Masiphenywe lesi sikole
MHLELI: uma sakhile endaweni kuyaye kube nezinhlaka ezilawula ukuhlalisana nokuphilisana kwabantu engingabala kuzo izinduna, amakhosi kanye namaphoyisa endawo. Yilapho sithola khona usizo uma kukhona ukungaboni ngaso linye noma omunye enombono afisa ukuwuphakamisa.
Akusikho kuphela ezindaweni zasemakhaya kodwa nasemadolobheni amakhulu namancane aqhuba amabhizinisi, kuneminyango othola kuyo usizo uma kwenzekile waba nenkinga noma ufuna isexwayiso thizeni.
Nasezikoleni kuyaye kube nomkhandlu wesikole kanye nothishanhloko kodwa kwezinye izikole akukho lapho uthola khona usizo - abantu bangaphakathi bakukhomba lena nalena, abanye kubukeka sengathi abawazi nomsebenzi abaqashelwa noma abaqeqeshe- lwanga wona. Uzithola usulinda ngaphezu kwemizuzu engaphezu kwamashumi amathathu kuya ehoreni, nakhona ugcine ungasizakalanga.
Kuyaxaka-ke uma abantu okuyibona okwaziwa ukuthi baphethe isikole kodwa beziqhelelanisa nezinto ezenzeka ngaphakathi emagcekeni esikole.
Lapha ngikhuluma ngesikole i-estcourt Senior Secondary School, emtshezi.
Kulesi sikole kukhokhiswa izingane i-school fee okungafanele ngoba singaphansi kohlelo lwe-no Fee school. Mina njengomzali ngilokhu ngathengela ingane yami i-stationery kusukela kwa-grade 8 kuze kube yimanje ngoba ngibalekela ukukhuluma nomsindo.
Abaholi bazenzela umathanda nje. Kulesi sikole izingane ziyakhulelwa zikhuleliswa ngabantu esazi ukuthi ngabaholi futhi yibona ababheke abafundi - mhlawumbe isikole lesi siwumfula lapho kushelwa khona.
Inkululeko lena sayilwela iminyaka ngeminyaka kodwa namhlanje kukhona abantu abazenzela umathanda ngoba besezikhundleni eziphezulu kulesi sikole.
Ngike ngavinjwa ukungena emhlanganweni owawubizwe yisikole, ngaba nombuzo wokuthi kungani nginqatshelwa ukungena ngaphakathi, kodwa angizitholanga izimpendulo. Nomabhalane baso isikole banqaba ukwamukela izincwadi ezihambisana nezikhalazo eziqhamuka kubazali, abazithathi.
Umbuzo wami usekutheni ngubani ongamukela isamba semali engalinganiselwa ku-r 20 million uma kungaqhamuka ozonikela esikoleni njengoba benqaba ukwa- mukela izincwadi omabhalane, uthishanhloko kanye nosihlalo webhodi elawula isikole?
Odabeni lwami, ngibe sengidlulela kubuholi bendawo ngicela usizo, kusenjalo bese kuqhamuka izinsongo zokusatshiswa kwekhansela lendawo elingenelela odabeni lwezikhalazo kuthiwe lizothwala umhlabathi ngesifuba ngoba liyaphapha.
Imisebenzi nezinto ezenzeka kulesi sikole ziyashaqisa ngoba konke okwenzekayo kufihlelwa umphakathi kube sengathi akwenzekanga lutho. Sifisa ukuba lesi sikole sike siphenywe wumnyango wezemfundo yamabanga aphansi ukuze sizosebenza ngeqiniso, nomphakathi ujabule ngoba maningi amahlazo angavela obala afihliwe.
Okhathazekile, Dutch NTABAMHLOPHE