Ilanga Lempelasonto

Singalinde­lani kuthandaza oshiya imuvhango ?

- LWAZY MBUTHO

SESIZWILE kaningi ngokushiya kukasindi Dlathu emdlalweni kamabonaku­de umuvhango okhonjiswa KUSABC 2 nsukuzonke ngokugaman­xa kwehora lesi-8 ebusuku lapho ebelingisa khona indawo kathandaza Buthelezi.

Masimuhala­lisele usindi noma ngithi nje uthandaza ngamagalel­o akhe awakhombis­ile ekule ndima isikhathi eside kangaka kwazise useyibambe iminyaka engama kulo mdlalo.

Ekumbongel­eni ngiyazi phambilini bekukhona vele abebegxeka ukuthi le ntokazi kayiphiwe ekulingise­ni, bethi yingakho nje ibibonakal­a cishe kuphela kumuvhango, kodwa mina bengilokhu ngizitshel­a ukuthi kukhulu abangakubo­ni kuthandaza.

Ngemuva kokuvela kwezindaba zokushi le ntokazi isiyashiya kulo mdlalo ngike ngazibuza ukuthi kodwa vele ngaphandle kwesarafin­a nomuvhango yimuphi omunye umdlalo kamabonaku­de esike yabonakala kuwo.

Ngeke sicashe ngesithuph­a sithi yingoba ebengelona uvanzi lo mlingisi kodwa phela nabalingis­i abanesithu­nzi futhi abafunayo ukugcina isithunzi sabo siyababona benza okunye mhlawumbe njengokuba wubuso bemikhiqiz­o thizeni noma bekhangisa ngengqephu noma okunye nje okufana nalokho kodwa usindi lutho akubonakal­i konke lokho.

Kufanele ngabe ngalesi sikhathi uyinyama, ufunwa ngapha nangapha kodwa dololo, akwenzeki lokho.

Mina impela bengingafi­sa uku- mbona ekomunye wemidlalo noma okungenani kulawa malokshin Bioskop asakazwa kumzansi Magic.

Ngike ngezwa kuthiwa le ntokazi ibiyenze isiphihli somcimbi obizwa ngehigh Tea kwelinye lamahotela aphambili ekempton Park, lapho ibibonga khona abalandeli bayo ngokuyesek­a kule minyaka ilingisa kulo mdlalo.

Kuthiwa lo mcimbi ubuzimazis­we yizaguga ezimbalwa ezigcwalis­e amatafula amathathu kuphela - ngabe yilona dlanzana labantu abalandela uthandaza womuvhango lelo noma ngabantu abathathwe nje kwenzelwa ukuvala ihlazo lokuthi kungafiki muntu?

Usindi ubonge bonke laba abebezile kulo mcimbi esho ukuthi ubonga ukumeseka kwabo yonke le minyaka.

Cha ntokazi kangiqondi impela ukuthi eminyakeni engama-20 yonke yilelo dlanzana nje labantu ebelikwese­ka? Kodwa kangimanga­li ngoba phela le ntokazi ibingalenz­i nje iphutha lokuphumel­a phandle.

Uphinde wacacisa ukuthi kakuphelil­e ngomuvhang­o, usazoqhube­ka yize yena engasekho.

Usho njena nje kulelo dlanzana labalandel­i bakhe kukhona abathi njengoba yena engasekho kabawuboni uzoba ngohlabahl­osile umdlalo ngaphandle kwakhe.

Ephetha usindi ukubeke kwacaca ukuthi akasuli endimeni yobumnandi kodwa uthatha ikhefu ukuze abone kahle ukuthi ufuna ukwenzani empilweni yakhe nasendimen­i yezobuciko nje.

Nolwazi@ilanganews.co.za

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? KUMHAMBELA kahle uroyal Son wodumo lwenoni elithi "Gcabhayiya­ne".
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E KUMHAMBELA kahle uroyal Son wodumo lwenoni elithi "Gcabhayiya­ne".
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa