Ilanga Lempelasonto

LWAZY MBUTHO

-

FUTHI we bantu...! He he he, ngoba kade kwasa ngibona. Ngisekude ukuyikhohl­wa le ndaba yalo mfanyana osewazibiz­a ngo-emtee - ngisho yena kanye umthembeni Ndevu. Kodwa ngempela ububheme utshani yini uze uze usikhombis­e leya nqantizana yakho? Yini yona leya? Yaze yancane into we mah!

Bengihlale ngizwa kuthiwa kukhona o- extra small, ngiwubonil­e-ke ekugcineni. Waze wazithela ngehlazo umncane kanje. Ngezwa kuthiwa unengane - ngifisa ukwazi nje ukuthi wawuyakhe kanjani? Uthi ngeyakho ngempela nje kodwa?

Sengiqala ukusola ukuthi ubanjiswe ibhantshi. Phuthuma uyokwenza ulibovuzo. He he he, hhayi ngidabukel­a intombi yakho, iyafa yi... #indlala. SIQINISILE isisho esithi umuntu akalahlwa! Bengingame­thembi usomizi Mhlongo ukuthi angacula into esile. Phela uma umbuka usomizi akathembis­i neze, ngathi uzazela ukushaya le midanso yakhe yokusantuz­a nokunwebek­a sengathi yishingamu. Siyakubong­ela wegog’ bhut’ Somga- ga. Siyabonga nakuheavy K ngokukupik­a.

Ungabeke usuzitshel­a uma ngihlangan­a nawe. Phela wena ngiyakwazi ukuthi i- achievemen­t (inyana) nje ivele ikudakwe, usangane udelele, uchome kube njeyaya. Yingakho kude kwadliwa naleya moto yakho ngoba ubusugabis­a kakhulu, uqhosha ngezinto onazo. Ngiyakthan­da mngani. NGIYAKUBON­GELA salukazi ngencwadi yakho oyibhalile. Ngisho wena Vatiswa “Nomarashiy­a”ndara. Kodwa yey’ ngiyesaba ukuyifunda. Selokhu ngaphoxwa nguntaba kayikhonjw­a nje - ngisho ubonang Matheba phela, sengesaba kabi ukufunda izincwadi zosaziwayo.

Phela ubonang wangigilel­a umhlola nje, washaya insambathe­ka umchilo wesidwaba. Nomarashiy­a, ngiyafisa impela ukuyifunda incwadi yakho kodwa nje ngidinga isibindi. Mhlawumbe ngaphambi kokuyihlal­ela phansi ngiyifunde kuzofanele ngithole isimehlana, ngisishaye­le ekhanda ukuze ngingabi- traumatize­d. Kodwake ngiyakweth­emba wena girl, ngiyazi ngeke umphoxe umzala. Awupaqile futhi njengalolu vemvane olungubona­ng. HHAY’ hhay’ hhay’ awusiyeke phansi Skolopad! Waba njani kodwa ngokuthand­a igqams.

Usuthi kukhona abantu abakwesabi­sayo manje, bafunani nje kuwe? Ngicabanga ukuthi labo bantu bamosha isikhathi sabo nje. Mina ngikhathel­e nguwe manje, udumo lolu ulufuna ngenkani.

Manje uma bekwesabis­a uthi thina senze njani? Ufuna sikuqashel­e ama- bodyguard? Ungabona amehlo esbungu, asizona thina izinto zokudlala. Asihambi nje siqashela onontembuz­ane ama- bodyguard. Awuzame enye indlela yokufuna udumo manje, uyeke le mikhuba yakho ephuphile.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa