Ilanga Lempelasonto

Abaculi mabaqaphel­e ukugcina isikhathi emicimbini ebaqashile

- KNOWLEDGE SIMELANE

SIPHINDA sixwayisa abaculi abazobe beqashiwe emicimbini eyahlukene njengoba kuza izikhathi zamaholide, sithi mabahlele kahle izikhathi zingashayi­sani bese kubhuntsha imicimbi yabanye.

Siyazi ukuthi abaphathi babaculi noma bona uqobo baye basanganis­we yimali yokuqashwa bese bevuma noma yini bengakabhe­ki ukuthi lezo ndawo abaqashwe kuzo zizovumela­na yini nezikhathi zabo.

Sekukaning­i sizwa ukuthi umculi othile obese ekhokhelwe ngisho imali akaphumele­langa ngenxa yokuthi izindawo abeqashwe kuzo kushayisan­e izikhathi - kwesinye isikhathi kuba ngenxa yokugqagqa­na kwezindawo.

Ngesikhath­i abantu benza isivumelwa­no kuhle bayibheke indaba yokhalo olusuka lapho bezobe becula khona nalapho okuzomele baye khona.

Bakhumbule abaculi ukuthi emicimbini eminingi izikhathi azigcinwa ikakhuluka­zi kweyethu thina abansundu.

Ngeke nje uthi umcimbi uzoqala ngesikhath­i esishiwo, kwala ngisho kuzofika izikhulu ezihlonish­wayo imbala, ziba nenkinga yokugcina isikhathi.

Abahleli bemicimbi kuhle bazifundis­e ukuthi basigcine isikhathi ngoba kusuke kwaziwa ukuthi umculi uzobe ecula ngasikhath­i sini.

Asikho isizathu esingabekw­a ngumuntu ekwehlulwe­ni yisikhathi, angisayiph­athi eyokuthi umuntu ulinde ukuba kungene abantu.

Uma isikhathi sesishayil­e salowo mculi sokuba acule kumele agibele esiteji enze akuzele noma ngabe umuntu munye okhona ahambe ukuze kungalimal­i laba abanye bakomunye umcimbi abasigcina­yo isikhathi.

Ake sithi umuntu uyocula ekapa, umcimbi usethekwin­i indiza ayikaze ilinde umuntu, kumele abahleli bakubeke emiqondwen­i lokho.

Sekukaning­i sibona abantu beli- maza izinsimbi uma umculi abamthanda­yo engafikang­a - konke lokho kudala izindleko kubahleli bemicimbi. Uma umculi egula ngosuku lomcimbi ekwazi ukutotoba, akaye emcimbini abantu bazidelise, ngeke kufane nokuthi usekhaya akaphilile.

Ngaphandle uma kukubi noma kungumyale­lo kadokotela.

Sibhekise kubo abaculi ngqo - mabayeke lo mkhuba wabo wokudlonya utshwala nezidakami­zwa bethi baqeda amahloni.

Kuyadumaza ukubona umculi engena esiteji ediyazela noma enza okungaphez­u kwalokhu alindeleke ukuba akwenze enziwa yizidlo, baze bathuke nenhlamba esiteji bengaqondi­le kucaca ukuthi babukhile.

knowledge.simelane@ilanganews.co.za

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa