IBUYEKEZENI PHELA EYOKUSAKAZA BUKHOMA
SEKUKANINGI ngizibuza ukuthi ngempela ngempela yini le eyinkinga kubasakazi nabaphathi babo eyenza bavele baphenduke amahlathi uma besakazela ngaphandle ( Outside Braodcast noma OB ngokujwayelekile).
Angikukhumbuze nje uma ungangizwa kahle - phambilini bekudume le nto yokukhonza nokukhonzelana emsakazweni, nobekungenziwa yizo zonke iziteshi.
Lezi ebezivele zigabe ngakho noma zingasakazeli emarenki, emathaveni, emahholo njalo njalo kuvele kube sengathi sekuyasanganwa uma zisakaza bukhoma, zikubantu ngqo. Kukhonzwa kusukela uhlelo luqala kuze kube sekugcineni, kushintshwana ngombhobho.
Abanye kugcina sekuthiwa bangakhonzi kodwa basho amagama abo nje kuphela. Lokhu kuvamise ezinhlelweni ezingena phakathi kwehora lesi-9 ekuseni kuya kwelesi-6 ntambama.
Ngiyavumelana nombono othi nabalaleli bayathanda ukuzizwa bekhuluma emsakazweni kodwa abasakazi bethu abahloniphekile bagcina sebekhohlwa wukuthi kabasakazeli abantu abasuke bekuleyo renki kuphela, nathi esisemakhaya nasezimotweni sisuke silalele.
Umsakazi ugcina esethatha isikhondlakhondla somsakazo asenze umsakazwana nje wenkambu encanyana elingana nerenki. Uzwa kahle uma benemicimbi onkabimalanga, sekukhulunywa ngalowo mcimbi kuze kuyovalwa. Angiliphathi-ke ishwa lokuba zibe ziningi izinhlelo ezizosakazwa bukhoma lapho kwenzeka khona lowo mcimbi ngoba kusuke kusho ukuthi wena ongekho lapho uyinebetholi, kabanandaba nawe kuzo zonke izinhlelo ngalolo suku.
Yiphutha elinzima leli okumele balilungise ngoba lisho ukulahlekelwa okukhulu ngabalaleli uma nje uzogxila kuleso sigejana ngoba nakhu kukhona uhlelo eninalo ngalowo mzuzu.
Leli phutha liyaqhubeka nakulezo ezingahlangani ndawo nokukhonza uma zenza izinhlelo ezijwayelekile. Nazo uma sezisakaza bukhoma uzwa onkabi bethi kushaywa o- hi nama- shout out kuze kuyovalwa.
Yisicefe bakithi lo mkhuba wenu! Ungiqonde kahle, kangisho ukuthi bangazigqamisi izinhloso zokwenza lezo zinhlelo abasuke bezisakazela ngaphandle bukhoma kodwa iqiniso wukuthi kusuke kunomlaleli ekhaya ongahlangene nokusuke kwenzeka lapho.
Kungaba yishwa-ke ukulahlekelwa yilowo mlaleli nelinye nje iningi ngoba nehluleka wukuzilawula uma ningaphandle. Kangisho futhi ukuthi kakumele kukhulunywe bukhoma nabasuke behambele lowo mcimbi kodwa bakhona nje nalabo abangahlangene nawo, benzenjani bona?
Bangabe besalulalela uhlelo lwabo abaluthanda- yo ngoba nakhu nje umsakazi wehlulwa wukululawula?
Kumnandi impela ukuya bukhoma kubantu enisebenza ngabo noma nabo kodwa musani phela ukulibala wukuthi kunezinkumbi ezingabalandeli ezizizwa zilahliwe uma zilalele ekubeni zingekho lapho.
Yinselelo le ebhekene nazo zonke iziteshi ezike ziphume ziyosakaza bukhoma. Zolo lokhu, ngizwe esinye isiteshi esenza inzuzo engisihloniphayo siphendula uhlelo lwantambama igigi yasekilabhini noma asithi nje lushintsha ngokuphelele uhlelo.
Bebeze bamemeze njengo-mc emcimbini onkabi, beshaya namatemu ajwayeleke khona nokuyinto engahlangani nokumele kwenzeke emsakazweni.
Masingaphoxani bakithi kodwa masikhumbule zikhathi zonke ukuthi uma kune-ob kusuke kukhona abalalele emsakazweni emakhaya abangahlanganise lutho nokusuke kwenzeka lapho kodwa abangabalandeli bokuqina bomsakazo noma uhlelo.
Singayithokozela kakhulu neyakho imibono ngakho konke okuthinta ezemisakazo kule email engezansi nasezinkundleni zokuxhumana okutholakala kuzo umbhali.
Instagram: @zowakha Facebook: Zowakha Mbatha
Twitter: @Zowakha zowakha@ilanganews. co.za