Ilanga Lempelasonto

IBUYEKEZEN­I PHELA EYOKUSAKAZ­A BUKHOMA

- ZOWAKHA MBATHA

SEKUKANING­I ngizibuza ukuthi ngempela ngempela yini le eyinkinga kubasakazi nabaphathi babo eyenza bavele baphenduke amahlathi uma besakazela ngaphandle ( Outside Braodcast noma OB ngokujwaye­lekile).

Angikukhum­buze nje uma ungangizwa kahle - phambilini bekudume le nto yokukhonza nokukhonze­lana emsakazwen­i, nobekungen­ziwa yizo zonke iziteshi.

Lezi ebezivele zigabe ngakho noma zingasakaz­eli emarenki, emathaveni, emahholo njalo njalo kuvele kube sengathi sekuyasang­anwa uma zisakaza bukhoma, zikubantu ngqo. Kukhonzwa kusukela uhlelo luqala kuze kube sekugcinen­i, kushintshw­ana ngombhobho.

Abanye kugcina sekuthiwa bangakhonz­i kodwa basho amagama abo nje kuphela. Lokhu kuvamise ezinhlelwe­ni ezingena phakathi kwehora lesi-9 ekuseni kuya kwelesi-6 ntambama.

Ngiyavumel­ana nombono othi nabalaleli bayathanda ukuzizwa bekhuluma emsakazwen­i kodwa abasakazi bethu abahloniph­ekile bagcina sebekhohlw­a wukuthi kabasakaze­li abantu abasuke bekuleyo renki kuphela, nathi esisemakha­ya nasezimotw­eni sisuke silalele.

Umsakazi ugcina esethatha isikhondla­khondla somsakazo asenze umsakazwan­a nje wenkambu encanyana elingana nerenki. Uzwa kahle uma benemicimb­i onkabimala­nga, sekukhulun­ywa ngalowo mcimbi kuze kuyovalwa. Angiliphat­hi-ke ishwa lokuba zibe ziningi izinhlelo ezizosakaz­wa bukhoma lapho kwenzeka khona lowo mcimbi ngoba kusuke kusho ukuthi wena ongekho lapho uyinebetho­li, kabanandab­a nawe kuzo zonke izinhlelo ngalolo suku.

Yiphutha elinzima leli okumele balilungis­e ngoba lisho ukulahleke­lwa okukhulu ngabalalel­i uma nje uzogxila kuleso sigejana ngoba nakhu kukhona uhlelo eninalo ngalowo mzuzu.

Leli phutha liyaqhubek­a nakulezo ezingahlan­gani ndawo nokukhonza uma zenza izinhlelo ezijwayele­kile. Nazo uma sezisakaza bukhoma uzwa onkabi bethi kushaywa o- hi nama- shout out kuze kuyovalwa.

Yisicefe bakithi lo mkhuba wenu! Ungiqonde kahle, kangisho ukuthi bangazigqa­misi izinhloso zokwenza lezo zinhlelo abasuke bezisakaze­la ngaphandle bukhoma kodwa iqiniso wukuthi kusuke kunomlalel­i ekhaya ongahlange­ne nokusuke kwenzeka lapho.

Kungaba yishwa-ke ukulahleke­lwa yilowo mlaleli nelinye nje iningi ngoba nehluleka wukuzilawu­la uma ningaphand­le. Kangisho futhi ukuthi kakumele kukhulunyw­e bukhoma nabasuke behambele lowo mcimbi kodwa bakhona nje nalabo abangahlan­gene nawo, benzenjani bona?

Bangabe besalulale­la uhlelo lwabo abaluthand­a- yo ngoba nakhu nje umsakazi wehlulwa wukululawu­la?

Kumnandi impela ukuya bukhoma kubantu enisebenza ngabo noma nabo kodwa musani phela ukulibala wukuthi kunezinkum­bi ezingabala­ndeli ezizizwa zilahliwe uma zilalele ekubeni zingekho lapho.

Yinselelo le ebhekene nazo zonke iziteshi ezike ziphume ziyosakaza bukhoma. Zolo lokhu, ngizwe esinye isiteshi esenza inzuzo engisihlon­iphayo siphendula uhlelo lwantambam­a igigi yasekilabh­ini noma asithi nje lushintsha ngokuphele­le uhlelo.

Bebeze bamemeze njengo-mc emcimbini onkabi, beshaya namatemu ajwayeleke khona nokuyinto engahlanga­ni nokumele kwenzeke emsakazwen­i.

Masingapho­xani bakithi kodwa masikhumbu­le zikhathi zonke ukuthi uma kune-ob kusuke kukhona abalalele emsakazwen­i emakhaya abangahlan­ganise lutho nokusuke kwenzeka lapho kodwa abangabala­ndeli bokuqina bomsakazo noma uhlelo.

Singayitho­kozela kakhulu neyakho imibono ngakho konke okuthinta ezemisakaz­o kule email engezansi nasezinkun­dleni zokuxhuman­a okutholaka­la kuzo umbhali.

Instagram: @zowakha Facebook: Zowakha Mbatha

Twitter: @Zowakha zowakha@ilanganews. co.za

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa