UNGENA EZINTANGENI NGEMABALA UMHLABA
Uvele wabhoka ngolaka
UBHOKE ngolaka umculi wowokholo uhlengiwe Mhlaba ebuzwa ngobudlelwane bakhe nenkampani yomculo imabala Noise eke yaba sematheni ngokufumbathisa abaculi abasayine ngaphansi kwayo izishaqane zemali, yaphinde yaba wundabizekwayo ngezinsolo zokugwazela izindondo emicimbini yokuklomelisa abaculi.
UBHOKE ngolaka umculi wowokholo, uhlengiwe Mhlaba, ebuzwa ngobudlelwano bakhe nemabala Noise Entertainment (Mabala) asebenzisana naye kwi-albhamu yakhe yakamuva asanda kuyikhipha.
Kwikhava yale albhamu esihloko sithi Sthandwa Sami (Moy’ongcwele) kuvela ukuthi le nkampani ehlala isematheni yiyo eyisabalalisayo (i-albhamu).
Kubhalwe ukuthi ukusatshalaliswa kwayo kwenziwa yimabala Noise Distribution, oku- wuphiko olungaphansi kwale nkampani. Uhlengiwe obevutha bhe ebuzwa ngalobu budlelwano ubuze ukuthi kusukela nini sekubuzwa ngezinkampani ezisabalalisa umsebenzi wabaculi njengoba seziziningi kangaka asebenze nazo phambilini. “Ngimane ngiyakunikeza nje nethuba ngoba ngiyakwazi kodwa angikwazi ukukhuluma kahle la ngoba ngisezitolo, kungcono ubuye ungifonele ukuze siyixoxe kahle le ndaba.
"Uma uphikelela nalo mbuzo ngizovele ngikutshele ukuthi funda ikhava ngoba kubhaliwe,” usho kanje, wagcina wathi makashayelwe ucingo ngosuku olulandelayo.
“Ngicela ukungaphawuli ngoba kangiqondi ukuthi kungani kuze kube nalo mbuzo. Ngisebenzile nezinye izinkampani phambilini, pho yini kunenkinga manje? Yingoba kuyinkampani yabamnyama?”, kusho uhlengiwe ngolaka.
Esechazelwa ukuthi yini esuse lo mbuzo, ugcizelele ukuthi akasayinile ngaphansi kwale nkampani.
Obekuvukuza lo mbuzo wukuthi kakukaze kuzwakale ukuthi usebenzisana nale nkampani njengoba ihlale imemezela uma kunabaculi esebenza nabo.
Kuzokhumbuleka ukuthi phambilini imemezele ukuthi isayine inqwaba yabaculi obekukhona phakathi kwabo uzola 7, Pro nabanye okubuye kwavela ukuthi sebehoshe imfe emva nje kwesikhashana. Bekusabalele nezindaba ezithi abanye balaba baculi bebefumbathiswe izigidi zamarandi ngokuba yingxenye yale nkampani.
Elikahlengiwe Mhlaba igama alikaze liphathwe.
Okwenze kwanuka santungwana wukuthi nabamsebenzelayo ukukhangisa le albhamu okungunonhle Mtetwa nothobile Mchunu bebezihlangula ukuphawula ngalobu budlelwano, bethi umuntu oyiqonda ngokuphelele le ndaba, nokufanele aphawule ngayo ngumnikazi wayo uhlengiwe.
Ukhipha le albhamu nje ubegcine ngethi “Edwaleni” kuwo lo nyaka. Kuzokhumbuleka ukuthi selokhu ahlukana nosipho Makhabane webig Fish Music ngowezi-2013 izinto zakhe kaziphindanga zakhanya njengoba zazikhanya phambilini.
Eshiya kumakhabane kwavela emithonjeni ehlukene ukuthi ubekhala ngokuxhoshwa ngezimali. Akabange esatholakala eseshayelwa ngakusasa, ucingo belukhala undendende waze washiyelwa umyalezo wagcina eseyishayela intatheli.
Umnu Skhulile “Squiks” Nzuza wemabala uvumile ukuthi impela bayayisebenza le albhamu kahlengiwe.
Uthe ubanzi kakhulu umbuzo wentatheli uma ugxile ekutheni buhambe buze buphelele kuphi ubudlelwano bemabala nohlengiwe.
“Uzoqaphela uma ubheka ilogo ukuthi kayifani neyemabala Noise Entertainment ngoba sizama ukukhulisa inkampani ngokuba nophiko lokusabalalisa umculo.
"Sifuna ngelinye ilanga nathi sibalwe nalezi zinkampani ezinkulu ezikwenza konke njengoba ngale kokuqopha ( record), sishicilela (publisher) siphinde sisabalalise ( distributor) umkhiqizo wabaculi.
"Usazobona nje inqwaba engaqophi ngaphansi kwethu kodwa esizoyisabalalisela (umculo) njengaye uhlengiwe,” kusho usquiks. zowakha@ilanganews.co.za