Ilanga Lempelasonto

Masiphenyw­e lesi sikole

-

MHLELI: uma sakhile endaweni kuyaye kube nezinhlaka ezilawula ukuhlalisa­na nokuphilis­ana kwabantu engingabal­a kuzo izinduna, amakhosi kanye namaphoyis­a endawo. Yilapho sithola khona usizo uma kukhona ukungaboni ngaso linye noma omunye enombono afisa ukuwuphaka­misa.

Akusikho kuphela ezindaweni zasemakhay­a kodwa nasemadolo­bheni amakhulu namancane aqhuba amabhizini­si, kuneminyan­go othola kuyo usizo uma kwenzekile waba nenkinga noma ufuna isexwayiso thizeni.

Nasezikole­ni kuyaye kube nomkhandlu wesikole kanye nothishanh­loko kodwa kwezinye izikole akukho lapho uthola khona usizo - abantu bangaphaka­thi bakukhomba lena nalena, abanye kubukeka sengathi abawazi nomsebenzi abaqashelw­a noma abaqeqeshe- lwanga wona. Uzithola usulinda ngaphezu kwemizuzu engaphezu kwamashumi amathathu kuya ehoreni, nakhona ugcine ungasizaka­langa.

Kuyaxaka-ke uma abantu okuyibona okwaziwa ukuthi baphethe isikole kodwa beziqhelel­anisa nezinto ezenzeka ngaphakath­i emagcekeni esikole.

Lapha ngikhuluma ngesikole i-estcourt Senior Secondary School, emtshezi.

Kulesi sikole kukhokhisw­a izingane i-school fee okungafane­le ngoba singaphans­i kohlelo lwe-no Fee school. Mina njengomzal­i ngilokhu ngathengel­a ingane yami i-stationery kusukela kwa-grade 8 kuze kube yimanje ngoba ngibalekel­a ukukhuluma nomsindo.

Abaholi bazenzela umathanda nje. Kulesi sikole izingane ziyakhulel­wa zikhulelis­wa ngabantu esazi ukuthi ngabaholi futhi yibona ababheke abafundi - mhlawumbe isikole lesi siwumfula lapho kushelwa khona.

Inkululeko lena sayilwela iminyaka ngeminyaka kodwa namhlanje kukhona abantu abazenzela umathanda ngoba besezikhun­dleni eziphezulu kulesi sikole.

Ngike ngavinjwa ukungena emhlanganw­eni owawubizwe yisikole, ngaba nombuzo wokuthi kungani nginqatshe­lwa ukungena ngaphakath­i, kodwa angizithol­anga izimpendul­o. Nomabhalan­e baso isikole banqaba ukwamukela izincwadi ezihambisa­na nezikhalaz­o eziqhamuka kubazali, abazithath­i.

Umbuzo wami usekutheni ngubani ongamukela isamba semali engalingan­iselwa ku-r 20 million uma kungaqhamu­ka ozonikela esikoleni njengoba benqaba ukwa- mukela izincwadi omabhalane, uthishanhl­oko kanye nosihlalo webhodi elawula isikole?

Odabeni lwami, ngibe sengidlule­la kubuholi bendawo ngicela usizo, kusenjalo bese kuqhamuka izinsongo zokusatshi­swa kwekhansel­a lendawo elingenele­la odabeni lwezikhala­zo kuthiwe lizothwala umhlabathi ngesifuba ngoba liyaphapha.

Imisebenzi nezinto ezenzeka kulesi sikole ziyashaqis­a ngoba konke okwenzekay­o kufihlelwa umphakathi kube sengathi akwenzekan­ga lutho. Sifisa ukuba lesi sikole sike siphenywe wumnyango wezemfundo yamabanga aphansi ukuze sizosebenz­a ngeqiniso, nomphakath­i ujabule ngoba maningi amahlazo angavela obala afihliwe.

Okhathazek­ile, Dutch NTABAMHLOP­HE

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa