Umkhize ugxeka eyezileti kwi-anc
Uthi ingqungquthela kakhongolose makube ngeyokwakha ubuholi
UDKT Zweli Mkhize onguMgcinimafa we-african National Congress (ANC) uthi into esemqoka kakhulu njengoba kuyiwa engqungqutheleni kazwelonke ebhekwe ngabomvu, ezobe isenasrec Expo Centre, egoli, wukuthi kufanele amalunga kakhongolose agxile ekutheni kuyokwakhiwa ubuholi benhlangano, hhayi indaba yokuthi kuyokwakhiwa izileti.
Kuyaziwa ukuthi indaba yezileti idla lubi kwi-anc ikakhulukazi njengoba kubhekwe kule ngqungquthela ezoqala kusukela mhla ziyi-16 kuya zingama-20 kwephezulu.
Uthi le ndaba yezileti iyiphazamisa kakhulu inhlangano ngoba idala ukuthi kugcine sekukhulunywa ngamagama abathile.
“Iyiphazamisa (inhlangano) ngezinto ezimbili. Eyokuqala wukuthi kusuke kwande kakhulu ukukhuluma ngamagama ngaphambi kokuba kwande ukukhuluma ngokuthi yini umsebenzi ozokwenziwa.
"Okwesibili wukuthi kufaka umoya wokuthi kunabantu abamukelekile kwabanye ukuthi bangahola (inhlangano) kwabanye bangamukeleki.
"Leyo nto iyingozi kakhulu ngoba abaholi ngabenhlangano eyodwa, futhi basebenza ndawonye kuyimanje.
"Manje kwakha isithombe sokuthi uma sekufikwa enkomfeni kufanele kuxatshanwe.
"Iyona kakhulu leyo nto ngoba yenza ukuba umoya wokuzwana udungeke ngaphakathi enhlanganweni.
"Ifuna ukuba siyisebenze ngoba kwaba yiphutha lethu ukuba siyi- yekelele ize iqine ngale ndlela eyiyona. Njengamanje kunabantu abangakholwa wukuthi abantu beANC bonke laba bantu abaphakanyiswayo bangasebenza ndawonye.
"Bandawonye kuyimanje, kodwa ngendlela okukhulunywa ngayo, sekungathi ngabantu abangeke besaphinde bakwazi ukuzwana, kuyaliwa sengathi ngamaqembu ahlukene,” kuqhuba udkt Mkhize.
Ephawula mayelana nendaba yemibango ekhona njengoba kulungiselwa le ngqungquthela uthe imibango iyohlale iyinkinga. Uthe eminye iyaxazululeka, eminye ayikaxazululeki.
Emhlanganweni wokugcina okule mpelasonto wesigungu esiphezulu SE-ANC (National Executive Committee - NEC) uthe yilapho bezothola khona umbiko ogcwele wokuthi kukhona yini okuxakile okungenzekile ezifundazweni mayelana nemibango ekho- na noma ebikhona.
“Umsebenzi onjengalo (wokuxazulula imibango) uyahlupha ngoba ufuna uwenze kuze kube khona ukwaneliseka phakathi kwalabo abathintekayo,” kusho udkt Mkhize.
Uphinde waphawula mayelana nendaba yokubulawa kwamalunga E-ANC kwakamuva esifundeni imoses Mabhida.
Uthi into ezosiza wukuthi kube khona ithimba lamaphoyisa eliyi- sipesheli eliqondene ngqo nalesi sihlava ukuze kungahambi isikhathi eside kungezwakali ukuthi kukhona ababoshwayo.
“Nabantu kufanele bakhuthazwe ukuthi bakwazi ukusiza, balekelele amaphoyisa ekutheni ulwazi abanalo lusheshe lutholakale ukuze le nto ikwazi ukunqandwa. Le nto kade siyikhuza emzimkhulu, ayikwazi ukuqala kwenye indawo,” kusho yena.
bhekin@ilanganews.co.za