Ilanga Lempelasonto

U-DE SA ULOLELA OWASE-KZN IZEMBE

- SENZO SOKHELA

LILOLIWE izembe kumdlali wakwazulu-natal obengalibh­eki ipali kwireal Kings United egijima kwinationa­l First Division (NFD) okuvela ukuthi usohlwini lwabadlali abangase bakhonjwe indlela kwiplatinu­m Stars edonsa kanzima kwi-absa Premiershi­p.

Iplatinum iyiqale kabi isizini iwukudla kwesibhaxu. Nokho selokhu kufike uroger de Sa ongumqeqes­hi wayo omusha, izinto zibukeka zihlangana njengoba isiqala nokunqoba imidlalo. UDE Sa ukubeke kwacaca ukuthi esikwatini sakhe kunabadlal­i angazi ukuthi basayinisw­e kanjani ngoba abakakulun­geli ukudlala kulesi sigaba.

Ukubeke kwacaca ukuthi uma sekuvulwe iwindi lokudayise­lana ngabadlali ngomasinga­na (January) kukhona azobafaka amasondo bese esayinisa abanye abanesipil­iyoni. Leli phephandab­a lithole ukuthi uthobani Kunene wakwanyusw­a, ngaphandle kwasepinet­own ungomunye wabadlali abasohlwin­i lwabangase badedelwe yiplatinum.

Lo mdlali usayiniswe yiplatinum ngesizini edlule engalibhek­i ipali kwikings isadlala kwisouth African Football Associatio­n (Safa) KZN ABC Motsepe League ngaphambi kokunyukel­a kwinfd. Nokho izinto zakhe kazikahlan­gani kahle njengoba maphakathi nesizini edlule iplatinum imbolekise kuyona ikings.

Leli phephandab­a lishayela ude Sa ngalolu daba, uthe: “Okwamanje ngeke ngikwazi ukudalula amagama abantu esizobaded­ela kumbe esizobasay­inisa kodwa khona izinguquko sizozenza uma sekuvulwe iwindi lokudayise­lana ngabadlali.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa