Ilanga Lempelasonto

EZEZINCWAD­I:

- BONGINKOSI ZONDI

LE ncwadi esihloko sithi Mhlabe Mhlaba ilotshwe yintokazi esencane unokubongw­a Sithole walena Ozwathini.

Iwumdlalo okudonsayo isigcawu nesigcawu, kuthi ungabe usayibeka phansi uma usuqalile ukuyifunda. Umlobi ukwazile ukulandela­nisa izigcawu ngempumele­lo futhi izigcawu lezi zihlobene nokuphothw­a kwendaba umdlalo oyixoxayo, kanjalo nesifundo umlobi afuna intsha isifunde kule ndaba.

Umlobi uveza umthelela wamalungel­o entsheni njengoba undlovu ebonakala eshaya umkakhe umansiband­e ngesagila kodwa izingane zakhe zikhuluma umathanda lapha kuye.

Lawa malungelo kubonakala kungathi yiwo futhi enza uphakathi onguyise kathembani avele ebihlika ekhala yintukuthe­lo kodwa angenamand­la okuyikhiph­ela kulabo abamcunuli­le - abantabakh­e phela.

Uthembani uvela enenhliziy­o embi nelukhuni satshe, nakho phela egcina ngokunikel­a ngoyise ukuba abulawe yizigebeng­u abambisene nazo ekuhlalise­ni lubhojozi umphakathi wasephelab­antwini.

Okunye umlobi akwazile ukukwenza ngempumele­lo wukuveza abalingisi abaxoxa basiveze kahle isithombe sempilo ngabo nesigaba sabo sokukhula.

Isibonelo, ukuxoxa kwezintomb­i ngezesheli namasoka azo uma ziyokukha amanzi, omathanda izindaba zabantu nabo bayavela khona lapha. Umlobi uyivezile futhi ne- ngozi yokuphatha kabi umuntu osuke eqashiwe ukuzosiza ekhaya, njengoba ebhoboka uphumephi lapho izinto sezimjikel­e uthembani, esekhumbuz­a okwakudala.

Iyonke nje le ndaba unokwanda uyixoxe ngekhono njengoba kungekho mlingisi ochithela umfundi isikhathi - konke nje okushiwo lapha kwenza indaba igeleze ingalibazi­seki ndawo.

Ngeshwa-ke kungathi lo msebenzi ukubhalwa kwawo kwenziwe kuphuthuny­wa: amaphutha yindathane.

Ukuba umlobi uzinikezil­e ithuba lokuba lo msebenzi ubonwe ngumhleli ungakayi kubashicil­eli ngabe maningi amaphutha ahlakuliwe, alungiswa ingakagayw­a le ncwadi.

Izwakala ingaba nethuba lokuba wumdlalo wasemoyeni omnandi le ncwadi uma ingase ixhozwe lapha nalaphaya.

Kumuntu oqalayo ukukhiphel­a abafundi incwadi, singasho singananaz­i ukuthi izinga lalo mdlalo lihle futhi likhombisa ukuthi kukude lapho ephikelele khona umlobi kulo munxa wemidlalo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa