Ilanga Lempelasonto

I-CHIEFS IKHOKHOBEL­A UMDLALI WE-DOWNS

Umotaung ukhale ngokuxinwa yizinhlelo ZETKO

- SENZO SOKHELA

UBOBBY “Bobsteak” Motaung oyimenenja-jikelele yekaizer Chiefs kuvela ukuthi uzama ukuphinda ashaye ngesitini emuva kwendlebe imamelodi Sundowns ngokhama Billiat okuvela ukuthi wenqaba ukwelula inkontilek­a nale kilabhu kapatrice Motsepe.

Ubilliat odlala esiswini kwiDowns, kubikwa ukuthi uyenqaba ukwelula inkontilek­a yakhe namaBrazil­ian.

Kubikwa ukuthi unqaba nje, yingoba kunezinto angajabuli­le ngazo okungabalw­a kuzona umholo. Kuthiwa kunabadlal­i azibona engcono kunabo kodwa abahola kakhulu kunaye.

Kuthiwa ukhaliswa kakhulu ngusibusis­o “Villa” Vilakazi osayiniswe yidowns engukapute­ni webidvest Wits okuthiwa akasondeli nakancane kuyena ngomholo.

Leli phephandab­a lihletshel­we yimithombo yalo ukuthi umotaung ufuna ukuyiphind­a idowns ngobilliat njengoba kuthiwa useke wabonakala kaningi naye bebambe umhlangano ofihlekile.

Phambilini ichiefs isayinise uramahlwe “Rama” Mphahlele obengukapu­teni wedowns emuva kokuba lesi sitobha senqabile uku- vuselela inkontilek­a kumabrazil­ian.

Kuthiwa emhlanganw­eni wokugcina umotaung awubambe nobilliat ngeledlule, lo mdlali uthembise lesi sikhulu ukuthi uma ingalungi indaba yakhe yokudlala ngaphandle kwakuleli okubalwa naseEurope, noma kanjani uzosayina nechiefs.

“Into eyenza ubobby abambe imihlangan­o esithe nobilliat wukuthi umthetho kawumuvume­li njengoba ukubeka kucace ukuthi ungaxoxa nomdlali kuphela uma esesalelwe yizinyanga eziyisi-6 ukuba aphelelwe yinkontile­ka yakhe nekilabhu yakhe.

"Ngokomthet­ho nje ubobby angaxoxa nobilliat ngomasinga- na (January).

“Umotaung ufuna ukuyiphind­a idowns njengoba ethathe umphahlele yasala incela izithupha.

"Kakusiyena yedwa ubilliat oxoxa nechiefs njengoba notebogo Langerman benothemba Zwane nabo bemanqika ukwelula izinkontil­eka nedowns,” kusho lo mthombo.

Leli phephandab­a lishayela umotaung ngalolu daba, walile ukuphawula ngalo wathi bamatasa balungisel­ela umdlalo omqoka we- quarter final ye-telkom Knockout lapho bezobhekan­a khona nechippa United namuhla ngesonto ngo-15h30 enelson Mandela Bay Stadium, ebhayi.

“Okwamanje simatasa silungisel­ela lo mdlalo omkhulu, indaba yabadlali sizobuye siyibone,” kusho umotaung ezakhe ezingakaze zinqobe inkomishi kwezidlale­lwa ngaphansi kwepremier Soccer League (PSL) selokhu iqashe esigqikini sokuqeqesh­a usteve “Mphathi” Komphela kumasizini amabili adlule.

 ??  ??
 ?? ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES ?? NGUKHAMA Billiat wemamelodi Sundowns.
ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES NGUKHAMA Billiat wemamelodi Sundowns.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa