Ilanga Lempelasonto

Ukomphela ukhathazek­ile ngoshabba noparker

Ufuna ukubavikel­a engozini ebakhokhob­elayo

- SENZO SOKHELA

USTEVE “Mphathi” Komphela ongumqeqes­hi wekaizer Chiefs ufuna ukuzama ukuvikela abadlali bakhe asebekhuli­le njengoba ebabona besengozin­i yokulimala isikhathi eside.

Ichiefs izobhekana nechippa United kwi-quarter final yetelkom Knockout namuhla ngesonto ngo-15h30 enelson Mandela Bay Stadium, ebhayi. La makilabhu atholana kulo mdlalo nje, asefomini njengoba evunywa yimiphumel­a. Womabili sekunesikh­athi eside egcine ukuthola induku.

Ukomphela uthi unovalo ngoBernard Parker benosiphiw­e “Shabba” Tshabalala njengoba sebegijime imidlalo eminingi ngaphandle kokuphumul­a kanti sebekhulil­e.

“Sekuqala ukuba nzinyana kubona manje njengoba imilenze yabo isithwale imidlalo eminingi ilandelana. Kuzofanele sikuqinise­kise kulo mdlalo ukuthi kasiyi nangengozi esikhathin­i esengeziwe ngoba bazokuba nenkinga. Uma usukhulile nokulimala kuvele kuphuze ukuphola.

“Ngakho kuzofanele ngizame ngazo zonke izindlela ukubavikel­a. Silindele umdlalo onzima kwiChippa futhi inokuzethe­mba njengoba isanda kuhlula ibidvest Wits ngo-2-0. Kodwa-ke ngumdlalo wenkomishi lona kasikwazi ukwenza iphutha, kufanele siwunqobe noma kanjani,” kusho ukomphela.

Utebogo “Tebza” Moloi ocija ichippa, uthi ubadonse ngendlebe abadlali bakhe ngobungozi bokuzikhuk­humeza.

“Sesibheken­e nomunye umdlalo manje esikwenze kwiwits sekuwumlan­do. Ngiyazi-ke ukuthi abadlali bavamise ukuzikhukh­umeza uma beke bashaya ikilabhu enkulu bavele bazibone bengahlula noma ngubani. Ngibaxwayi­sile ngobungozi esingase sihlangabe­zane nabo uma sizokuya ngalowo mqondo kwichiefs. Ichiefs isefomini kulezi zinsuku kuzofanele siyigade uma sifuna ukuyehlula,” kusho umoloi.

 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? NGUBERNARD Parker ongumgadli wekaizer Chiefs ovuke emaqandeni muva nje, kanti umqeqeshi uthi kuzomele abalawule kahle ukuze agweme ukulimala kwabo benosiphiw­e Tshabalala.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X NGUBERNARD Parker ongumgadli wekaizer Chiefs ovuke emaqandeni muva nje, kanti umqeqeshi uthi kuzomele abalawule kahle ukuze agweme ukulimala kwabo benosiphiw­e Tshabalala.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa