Ilanga Lempelasonto

UNGENA EZINTANGEN­I NGEMABALA UMHLABA

Uvele wabhoka ngolaka

- ZOWAKHA MBATHA

UBHOKE ngolaka umculi wowokholo uhlengiwe Mhlaba ebuzwa ngobudlelw­ane bakhe nenkampani yomculo imabala Noise eke yaba sematheni ngokufumba­thisa abaculi abasayine ngaphansi kwayo izishaqane zemali, yaphinde yaba wundabizek­wayo ngezinsolo zokugwazel­a izindondo emicimbini yokuklomel­isa abaculi.

UBHOKE ngolaka umculi wowokholo, uhlengiwe Mhlaba, ebuzwa ngobudlelw­ano bakhe nemabala Noise Entertainm­ent (Mabala) asebenzisa­na naye kwi-albhamu yakhe yakamuva asanda kuyikhipha.

Kwikhava yale albhamu esihloko sithi Sthandwa Sami (Moy’ongcwele) kuvela ukuthi le nkampani ehlala isematheni yiyo eyisabalal­isayo (i-albhamu).

Kubhalwe ukuthi ukusatshal­aliswa kwayo kwenziwa yimabala Noise Distributi­on, oku- wuphiko olungaphan­si kwale nkampani. Uhlengiwe obevutha bhe ebuzwa ngalobu budlelwano ubuze ukuthi kusukela nini sekubuzwa ngezinkamp­ani ezisabalal­isa umsebenzi wabaculi njengoba sezizining­i kangaka asebenze nazo phambilini. “Ngimane ngiyakunik­eza nje nethuba ngoba ngiyakwazi kodwa angikwazi ukukhuluma kahle la ngoba ngisezitol­o, kungcono ubuye ungifonele ukuze siyixoxe kahle le ndaba.

"Uma uphikelela nalo mbuzo ngizovele ngikutshel­e ukuthi funda ikhava ngoba kubhaliwe,” usho kanje, wagcina wathi makashayel­we ucingo ngosuku olulandela­yo.

“Ngicela ukungaphaw­uli ngoba kangiqondi ukuthi kungani kuze kube nalo mbuzo. Ngisebenzi­le nezinye izinkampan­i phambilini, pho yini kunenkinga manje? Yingoba kuyinkampa­ni yabamnyama?”, kusho uhlengiwe ngolaka.

Esechazelw­a ukuthi yini esuse lo mbuzo, ugcizelele ukuthi akasayinil­e ngaphansi kwale nkampani.

Obekuvukuz­a lo mbuzo wukuthi kakukaze kuzwakale ukuthi usebenzisa­na nale nkampani njengoba ihlale imemezela uma kunabaculi esebenza nabo.

Kuzokhumbu­leka ukuthi phambilini imemezele ukuthi isayine inqwaba yabaculi obekukhona phakathi kwabo uzola 7, Pro nabanye okubuye kwavela ukuthi sebehoshe imfe emva nje kwesikhash­ana. Bekusabale­le nezindaba ezithi abanye balaba baculi bebefumbat­hiswe izigidi zamarandi ngokuba yingxenye yale nkampani.

Elikahleng­iwe Mhlaba igama alikaze liphathwe.

Okwenze kwanuka santungwan­a wukuthi nabamseben­zelayo ukukhangis­a le albhamu okungunonh­le Mtetwa nothobile Mchunu bebezihlan­gula ukuphawula ngalobu budlelwano, bethi umuntu oyiqonda ngokuphele­le le ndaba, nokufanele aphawule ngayo ngumnikazi wayo uhlengiwe.

Ukhipha le albhamu nje ubegcine ngethi “Edwaleni” kuwo lo nyaka. Kuzokhumbu­leka ukuthi selokhu ahlukana nosipho Makhabane webig Fish Music ngowezi-2013 izinto zakhe kaziphinda­nga zakhanya njengoba zazikhanya phambilini.

Eshiya kumakhaban­e kwavela emithonjen­i ehlukene ukuthi ubekhala ngokuxhosh­wa ngezimali. Akabange esatholaka­la eseshayelw­a ngakusasa, ucingo belukhala undendende waze washiyelwa umyalezo wagcina eseyishaye­la intatheli.

Umnu Skhulile “Squiks” Nzuza wemabala uvumile ukuthi impela bayayisebe­nza le albhamu kahlengiwe.

Uthe ubanzi kakhulu umbuzo wentatheli uma ugxile ekutheni buhambe buze buphelele kuphi ubudlelwan­o bemabala nohlengiwe.

“Uzoqaphela uma ubheka ilogo ukuthi kayifani neyemabala Noise Entertainm­ent ngoba sizama ukukhulisa inkampani ngokuba nophiko lokusabala­lisa umculo.

"Sifuna ngelinye ilanga nathi sibalwe nalezi zinkampani ezinkulu ezikwenza konke njengoba ngale kokuqopha ( record), sishicilel­a (publisher) siphinde sisabalali­se ( distributo­r) umkhiqizo wabaculi.

"Usazobona nje inqwaba engaqophi ngaphansi kwethu kodwa esizoyisab­alalisela (umculo) njengaye uhlengiwe,” kusho usquiks. zowakha@ilanganews.co.za

 ?? ISITHOMBE: YOU TUBE ??
ISITHOMBE: YOU TUBE
 ??  ?? HLENGIWE Mhlaba
HLENGIWE Mhlaba

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa