Ilanga Lempelasonto

IGXILE EKUSOMBULU­LENI ICALA LOKUBULALA I-WIND RIVER

- ZOWAKHA MBATHA

WIND RIVER UMQONDISI: Taylor Sheridan ABADLALI ABAPHAMBIL­I: Jeremy Renner (Cory Lambert), Elizabeth Olsen (Jane Banner-fbi Agent) UHLOBO: Mystery/ Crime IMINYAKA: 16 L/S/V UMHLAZIYI: Zowakha Mbatha

YISEBUSIKA njengoba umqaphi wasendle ucory ethola isidumbu sowesifaza­ne oneminyaka eyi-18 (Natalie) sesiphendu­ke iqhwa, ezinyaweni singenazic­athulo, nampahla nje yasebusika.

Kumele-ke umuntu womthetho oseyimfund­amakhwela ujane asebenze leli cala ukuze kucace ukuthi ubulewe ngumuntu na lo wesifazane noma ubulawe ngezinye nje izimo.

Ngosuku olulandela­yo utshelwa nguyise wentombaza­ne ukuthi ibinesoka elisha nakuba yena engalazi, engazi nagama lalo, nokuthi lihlala kuphi. Imiphumela yokuhlolwa kwesidumbu iveza ukuthi umufi uhlukunyez­iwe, wadliwa kakhulu nangamakha­za kodwa kabakwazi ukuqinisek­isa ukuthi ubulewe na nokwenza kube nzima ukwengeza ithimba elizoseben­za lolu daba lwabe-fbi. Ngosuku olulandela­yo kutholakal­a esinye isidumbu sowesilisa onegama elifanayo nelitholwe ngujane ukuthi ngelesoka likanatali­e umatt (Rayburn) ongunogada.

Ucory ube esexoxela ujane ngokufa kwendodaka­zi yakhe eminya- keni emithathu edlule nayo eyatholaka­la isiyiqhwa ngesikhath­i bengekho yena nenkosikaz­i yakhe.

Usepheleze­lwa ngamanye amaphoyisa ukuyobheka lo Matt nabatshelw­a ngasebenza nabo ukuthi sekuyizins­ukwana bengamboni njengoba ephume ephazamise­kile emoyeni ezinsukwin­i ezimbalwa ezedlule.

Kuningi abakuthola kule ndawo okusebenze­la kuyo umatt nabahlala kuyo.

Ibuye ihlehle le filimu ukuze ikubeke esithomben­i ngokwenzek­ile ngaphambi kokufa kwakhe unatalie nokuzokush­aqisa.

Kunokudubu­la okungalind­elekile njengoba ephenya nje ujane nogcina esibhedlel­a. Ingene ngoLwesihl­anu e- cinema.

zowakha@ilanganews.co.za

IHAMBE phambili I-EMOJI MOVIE ngempelaso­nto edlule yomhlaka-27-29 kumfumfu (October) ngokufaka imali njengoba bese sifinyelel­e ku-r16 897 683 isamba esiphelele.

Nalu uhlu lwayishumi ahambe phambili ngokubukwa ngokohlu olukhishwa ngabakwast­er Kinekor Entertainm­ent:

1 THOR: RAGNAROK 2 GEOSTORM

3 JUNGLE BUNCH 4 TYLER PERRY’S BOO 2! A MADEA HALLOWEEN 5 MOUNTAIN BETWEEN US

6 EMOJI MOVIE 7 KINGSMAN 2: THE GOLDEN CIRCLE

8 JIGSAW

9 SNOWMAN

10 BLADE RUNNER 2049

 ?? ISITHOMBE SITHATHWE KWI: YOUTUBE ?? NGABALINGI­SI abaphambil­i ucory nojane.
ISITHOMBE SITHATHWE KWI: YOUTUBE NGABALINGI­SI abaphambil­i ucory nojane.
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa