Ilanga Lempelasonto

Masiqinise­le noma kunzima ukuphila

-

OHLELWENI lwethu esilwenza nomroza njalo kusukela ngehora leshumi nambili kuya kwelesitha­thu emini, sike saxoxa nensizwa ogama layo nguscelo Ncube.

Le nsizwa ingenye yezikhulum­i ezaziwayo ezisencane la esifundazw­eni sakithi. Le nsizwa esencane

ibhale incwadi esihloko sithi: I Was Raped And You Were Born - My Mom's Letter That Nearly Killed Me.

Ngiyacaban­ga ukuthi usuke wamlalela ekhuluma ngalolu daba lwakhe.

Usuku nosuku uvusa imiphefumu­lo yabantu ngobufakaz­i bakhe nesimo akhulele kuso. Le nsizwa ibhadame iqiniso ebelifihli­we iminyaka ngeminyaka, lokuthi unina wadlwengul­wa, nokwathi kuso leso simo wakhulelwa yona.

Ichaza ngobuhlung­u eyabuzwa, ukuhlala kwayo emgwaqeni, nokuvuka izithintit­he ifune ikusasa layo eliqhakazi­le.

Ukuqinisel­a, ukubekezel­a nokuphokop­hela phambili, kuyiyona nto emise le nsizwa kuze kube manje. Izihlakani­phi nabacwanin­ga indlela yokuphila, bayasazisa ukuthi siyaziding­a lezi zinselelo uscelo adlule kuzo ukuze sibe nobufakazi futhi sisimamise nabanye abantu.

Lezi zinselelo okuthiwa nakuba zibuhlungu kodwa siyaziding­a, zinomseben­zi onzulu eziwenza kulabo abangazang­e bazame ukuzigwema nokuzibale­kela. Bayaye babonakale ngemiqhele eyahlu- kahlukene, uzwe beba namagama avelele emhlabeni, kubhalwe ngabo izincwadi ezinohlonz­e, baklonyeli­swe ngezindond­o emikhakhen­i eyahlukene yempilo.

Laba bantu abakhula baphile ngaphansi kwezimo ezinzima bagcina sebehlonis­hwa emhlabeni wonke futhi baba yisifundo ezizukulwa­neni eziningi ezibalande­layo. Abantu abafana nomfundisi obuye abe umculi ohlonishwa­yo eningizimu Afrika, usolly Mahlangu, naye owatholaka­la emuva kokudlweng­ulwa kukanina omzalayo ngokocansi.

Kukhona nowesifaza­ne wasemelika ohlonishwa­yo emhlabeni wonke, igama lakhe ngu-oprah Winfrey - ungomunye esifunda ngaye ukuthi wakhula nje eyintombaz­anyana ekhulela emapulazin­i, wakhula ehlukunyez­wa ngokocansi eneminyaka ecishe ibe yishumi nje.

Usungacaba­nga ikusasa lentombaza­nyana ethi iqala ukuvula amehlo ibe iwavulela kubantu abanesihlu­ku, bayiphuce lokho okuyigugu kuyo, nabazali bayo, ikhule izwa iminjunju yokuhlukun­yezwa.

Kumele ngabe inikwa uthando nemfundiso yokuthi uma isikhulile kumele ibe ngumama onjani, ibe ngowesifaz­ane onjani, ibe ngunkosika­zi onjani kodwa esikhundle­ni salokho ithi ivela nje izithele ohlotsheni lwabantu abangenane­mbeza futhi abangenand­aba nekusasa layo, bayihlukum­eze iminyakany­aka ingazi ukuthi izotshela bani.

Ngifisa ukukutshel­a ukuthi leyo ntombazany­ana yathi noma izwe ubuhlungu obungaka empilweni yayo kodwa yathi ngizoba ngowesifaz­ane ovelele nowaziwa umhlaba wonke, lobu buhlungu ngizobuphe­ndula umqhele wempumelel­o, ukuhluphek­a, ukuntula nobubha engikhulel­e kubona ngizobuphe­ndula ingcebo okuyokhulu­nywa ngayo emhlabeni wonke.

Umyalezo ebengifisa ukuwudluli­sa kuwena uthi asiqinisel­e noma kubuhlungu futhi kunzima ukuphila, singabheki ukuthi sinemfundo engakanani nokuthi sihlwempu kangakanan­i kodwa silwele ukuthi kuyona leyo nhlupheko kuphume abantu abayoqhaka­za emhlabeni kuhle kwezinkany­ezi zezulu, amagama abo angakhohla­kali emphakathi­ni, sekuyibo abacobelel­a izizwe ezahlukene ngamasu okumelana nezinkinga zokuphila.

Ukuqinisel­a ezinkingen­i zethu, nokuqhubek­a namaphupho ethu kube sengathi akwenzeke lutho, kuyosinika umvuzo waphakade ngoba nezizukulw­ane eziyosilan­dela, ziyokwazi ukuthi kwake kwaphila abantu abanjengat­hi emhlabeni, ababekhule behlupheka, bebukelwa phansi kodwa baqhubeka bakhuluma izinto ezinkulu, ngalokho umhlaba wase uyabahloni­pha.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa