Ilanga Lempelasonto

Iceltic idlulele kwi-semi YE-TKO

- NHLANHLA HUDLA

IBLOEMFONT­EIN Celtic ibe yikilabhu yokuqala ukungena kwiSemi Final etelkom Knockout iguqisa iplatinum Stars ngo-2-1 izolo ngomgqibel­o ntambama eroyal Bafokeng Palace, erustenbur­g.

Iplatinum Stars iyona ebone kuqala imbobo yepali ngonyawo lukabongin­kosi Ntuli ngomzuzu wama-30.

Iceltic iphendule ngamagoli kalantshen­e Phalane obekuyi- free kick ayivalele ngomzuzu wama-58 kwathi elokuqinis­ekisa ukuthi iceltic iyadlula kulo mdlalo lavalelwa enethini ngu-tshegofats­o Mabaso ngomzuzu kwama-81.

Umqeqeshi weceltic, uveselin Jelusic, uthe lona bekungumdl­alo ongelula. Uncoma iplatinum Stars ngokubanik­a umdlalo onzima.

Uroger De Sa ongumqeqes­hi westars uthe balahle amathuba amaningi kulo mdlalo. Uthe ukholwa wukuthi bebefanele ukuwunqoba.

Nokho uncome iceltic ngokudlala kahle njengoba nabalandel­i bayo bebephume ngezinkani kulo mdlalo ukuzoyesek­a.

Okunye akhale ngakho lo mqeqeshi ukushisa athe kube nomthelela, nokuthi imidlalo yabo ibisondele­ne kakhulu okwenze abadlali bakhe abangaba naso isikhathi esanele sokuphumul­a.

Khona manjalo ibasetsana okuyiqembu lesizwe lebhola lezinyawo laseningiz­imu Afrika labaneminy­aka engaphansi kwengama-20 liguqiswe yiburundi ngo-1-0 emdlalweni wokuhlunge­la imidlalo yendebe yomhlaba kulo leliya lizwe.

Imiphumela yemidlalo yenational First Division izolo ngomgqibel­o ihambe kanje:

Highlands Park 3, Stellenbos­ch United 0; Cape Town All Stars 0, Real Kings 1; Umtata Bucks 1, Super Eagles 1, Tshakuma 1, Ubuntu United 0, Richarrds Bay FC 0, Mbombela United 0, Spurs 1, Royal Eagles 1.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa