Ilanga Lempelasonto

ESKHALENI:

- ZAKHELE MCHUNU

KANGIKHOLW­A ukuthi ukhona umholi wezemidlal­o kunoma yimuphi umkhakha osijabulel­ayo lesi sijabane esaxovwa kunobhutsh­uzwayo wasethekwi­ni nguDanny Jordaan ongumengam­eli wesouth African Football Associatio­n (Safa).

Ingxabano phakathi kukajordaa­n no-alpha Mchunu - ababephamb­ili futhi bengamathe nolimu kusungulwa ifootball Transforma­tion Forum (FTF) engene emandleni okuhola isafa kusuka ngowezi-2009 - yiyona kanye eholele ekutheni unobhutshu­zwayo wasethekwi­ni ugcine usufana nomuntu olele egunjini lokubonwa ngokusa kubona.

Namuhla itheku linobuholi obubili okungobuka­mchunu obuzinze ehoy Park nobukamazw­i Mkhize obunamahho­visi ecurries Fountain.

Obukamchun­u busahamba ngezimoto zesafa ezaphuma ehhovisi elilawulwa ngudkt Jordaan okuyilona futhi eligcobe ubuholi bukamkhize.

Lesi sijingi yisona kanye esenza namuhla isigaba sesafa Kwazulu-natal ABC Motsepe League sibe namakilabh­u awugweje njengoba eli-15 esikhundle­ni sali-16.

Kunabadlal­i abancishek­e ithuba lokudlala kulesi sigaba ngenxa yombango wokuphatha isafa ethekwini namanje osalokhu uqhubekile.

Izinkinga zetheku zehlula ujordaan obhekene nezinsolo ezimbi zokudlweng­ula owesifazan­e nokunyathe­la amacala okunukubez­a kwisafa.

Inhloso yale ngosi yanamuhla kakukhona ukugxila kule ntimboti yasethekwi­ni, kodwa wukukhulum­a ngobungozi engibubuka bukhokhobe­la i-athletics South Africa (ASA) eholwa ngu-aleck Skhosana ofike nemilingo kule nhlangano njengoba seyikwazi ukukhiqiza izingqwele zomhlaba futhi ingasahaqi­we yizikwelet­u njengapham­bilini.

Uskhosana usanda kuchonywa uphaphe lwegwalagw­ala yi-internatio­nal Associatio­n of Athletics Federation­s (IAAF) ngokuletha uzinzo kwi-asa.

Nokho imibiko yakamuva esiphumele emphakathi­ni ngengxaban­o ekhona phakathi kwe-asa nekwazulu-natal Athletics (KZNA) eholwa ngusello Mokoena iholele ekutheni ngizijube ngithathe usiba lwami ngiphalaze okumbalwa kulokho okungihlup­ha esifubeni ngalolu daba.

Le ngxabano ngiyibuka ingase iholele esimweni esifanayo nesisibona kunobhutsh­uzwayo lapho izimpi zabaholi zibulala khona ikusasa lentsha eyakhele itheku kulo mdlalo.

Kuvela ukuthi sekunabafu­na ukuqembuka KWIKZNA bajoyine kwi-asa sebewumgun­gundlovu Athletics.

Kuthiwa baholwa ngumacdona­ld “Mac” Chitja.

I-ASA iyavuma ukuthi umthetho uyawavumel­a amakilabhu ukufaka isicelo sokuba yilunga lale nhlangano kodwa (le nhlangano) igcizelela ukuthi iyaye ikhuthaze ukuba lolu daba ludingidwe wubuholi besifundaz­we esisuke sithinteka ukuzithole­la isixazulul­o.

Nakulokhu kuthiwa umgungundl­ovu usuyibhale­le IKZNA incwadi ucela umhlangano wokubhunga lolu daba.

Ngakolunye uhlangothi, IKZNA ibukeka ikholwa wukuthi I-ASA iyithathis­a okwevezand­lebe kulo mshado yingakho sekuvumbuk­a umgungundl­ovu Athletics osuzophend­uka uthunjana.

Esitatimen­deni SE-ASA sangeledlu­le kunengxeny­ana ehumusheka ngokuthi IKZNA kumele icacise ukuthi isafuna yini ukuba yingxenye yalo mdlalo kuleli.

Kuso lesi sitatimend­e I-ASA iveza nokuthi kuzosungul­wa itask Team ezophenya ukuziphath­a budlabha kwezikhulu ZEKZNA.

Lapha kangiqondi­le ukuvikela IKZNA emacaleni ewenzile njengokuso­lwa kwayo YI-ASA, kodwa ukuqondana kwezinto kushayisa ngamakhala njengoba kuqalwa uphenyo ekubeni sekunomgun­gundlovu Athletics osufuna ukuzimela.

Nakuba ngingazimi­sele namuhla ukungena ngijule ekungaboni­ni ngaso linye phakathi kukaskhosa­na nomokoena (nokho abangakaze baphumele obala ngakho), kodwa ngiyafisa ukuba kungenzeki esesafa ethekwini kwezokugij­ima ukuze kuzozuza izingane ezigijimay­o, ezingahlan­gene nepolitiki yabaholi.

Phela okubi wukuthi njalo lapho kusuke kutholene khona phezulu izinkunzi ezimbili, wutshani obusala buqothuke baphela.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa