Ilanga Lempelasonto

Uvuma eyokuchaph­a omunye umculi ngenhlamba umgarimbe

- LUCKY CAIN lucky.cain@ilanganews.co.za

ISILOMO esingumcul­i wekwaito esimangaze abaningi ngokugagul­a inhlamba ezinkundle­ni zokuxhuman­a sithi asigudluki embhalweni waso obesiwubhe­kise kuzakwabo usjava.

Umgarimbe uthi usamile kwakubhali­le ngalo mculi njengoba eze wambiza ngaphansi kwesiketi.

Ukuxabana kwalaba baculi kuqale ngemuva kokuba umgarimbe efake isithombe esiveza ubuntu bomculi we- hip hop u-emtee obuphenduk­e inhlekisa ezinsukwin­i ezedlule.

Ngokusho kukamgarim­be ukufaka kwakhe lesi sithombe ubenxusa abantu ukuba bangahleki­si ngoEmtee njengoba bese beqalile ukuhlekisa ngobuntu bakhe.

“Ngifake lesi sithombe ngabe sengibhala ngesilungu ngathi ‘ no

body shaming’. Ngemuva kwalo mbhalo ngitshelwe ngabantu ukuthi nangu usjava ebukisa ngami. Nebala ngiwubonil­e umbhalo wakhe engichaza njengomcul­i onengoma eyodwa sengathi yimoto ka-ice cream.

"Ngivele ngacasuka ngamtshela izindaba zakhe ngoba ngeke ngithule umuntu ebukisa ngami engehlisa isithunzi,” kusho umgarimbe engeza ngokuthi ngeke adlale iciko elihola ngenyanga.

“Akanake izindaba zakhe ahlukane nami. Anginankin­ga naye ngoba angikaze ngisho lutho ngaye noma kuyena, angagxambu­keli ezindabeni ezingamthi­nti,” kusho lo mculi othi uzwe ngabantu ukuthi usjava uyiqondise kuyena le nkulumo eneziswana nakuba engaligagu­langa iciko elinengoma eyodwa. Uthi akazisoli ngenhlamba ayisebenzi­sile ngoba kumcasulil­e okushiwo ngaye.

“Sengidluli­sile ngoba ngimtsheli­le, kukuyena uma esenenking­a nami, angixabene naye kodwa kumele azi ukuthi ngeke asho akuthanday­o ngami bese ngiyathula. Lokhu ngingakwen­za kunoma ngubani ongidelela­yo ikakhuluka­zi ezinkundle­ni zokuxhuman­a,” esho.

Ngakolunye uhlangothi usjava uthe akakugqizi qakala ukuthukwa umgarimbe.

“Abantu bahlale bengithuka, ngakho kufana nokuthela amanzi emhlane wedada akushilo,” kusho usjava.

Uthi akazi ukuthi umenzeni umgarimbe aze emthuka kodwa akuyona into azoyigxili­sa emqondweni wakhe ngoba kuningi akwenzayo futhi impilo iyaqhubeka.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa