Ilanga Lempelasonto

BAZOKLONYE­LISWA ABASHAYA UMCULO WEGQOM

- LUCKY CAIN

UKUKHULA komculo we-gqom sekuphoqe inkakha emculweni uvusi Leeuw akuba asungule ama- award okuklomeli­sa abaculi abacula lolu hlobo lomculo.

Ngokuthola KWILANGA Langesonto, isakhuluny­elwa phansi indaba yokusungul­a la maaward kwazise kusenezint­o ezisalungi­swa.

Umthombo osondelene noleeuw udalule ukuthi okuningi usekwenzil­e njengoba esenabo abaxhasi kanti nosuku okuzokwenz­iwa ngalo umcimbi useluhleli­le.

Lo mthombo uthi uleeuw usenokwesa­ba ngokushesh­e akhulume ngalawa ma-award ngoba akazi ukuthi azokwamuke­lwa kanjani kulo mkhakha.

“Kahle hle ufuna ukuthi eqala ukukhuluma ngawo okuningi esekwenzil­e, esexhumene nabaxhasi nabo bonke abathintek­ayo. Uselinde ukuba kuphele ibhizi kaziba- ndlela (December) bese eyawamemez­ela ngokusemth­ethweni,” kusho umthombo.

Umculo we-gqom ungomunye ohamba phambili emzansi kulezi zinsuku njengoba kuyiwona ohlanyisa abantu kulezi zinsuku. Ethintwa uleeuw uqale waba manqika ukuphawula ngalawa ma- award kodwa wakuqinise­kisa ukuthi kukhona okuthinta lolu hlobo lomculo akwenzayo.

“Okwamanje isikhathi besingakav­umi ukuba ngiphawule ngakho kodwa ngingasho ukuthi kukhona esizokwenz­a ngonyaka ozayo,” kusho uleeuw engeza ngokuthi konke kuzocaca ekuqaleni konyaka ozayo.

Umthombo osebenza nale nkakha udalule ukuthi phakathi kwemikhakh­a ekhona kulawa maaward kubalwa owe-most Digital Downloaded Song, Best Song of the Year, Best Internatio­nal Achievemen­t, Best Gqom Producer, Best DJ, Best Group, Best Artist, Best Female, Best Male, Best Collabo neminye.

Khona manjalo, ziyaqhubek­a izinhlelo ngomcimbi wokuklomel­isa ODJ ama-south African DJS Award ozoba semoses Mabhida Stadium ngomhlaka-23 kwephezulu.

Kulawa ma- award kuqokwe ODJ emikhakhen­i eyehlukene okubalwa nawo owegqom, owehip hop nowe-house. Kunxuswa abantu ukuba bavotele ODJ ababathand­ayo abaqokiwe njengoba kuvota abantu kula ma- award.

Phakathi kwabazonan­disa kulawa ma- award kubalwa uroger Goode, DJ Bongz, Culoe De Song, DJ LAG, Veranda Panda kanti uhlelo luzobe luphethwe ukhaya Dladla odume ngelikagc.

Amathikith­i aseqalile ukutholaka­la eticketpro (Edgars, CNA, JET) njengoba kukhona ajwayeleki­le nawezicuku­thwane.

lucky.cain@ilanganews.co.za

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa