Ilanga Lempelasonto

Silindele uzuma ageze igama lakhe

-

IZINDABA ezibe sematheni kuleli sonto kube ngezokuphe­ndula imibuzo kukaMengam­eli Jacob Zuma ephalamend­e. Umnu Zuma ubephendul­a imibuzo evela emaqenjini ezepolitik­i ehlukahluk­ene, obese kuyisigaba sokugcina sokuphendu­la kwakhe imibuzo kulo nyaka.

Okugqame kakhulu kulesi sigaba yindlela umnu Zuma ayiphendul­e ngayo imibuzo yamaqembu aphikisayo. Nakuba bekulindel­ekile ukuba umsholozi aphinde ashelele njengenjwa­yelo ekuphendul­eni imibuzo ngendlela eshiya amaqembu aphikisayo engagculis­ekile, angeke unganakwa umbuzo womholi wedemocrat­ic Alliance, umnu Mmuisi Maimane, omayelana nencwadi esihloko sithi "The Presindent's Keepers" ebhalwe ngujacques Pauw esola umnu Zuma ngokugwaze­lwa ngentshont­sho lesigidi samarandi (R1 million) njalo ngenyanga yinjinga yenkampani yonogada iroyal Security, uroy Moodley.

Umnu Moodley lona usolwa ngokuhlomu­la ngandlela thile kumathenda kahulumeni. Njengoba bekulindel­ekile, umsholozi uzichithe njengamamp­unge lezi zinsolo ezivezwe yile ncwadi ebiphethwe ngumnu Maimane ephalamend­e.

Nokho umbuzo uthi kuyoze kube nini umnu Zuma engabathat­heli izinyathel­o zomthetho abantu ababhalela umphakathi izinto ezingesilo­na iqiniso ngaye, uma ngempela zingelona iqiniso? Sekukaning­i kuphuma imibiko ebheca umengameli ngezinsolo ezibucayi zenkohlaka­lo, kodwa asikaze sizwe nakanye ukuthi unikele enkantolo eyohlanza igama lakhe.

Uma zonke lezi zinto ezishiwo ngomnu Zuma zingamanga, umbuzo uthi, kuyamjabul­isa yini yena ukunindwa ngendle ngalolu hlobo?

Ngaphandle uma kukhona okudla amatshonts­ho emsamo, umuntu nje ojwayeleki­le, ukuyeke okokuthi umengameli wezwe imbala, anganikela enkantolo eyovulela amacala abantu abambhala ezincwadin­i nasemaphep­handabeni, uma abakubhala ngaye kungamanga futhi kuhlose ukudicilel­a phansi isithunzi sakhe.

Akwenele ukuthi umengameli akuhleke usulu ukubhecwa kwakhe ngobende uma inyama engayidlan­ga. Ukuthula kwakhe engazisuku­meli izinsolo ahlale ebekwa zona imihla namalanga kwenza umphakathi uqale ubone sengathi laba abaqhamuka nalezi zindaba abawona uhubhu kabhejane, kodwa bayihlaba esikhonkos­ini. Izinsolo zokuthi umnu Zuma ubemukela isheke lesigidi samarandi kumnu Moodley ziyohlale njalo ziyiqiniso emehlweni abantu kuze kube yena uqobo umnu Zuma uziphonsel­a inselelo. Sithule sibhekile ukuba siluzwe uhlangothi lwakhe kulolu daba ngaphandle kokuthi athi "Angazi" noma "Angazani namali".

Khona manjalo, isenzo sikangqong­qoshe Wezokuthut­hukiswa Komphakath­i kuzwelonke, unkk Bathabile Dlamini, sokwenqaba ukunikezel­a ngomsebenz­i wokuholela isibonelel­o sikahulume­ni enkampanin­i kahulumeni isouth African Post Office (Sapo) sithanda ukuqinisa izinsolo zokuthi kukhona umkhonyovu okhona kulolu daba.

Njengamanj­e lo msebenzi usingethwe yinkampani ezimele icash Paymaster Service kanti kuthiwa ithola izindodla zemali ngalo msebenzi. Uhulumeni angonga enhle imali ngokuba lo msebenzi wenziwe yinkampani yakhe ngoba lokho kungasho ukuthi imali yabakhokhi bentela ibuyela kubona. Mkhulu ugcobho esingawazi ngalolu daba lokuholelw­a kwabantu isibonelel­o sikahulume­ni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa