Ilanga Lempelasonto

AKAGCINI NJE NGOMCULO KUPHELA

- THANDI ZONDI

UMZWILILI ohlonishwa umhlaba wonke uyvonne Chaka Chaka, oseqede iminyaka engama-32 esendimeni yezomculo uthi ukugujwa komkhankas­o wokulwisan­a nokuhlukun­yezwa kwezingane nabesifaza­ne (16 Days of Activism) akusiyo into okumele inakwe inyanga eyodwa kuphela.

“Lo kumele kube wumkhankas­o wangaso sonke isikhathi ngoba abesifazan­e bahlukumez­eka zikhathi zonke. Uma kugxilwa kulo mkhankaso kakumele kubhekwe abesifazan­e kuphela kodwa nabesilisa uqobo okuyibo abenzi bobubi.

“Ngokwami ngicabanga ukuthi kusuke kukhona into eyonakele ekhanda lomuntu wesilisa ohlukumeza­yo,” esho ngesikhath­i evakashele emahhovisi ephephanda­ba ILANGA.

Uyvonne owaziwa ngokuthi yiprincess of Africa ungene kwezomculo eneminyaka eyi18. Uthi ngaleziya zikhathi unina wabe engafuni ukuba angene kule ndima, efuna abe ngummeli. Kodwa ngenxa yothando lomculo uqhubekile njengoba eseqede iminyaka eminingi kangaka.

Uthi kawukho umlingo enze ngawo ukuze aphumelele emculweni kodwa wukuzihlon­ipha yena nethalente lakhe okumenze wahlala isikhathi.

“Kuyisibusi­so kimina futhi kuyintando kaNkulunku­lu. Umsebenzi engiwenzay­o uwubufakaz­i bokuthi uma uyithanda into oyenzayo ugcina usuthola okungaphez­ulu. Ngingasho ngokungana­nazi ukuthi impilo yami imnandi, ngibusisek­ile,” kuqhuba yena.

Uyvonne uzakhele udumo kakhulu ngezingoma azishaya ngama 80’s, okubalwa kuzo nethi ‘ Umqombothi, Thank you Mr DJ, Let Me Be Free nezinye.

Utshele ILANGA Langesonto ukuthi naku- ba esehlale iminyaka eminingi kangaka emculweni kodwa akazimisel­e ngokuwuyen­a umculo. Usanda kukhipha i- esihloko sithi ‘Keep Looking At Me’.

Esikhathin­i asesichith­e emculweni

uthi ukuqapheli­le uku-

baluleka kokushints­ha uhambisane nesikhathi, yingakho naye engabambel­ele entweni eyodwa.

“Angiziboni ngihlukana nomculo. Ngiyakutho­kozela ukuba sesi-teji nasestudiy­o. Njengamanj­e angisaqoph­eli ukudayisa umculo kodwa sengenzela ukuzigcina ngiyingxen­ye yomkhakha wezomculo. Umculo ngowuyeka mhla inhliziyo yayeka ukushaya, ngeke ngikwazi ukuyeka into eseyibe yingxenye yempilo yami isikhathi esingaka,” kulanda yena.

Uyvonne Chaka Chaka uthi uyalijabul­ela ibanga eselihanjw­e ngabaculi bakuleli abafana nocassper Nyovest njengoba begcwalisa izinkundla zemidlalo.

“Ukugcwalis­a kwabo izinkundla akusiyo into entsha. Mina uqobo nabantu abafana nolucky Dube besigcwali­sa inkundla igcwale phama, ngisho sihambele emazweni angaphandl­e kwakuleli. Yize kunjalo muhle umsebenzi engibona wenziwa ngabaculi bakuleli futhi uyancomeka,” echaza.

Uthi umculo uwuhloniph­a kakhulu ngoba ngaphandle kwawo ngabe akekho kuleli zinga akulo. Kulo nyaka uhlonishwe ngomklomel­o WE-BET Internatio­nal Global Good Power Award ngenxa yokuba nesandla ekuphucule­ni isimo sezempilo ebantwini base-afrika.

Ephawula mayelana nomkhuba obukeka udla lubi wokungagqo­ki kwabesifaz­ane ikakhulu endimeni yokuzithok­ozisa uthe:

“Uma ucula wocula ngoba unethalent­e, kasikho isidingo sokuba uhambe nqunu. Kodwake angisiye umuntu othanda ukugxeka kakhulu, ngingathi kuya ngawe ukuthi wena ufunani, uthanda ukubukeka kanjani,” kuqhuba yena.

Uthi abaculi abasebanca­ne kubaluleki­le ukuba bazazi ukuthi bami kuphi.

“Zimisele ngokufunda nokuba ugxekwe futhi. Sebenza kanzima,” kusho yena.

Kule album yakhe yakamuva usebenze nabaculi abasebasha ngokweminy­aka okunguberi­ta, untsiki Mazwai nodollar wasenamibi­a nezingane eziphila nokukhubaz­eka zasesunshi­ne Centre ewalvis Bay.

“Ngikholwa wukuthi abantu abasebasha badinga ukunikwa ithuba, kungalokhu kuthiwa bayikusasa, badinga ukufukulwa kodwa benganikwa ithuba. Ngifunda lukhulu kubona, yingakho ngikholelw­a ekusebenzi­saneni nabo,” echaza. Akagcini ngokuba ngumculi nje kuphela kodwa uyinxusa le-united Nations Children’s Fund (UNICEF) neroll Back Malaria kanti futhi unenhlanga­no yakhe ezimele ebizwa nge-the Princess of Africa

Foundation.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? AKAZIBONI eyeka kwezomculo uyvonne Chaka Chaka, uthi ukwesekwa ngumyeni namadodana akhe yikho okumgcine iminyaka engama-32 kule ndima.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E AKAZIBONI eyeka kwezomculo uyvonne Chaka Chaka, uthi ukwesekwa ngumyeni namadodana akhe yikho okumgcine iminyaka engama-32 kule ndima.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa