomunye wemidlalo noma okungenani kulawa malokshin Bioskop asakazwa kumzansi Magic.
Ngike ngezwa kuthiwa le ntokazi ibiyenze isiphihli somcimbi obizwa ngehigh Tea kwelinye lamahotela aphambili ekempton Park, lapho ibibonga khona abalandeli bayo ngokuyeseka kule minyaka ilingisa kulo mdlalo.
Kuthiwa lo mcimbi ubuzimaziswe yizaguga ezimbalwa ezigcwalise amatafula amathathu kuphela - ngabe yilona dlanzana labantu abalandela uthandaza womuvhango lelo noma ngabantu abathathwe nje kwenzelwa ukuvala ihlazo lokuthi kungafiki muntu?
Usindi ubonge bonke laba abebezile kulo mcimbi esho ukuthi ubonga ukumeseka kwabo yonke le minyaka.
Cha ntokazi kangiqondi impela ukuthi eminyakeni engama-20 yonke yilelo dlanzana nje labantu ebelikweseka? Kodwa kangimangali ngoba phela le ntokazi ibingalenzi nje iphutha lokuphumela phandle.
Uphinde wacacisa ukuthi kakuphelile ngomuvhango, usazoqhubeka yize yena engasekho.
Usho njena nje kulelo dlanzana labalandeli bakhe kukhona abathi njengoba yena engasekho kabawuboni uzoba ngohlabahlosile umdlalo ngaphandle kwakhe.
Ephetha usindi ukubeke kwacaca ukuthi akasuli endimeni yobumnandi kodwa uthatha ikhefu ukuze abone kahle ukuthi ufuna ukwenzani empilweni yakhe nasendimeni yezobuciko nje.
Nolwazi@ilanganews.co.za