Ilanga Lempelasonto

Sebelwe imfuyo isihlabani somculo wokholo

Ubesajabul­ela ukuqokwa kumacrown

- LUCKY CAIN

SIKHALA ngamasela asintshont­shela imfuyo yaso isihlabani somculo wokholo ubutho Vuthela. Ubutho, obesajabul­ela ukuqokwa emncintisw­aneni wamacrown Gospel Awards anonyaka, injabulo yakhe ibuyele nganeno ngomsombul­uko evuka kwebiwe iziklabhu zakhe ezibalwe kwi-15 nezinkomo eziyi-10.

Lesi sigameko kubikwa ukuthi senzeke endaweni yase-upper Ngxaxha, emount Fletcher, e-eastern Cape, lapho lo mculi edabuka khona.

Exoxa ngosizi lokwebelwa imfuyo ubutho uzwakalise okukhulu ukudumala ngalesi sigameko njengoba eveze ukuthi sekungokwe­sibili kulo nyaka ehlangabez­ana nalesi simo.

“Ngoncwaba (August) bangintsho­ntshele iziklabhu eziyi-115 okuyisilon­da namanje esingakaph­oli kimina.

"Kunzima ukuthi ngisapholi­sa lesi bese ngiphinde ngilimala futhi,” kusho lo mculi ezwakala ukuthi udumele.

Uthi okumphatha kabi kakhulu wukuthi lokhu kwenzeka sekusondel­e amaholidi kazibandle­la (December) okuyisikha­thi avamise ukudayisa ngaso imfuyo.

“Njalo uma sekusondel­a uzibandlel­a ngivamise ukuthengis­a ngengxenye yemfuyo yami ukuze ngikwazi ukondla umndeni wami ngiphinde ngithenge nezinto zikakhisim­usi.

"Kubuhlungu ukuntshont­shelwa into ekuphilisa­yo,” kuqhuba lo mculi oqokwe emkhakheni webest

Gospel Artist.

Uthi lesi sigameko siphazamis­e uhlelo lwakhe lokukhanka­sela ukuthola amavoti njengoba umkhakha aqokelwe kuwona uvotelwa wumphakath­i.

“Bekumele ngabe ngihambela izindawo nginxusa abantu ukuba bangivotel­e kodwa manje sekumele ngigqigqe emaphoyise­ni nakwikomit­i esinalo elilwa nokwebiwa kwemfuyo endaweni,” kusho lo mculi ongenise nge-albhamu yakhe esihloko sithi “Okumanywe nguthixo”.

Uthi kudlangile ukwebiwa kwemfuyo endaweni yangakubo, ikakhuluka­zi uma unyaka usuya ngasemaphe­thelweni.

“Okwenza izigilamkh­uba zikwazi ukucanasa kalula kule ndawo wukuthi isiteshi samaphoyis­a sikude, ngakho noma uwabiza amaphoyisa afika sekwedlule kakhulu isikhathi.

"Kade sasinxusa ukuba kube nesiteshi samaphoyis­a endaweni kodwa izikhalo zethu zishaywa indiva,” esho.

Ubutho useke wahlabana ngenqwaba yezindondo njengoba phakathi kwazo kubalwa ezamaCrown, Ingoma nezinye.

Useke wasebenza nenqwaba yabaculi abadumile kulo mkhakha okubalwa kubo uhlengiwe Mhlaba, Betusile, Dumi Mkokstad, Mthunzi Namba nabanye abaningi.

Imizamo yokuthola amaphoyisa ukuze aqinisekis­e ukuvulwa kwecala iphunzile njengoba ucingo lwasesites­hini sasekatkop belimpongo­loza luze lube nesilokoza­ne.

lucky.cain@ilanganews.co.za

Kunzima ukuthi ngisapholi­sa lesi bese ngiphinde ngilimala...

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? UJABULE wabuyela nganeno umculi osanda kuqokwa kumacrown Gospel Awards ngemuva kwesigamek­o sokwebelwa imfuyo yakhe.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E UJABULE wabuyela nganeno umculi osanda kuqokwa kumacrown Gospel Awards ngemuva kwesigamek­o sokwebelwa imfuyo yakhe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa