LWAZY MBUTHO
FUTHI we bantu...! He he he, ngoba kade kwasa ngibona. Ngisekude ukuyikhohlwa le ndaba yalo mfanyana osewazibiza ngo-emtee - ngisho yena kanye umthembeni Ndevu. Kodwa ngempela ububheme utshani yini uze uze usikhombise leya nqantizana yakho? Yini yona leya? Yaze yancane into we mah!
Bengihlale ngizwa kuthiwa kukhona o- extra small, ngiwubonile-ke ekugcineni. Waze wazithela ngehlazo umncane kanje. Ngezwa kuthiwa unengane - ngifisa ukwazi nje ukuthi wawuyakhe kanjani? Uthi ngeyakho ngempela nje kodwa?
Sengiqala ukusola ukuthi ubanjiswe ibhantshi. Phuthuma uyokwenza ulibovuzo. He he he, hhayi ngidabukela intombi yakho, iyafa yi... #indlala. SIQINISILE isisho esithi umuntu akalahlwa! Bengingamethembi usomizi Mhlongo ukuthi angacula into esile. Phela uma umbuka usomizi akathembisi neze, ngathi uzazela ukushaya le midanso yakhe yokusantuza nokunwebeka sengathi yishingamu. Siyakubongela wegog’ bhut’ Somga- ga. Siyabonga nakuheavy K ngokukupika.
Ungabeke usuzitshela uma ngihlangana nawe. Phela wena ngiyakwazi ukuthi i- achievement (inyana) nje ivele ikudakwe, usangane udelele, uchome kube njeyaya. Yingakho kude kwadliwa naleya moto yakho ngoba ubusugabisa kakhulu, uqhosha ngezinto onazo. Ngiyakthanda mngani. NGIYAKUBONGELA salukazi ngencwadi yakho oyibhalile. Ngisho wena Vatiswa “Nomarashiya”ndara. Kodwa yey’ ngiyesaba ukuyifunda. Selokhu ngaphoxwa nguntaba kayikhonjwa nje - ngisho ubonang Matheba phela, sengesaba kabi ukufunda izincwadi zosaziwayo.
Phela ubonang wangigilela umhlola nje, washaya insambatheka umchilo wesidwaba. Nomarashiya, ngiyafisa impela ukuyifunda incwadi yakho kodwa nje ngidinga isibindi. Mhlawumbe ngaphambi kokuyihlalela phansi ngiyifunde kuzofanele ngithole isimehlana, ngisishayele ekhanda ukuze ngingabi- traumatized. Kodwake ngiyakwethemba wena girl, ngiyazi ngeke umphoxe umzala. Awupaqile futhi njengalolu vemvane olungubonang. HHAY’ hhay’ hhay’ awusiyeke phansi Skolopad! Waba njani kodwa ngokuthanda igqams.
Usuthi kukhona abantu abakwesabisayo manje, bafunani nje kuwe? Ngicabanga ukuthi labo bantu bamosha isikhathi sabo nje. Mina ngikhathele nguwe manje, udumo lolu ulufuna ngenkani.
Manje uma bekwesabisa uthi thina senze njani? Ufuna sikuqashele ama- bodyguard? Ungabona amehlo esbungu, asizona thina izinto zokudlala. Asihambi nje siqashela onontembuzane ama- bodyguard. Awuzame enye indlela yokufuna udumo manje, uyeke le mikhuba yakho ephuphile.