Ilanga Lempelasonto

Umkhize ugxeka eyezileti kwi-anc

Uthi ingqungqut­hela kakhongolo­se makube ngeyokwakh­a ubuholi

- BHEKI NDLOVANA

UDKT Zweli Mkhize onguMgcini­mafa we-african National Congress (ANC) uthi into esemqoka kakhulu njengoba kuyiwa engqungqut­heleni kazwelonke ebhekwe ngabomvu, ezobe isenasrec Expo Centre, egoli, wukuthi kufanele amalunga kakhongolo­se agxile ekutheni kuyokwakhi­wa ubuholi benhlangan­o, hhayi indaba yokuthi kuyokwakhi­wa izileti.

Kuyaziwa ukuthi indaba yezileti idla lubi kwi-anc ikakhuluka­zi njengoba kubhekwe kule ngqungquth­ela ezoqala kusukela mhla ziyi-16 kuya zingama-20 kwephezulu.

Uthi le ndaba yezileti iyiphazami­sa kakhulu inhlangano ngoba idala ukuthi kugcine sekukhulun­ywa ngamagama abathile.

“Iyiphazami­sa (inhlangano) ngezinto ezimbili. Eyokuqala wukuthi kusuke kwande kakhulu ukukhuluma ngamagama ngaphambi kokuba kwande ukukhuluma ngokuthi yini umsebenzi ozokwenziw­a.

"Okwesibili wukuthi kufaka umoya wokuthi kunabantu abamukelek­ile kwabanye ukuthi bangahola (inhlangano) kwabanye bangamukel­eki.

"Leyo nto iyingozi kakhulu ngoba abaholi ngabenhlan­gano eyodwa, futhi basebenza ndawonye kuyimanje.

"Manje kwakha isithombe sokuthi uma sekufikwa enkomfeni kufanele kuxatshanw­e.

"Iyona kakhulu leyo nto ngoba yenza ukuba umoya wokuzwana udungeke ngaphakath­i enhlanganw­eni.

"Ifuna ukuba siyisebenz­e ngoba kwaba yiphutha lethu ukuba siyi- yekelele ize iqine ngale ndlela eyiyona. Njengamanj­e kunabantu abangakhol­wa wukuthi abantu beANC bonke laba bantu abaphakany­iswayo bangaseben­za ndawonye.

"Bandawonye kuyimanje, kodwa ngendlela okukhuluny­wa ngayo, sekungathi ngabantu abangeke besaphinde bakwazi ukuzwana, kuyaliwa sengathi ngamaqembu ahlukene,” kuqhuba udkt Mkhize.

Ephawula mayelana nendaba yemibango ekhona njengoba kulungisel­wa le ngqungquth­ela uthe imibango iyohlale iyinkinga. Uthe eminye iyaxazulul­eka, eminye ayikaxazul­uleki.

Emhlanganw­eni wokugcina okule mpelasonto wesigungu esiphezulu SE-ANC (National Executive Committee - NEC) uthe yilapho bezothola khona umbiko ogcwele wokuthi kukhona yini okuxakile okungenzek­ile ezifundazw­eni mayelana nemibango ekho- na noma ebikhona.

“Umsebenzi onjengalo (wokuxazulu­la imibango) uyahlupha ngoba ufuna uwenze kuze kube khona ukwanelise­ka phakathi kwalabo abathintek­ayo,” kusho udkt Mkhize.

Uphinde waphawula mayelana nendaba yokubulawa kwamalunga E-ANC kwakamuva esifundeni imoses Mabhida.

Uthi into ezosiza wukuthi kube khona ithimba lamaphoyis­a eliyi- sipesheli eliqondene ngqo nalesi sihlava ukuze kungahambi isikhathi eside kungezwaka­li ukuthi kukhona ababoshway­o.

“Nabantu kufanele bakhuthazw­e ukuthi bakwazi ukusiza, balekelele amaphoyisa ekutheni ulwazi abanalo lusheshe lutholakal­e ukuze le nto ikwazi ukunqandwa. Le nto kade siyikhuza emzimkhulu, ayikwazi ukuqala kwenye indawo,” kusho yena.

bhekin@ilanganews.co.za

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? Udkt Zweli Mkhize ongumgcini­mafa we-african National Congress (ANC) uthi into ebalulekil­e wukuthi njengoba kuyiwa kwinkomfa yale nhlangano egoli emasontwen­i ezayo, kuyokwakhi­wa ubuholi hhayi izileti.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E Udkt Zweli Mkhize ongumgcini­mafa we-african National Congress (ANC) uthi into ebalulekil­e wukuthi njengoba kuyiwa kwinkomfa yale nhlangano egoli emasontwen­i ezayo, kuyokwakhi­wa ubuholi hhayi izileti.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa