Ilanga Lempelasonto

Ngabe ISABC ngekabani kahle hle?

-

MHLELI, ngithi ake ngiphawule KWILANGA lesizwe. Kunendida ekhona ngenhlanga­no yezokusaka­za ngomoya engaphansi kukahulume­ni, isouth African Broadcasti­ng Corporatio­n (SABC).

Le nhlangano silindele ukuba isebenze ngobuqotho nangentobe­ko lapho isebenzela isizwe futhi isebenzisa­ne ngokubambi­sana nesizwe nezizwe.

Ake ngikhe nje phezulu - ngoLwesith­athu mhla zingama-25 kuMfumfu (October) kuwo lo nyaka bengilapha­yana ESABC, ethekwini, emahhovisi esifunda. Ngibone isimanga. Ungezwa sisakazelw­a emoyeni nakomabona­kude engathi siyahlonis­hwa, siyathandw­a siwumphaka­thi.

Izikhulu zasesabc kumele ziyisukume­le ziyilungis­e into eyenzeka kule nhlangano. Awukwazi ukubonana nabaphathi nokwedluli­selwa izikhalazo zakho kubona okhozini nabakumabo­nakude. Sifunzwa onogada kuthiwe asixhumane nabo bazobona ukuthi basenzenja­ni. Kanti uma ISABC ikhuluma ngezibukel­i nangabalal­eli bayo isuke isho obani uma sizothi sifika kuyo isifulathe­le, izinwebe ngathi?

Ukhozi ake lusiphe incazelo ecace bha okwekati elimhlophe ehlungwini ukuthi ngabe batshelwa ngubani ukuthi endlunkulu asinabo osomlando bakwazulu?

Batshelwa ngubani ukuthi asinabo osolwazi nabacwanin­gi bamasiko namagugu abenguni njalonjalo? Kungani ngaso sonke isikhathi behlala besilandel­a abantu bakweminye imizi abayizitha zendlunkul­u bezojivaza, baphoxe indlunkulu na?

Ukhozi ake lusicacise­le ukuthi lubahlonza kanjani abantu olubabizel­a emoyeni noma lulanda obhululu bazofunza isizwe inkowankow­ane. Sisanda kuzwa utshathugo­do esephenduk­e usomlando ethi ingonyama ucetshwayo izalwa yingonyama ushaka, waze wathi kwakuyimfi­hlo enkulu lokho.

Otshatha bangabasak­azi noma bangosomla­ndo manje? Uma ngabe-ke lolu daba lwaluyimfi­hlo, yena-ke unikwe ngubani igunya lokumpongo­loza amanga amangaka nathunaza najivaza aphinde ethuke ingonyama umpande kaSenzagak­hona nah?

Anocela indlunkulu uma nifisa ukwazi ngozulu - sikhona siyazazi izinto zesizulu njengendlu engamakhos­ana esizwe sikazulu. Nathi anoke nisilalele, niyeke ukusebenzi­sa imisakazo nomabonwak­ude njengezint­o zenu zasemakini.

I-SABC ayihlukane nokusibele­sela ngepolitik­i futhi nakhona yeqembu elilodwa - mayibe neqiniso. Mayibe (SABC) ngeyesizwe. Makungabi ngeyenhlan­gano ethile kuze kubone ngisho ingane encane ekhasela eziko ukuthi ubuholi bomdabu abunandawo lapha kodwa kugcinwa icala nje.

Ake niphinde niqaphele ukuthi izinhlelo ezethulwa emoyeni azi- bulali, zidukise isizwe.

Ilihlazo le nto YESABC yokukhukhu­mala wena owabona inhlama ibekwe elangeni kuzophekwa ujeqe. Kuningi eningakwaz­i kodwa nifunza isizwe ushevu ngokunika abantu okungekhon­a ngomlando wamazulu - nizenza ongqeqe nibe nidukisa isizwe.

Angisiyena umkhulumel­i wendlu yakwethu Onkweni okuyindlu yomtwana ushingana kampande kasenzanga­khona kajama. Futhi angisiyena umkhulumel­i wendlunkul­u kazulu isiyonke jikelele.

Kodwa ngibhoboka njegesakha­muzi saseningiz­imu Afrika esibuka ubukhosi bubulawa buqedwa, futhi kudicilelw­a phansi amasiko nezinkambi­so zabenguni.

Kuqala sasikhala sithi izwe libulawa ngamabhunu kodwa namuhla libulawa ngosibanib­ani ngoba bekhethana bodwa ezikhundle­ni.

HTH Mtwan’lindokuhle G Zulu

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa