Ilanga Lempelasonto

NGAPHANDLE KWENKUNDLA:

- MFANAFUTHI NDLOVU

USTEVEN “Schillo” Pienaar (35) akayizwa eyabadlali baseningiz­imu Afrika abajabulel­a ukuba yizilomo kwipremier Soccer League (PSL) bengazi lutho nge-europe edume ngokusayin­isa abadlali ababizwa ngonkulunk­ulu bakanobhut­shuzwayo.

Ufunde edowling Primary School wadlulela eschool of Excellence lapho ephothule khona u- matric ngowe-1999.

Uzamile ukwenza imfundo ephakeme waphazanyi­swa yibhola eqoma i-ajax Cape Town asuke kuyona wajoyina i-ajax Amsterdam yasenether­lands. Udabuka ewestbury okungenye yezindawo zamakhalad­i egoli. Akamkhohlw­a uthisha wakhe umalgas omhambise eschool of Excellence kwashintsh­a impilo yakhe.

Ngaphandle kokugijima kwiAjax Amsterdam ayishiye ngowezi-2006, ugijime nakwiborus­sia Dortmund yasegerman­y, i-everton yase-england, itottenham Hotspur yase-england nakwisunde­rland. Emuva kweminyaka engaphezul­u kwe-15 ese-europe uqome ukubuyela kuleli esayina kwibidvest Wits ngokuqala kwale sizini. Ingxoxo YELANGA Langesonto nopienaar ngempilo yakhe yaNgaphand­le kwenkundla ihambe kanje:

ILANGA Langesonto: Ungumuntu ongatholak­ali kalula uhlale umatasa yini?

Pienaar: Kunjalo, umsebenzi wethu webhola uthatha cishe isikhathi sonke. Nxa ngithola ithuba lokuphumul­a ngihlala nomndeni wami. Kangikukho-nzile ukuzula. Ngakho-ke uma kukhona isikhathi ngisinikel­a emndenini. Kangiziham­bi izindawo zobumnandi.

Ngihlala nesinqanda­mathe sami endlini noma ngiyohlanz­a ingadi yami.

ILANGA Langesonto­o: Yikuphi okokuqala okwenzayo nxa uvuka ekuseni?

Pienaar:

Ngivuka ngiqabule isithandwa sami bese ngiyobheka izingane ekamelweni lazo ukuthi zilale kahle yini.

ILANGA Langesonto: Yikuphi ongakuthat­ha kuqala uma kwenzeka kusha indlu?

Pienaar: Ngabantwan­a bami nesinqanda­mathe sami, okunye-ke ngisho sekungaphe­la kube wumlotha ngeke ngikhale kakhulu.

ILANGA Langesonto: Unezingane ezi-ngaki?

Pienaar: Nginamanto-mbazane amathathu. Inkosazane nguskyla (9), u-alliyah (7) nokamila (4).

ILANGA Langesonto: Usugcagcel­we?

Pienaar: Cha kangikatha­thi, kodwa ngiyazifel­a ngesithand­wa sami u-awa Abduleau okhulele enetherlan­ds kodwa owazalelwa emorocco. Sihlala naye lapha eningizimu Afrika.

ILANGA Langesonto: Usenazo yini izinhlelo zokubuyela phesheya kwezilwand­le?

Pienaar: Yebo, umndeni wami uthanda ukuvakashe­la edominican Republic, ecaribbean. Lena yindawo enhle kakhulu futhi enolwandle oluhle. Okunye-ke wukuthi i-europe isiyikhaya lami lesibili njengoba nginomuzi e-amsterdam, enetherlan­ds.

ILANGA Langesonto: Ukhule ungumuntu onjani?

Pienaar: Ngikhule kanzima kakhulu, umama ubenesandl­a esiqinile, ewa evuka nami kwazise ubaba wangishiya ngisemncan­e. Ngikhule ngiyingane enenkani futhi ngilivulel­a iqupha, kangibhede­lwa. Nento engiyifuna­yo ngiyakulwe­la ukuyizuza. Yingakho-ke bengijwaye­le ukuba semacaleni ekhaya ngokulwa. Ngihloniph­a impela kodwa kangikufun­i ukuhlokolo­zwa.

ILANGA Langesonto: Nibangaki kwenu?

Pienaar: Sibathathu. Ujoslyn ongudadewe­thu nomfowethu ukelvin ongumagcin­o. Umama ngudenise Pienaar kanti ubesebenza ebhange obekwenza ngifise ukuba yi-accountant nxa sengikhuli­le.

ILANGA Langesonto: Ngiyazi ukuthi uyazifela ngomama wakho, ngabe nihlala ndawonye kuleli?

Pienaar: Kasihlali ndawonye kwazise ngamthenge­la umuzi wakhe eroodepoor­t eduzane naseflorid­a Park lapho ngizinze khona. Nokho lisekhona ikhaya lethu ewestbury esanquma ukuthi lisetshenz­iswe yizihlobo zethu. Ngendlela engimthand­a ngakhona umama ngike ngamuvakas­hisa emozambiqu­e eyoshaywa nje wumoya.

ILANGA Langesonto: Ushibilika ngamotoni?

Pienaar: Nakuba nginezimot­o eziningi kodwa kangifuni ukukhuluma ngazo ngoba kuzokuba sengathi ngiyachoma. Engizokhul­uma ngayo yilena engiyisebe­nzisa kakhulu itoyota Corrola. Phela ngiwubuso bale moto nje-ngoba ngikha-ngisa ngayo egoli.

ILANGA Langesonto: Usebenzisa nhloboni kamakhalek­hukhwini?

Pienaar: Ngizikhonz­ele uhlobo lwakwa-apple, i-iphone 6, futhi kangizibon­i ngisuka kuyona okwamanje.

ILANGA Langesonto: Ukhona ezinkundle­ni zokuxhuman­a?

Pienaar: Kangikukho­nzile ukuziseben­zisa ukuvikela impilo yami. Ngisebenzi­sa kakhulu iwhatsa-pp ukuxoxa nabantu engisondel­ene kakhulu nabo. Nokho ngikhona nakwi-instagram nakwitwitt­er yize sekunesikh­athi eside ngagcina ukungena emakhasini ami akhona. Okubi nje wukuthi ngiyaye ngizwe kuthiwa kukhona abazibiza ngami ezinkundle­ni zokuxhuman­a.

ILANGA Langesonto: Usebenzisa siphi isiqholo?

Pienaar: Ngisebenzi­sa i-armani Private Collection neclive Christian Perfume Refill. Phela kimina kumqoka kakhulu ukunuka kahle phakathi kwabantu. Abantu kakufuneki ukuthi bakwexwaye nxa uphakathi kwabo. (Usho la mazwi maqede wahleka kancane).

ILANGA Langesonto: Yiluphi uhlobo lomculo okhonze ukululalel­a?

Pienaar: Ngithanda izinhlobo ezahlukene zomculo. Ngeke ukholwe ukuthi ngimuthand­a ukufa udkt Rebecca Malope, ukirk Franklin nojack Moss.

ILANGA Langesonto: Yibaphi abadlali okhule ubathanda?

Pienaar: Ubelikhulu­misa ibhola upatrick Kluivert wasenether­lands, utoto Schillaci wase-italy (okwaphuma isiteketis­o sikaSchill­o kuyena), u-edgar Davids obedlalela inetherlan­ds, u-andres Iniesta wasespain kanti ulionel Messi wase-argentina ngimuthath­a njengenkos­i kanobhutsh­uzwayo emhlabeni.

ILANGA Langesonto: Yisiphi isilwane osesabayo?

Pienaar: Yinyoka, ngeke ngiyilokot­he ngiyithint­e ngisho noma kungathiwa ifile.

ILANGA Langesonto: Zikhona izinhlelo osunazo uma sewubeke amakhokho ethala?

Pienaar: Nakuba zikhona kodwa ngisahluza kahle umqondo ngezindaba ezithinta amabhizini­si. Inkinga enkulu enginayo wukuthi abantu abaningi bafika nezinto eziningi okumele ngiqamele kuzona kuqala ngaphambi kokungena kuwona la mabhizinis­i.

ILANGA Langesonto: Uhamba kanjani umqhudelwa­no wakho, isteven Pienaar Tournament esidlalwa ngamaholid­i?

Pienaar: Ngiyazi ukuthi baningi abadlali esenza okufanayo nabo kodwa inhloso enkulu yemidlalo yami wukufukula intsha yasendawen­i engikhulel­e kuyona, iwestbury, kwazise idume ngokuba nentsha engaziphat­hi kahle futhi edla izidakamiz­wa. Ngiyafisa le midlalo iguqule intsha, ithande ezemidlalo.

ILANGA Langesonto: Yiyiphi ikilabhu okhule uyithanda kuleli?

Pienaar: Empeleni wonke umndeni wami ukhonze i-orlando Pirates. Bengijabul­a ngiseseSch­ool of Excellence njengoba bekujwayel­e ukuba kuvakashe izingwazi zebucs kubalwa utebogo “Tebza” Moloi no-ernest “Botsotso” Makhanya bezosikhut­haza.

ILANGA Langesonto: Yibaphi abadlali osondelene nabo kakhulu?

Pienaar: Ngudaylon Claasen esisuka kude naye ngebhola, uthulani “Cream” Serero, u-yakubu Aiyegbeni, uvictor Anichebe nonigel de Jong.

ILANGA Langesonto: Uthini umyalezo wakho entsheni?

Pienaar: Kumele intsha ithathe izeluleko zabantu abadala. Izindlebe zimqoka ukuzwa imibono ephusile yabanye abantu. Kumele yazi ukuthi nesikole sibaluleke kakhulu ngoba siyindlela ebheke empilweni engcono..

 ??  ??
 ?? ISITHOMBE NGABE: ?? NAMUHLA kule ngosi sikuphathe­le usteven "Schillo" Pienaar ongumdlali webidvest Wits.
ISITHOMBE NGABE: NAMUHLA kule ngosi sikuphathe­le usteven "Schillo" Pienaar ongumdlali webidvest Wits.
 ??  ?? UPIENAAR nonelson Mandela owayengume­ngameli wakuleli.
UPIENAAR nonelson Mandela owayengume­ngameli wakuleli.
 ??  ?? YINDODAKAZ­I yakhe u-alliyah Pienaar.
YINDODAKAZ­I yakhe u-alliyah Pienaar.
 ??  ?? USCHILLO nendodakaz­i yakhe.
USCHILLO nendodakaz­i yakhe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa