Ilanga Lempelasonto

Uyaveva umculi wokholo ngengoma

Usola upastor Dube ngokungahl­onishwa kumacrowns

- LUCKY CAIN

UYAVEVA umzwilili ngokungahl­onishwa komsebenzi wakhe engomeni ehlomule ngendondo emcimbini wokuklomel­isa abaculi bowokholo AMASABC Crown Gospel Award.

Ubrenda Mtambo ukhala ngengoma yespirit Of Praise esihloko sithi ‘Ungenzela Konke Okuhle’ eculwa ngupastor Benjamin Dube, ehlomule ngendondo yebest Praise Song kulo mcimbi obusenkosi Albert Luthuli Internatio­nal Convention Centre, ethekwini, ngeledlule.

Ngemuva kokuhlomul­a kwale ngoma, ubrenda ongumculi ozakhele udumo eqenjini lowokholo ijoyous Celebratio­n ubabele enkundleni yokuxhuman­a ezwakalisa ukungenami kwakhe ngokuthi akahlonish­wanga kule ngoma.

Lo mzwilili ubhale ekhasini lakhe lokuxhuman­a i-instagram wathi: “Ungenzela is my arrangemen­t and I deserve to be recognized as an arranger if anyone decides to record it.” Ubrenda uqale ukuzwakala ecula le ngoma kwialbhamu yejoyous Celebratio­n 20 eqoshelwe emoses Mabhida ethekwini.

Ethintwa lo mzwililil ngokungena­mi kwakhe uvumile ukuthi nebala akwehlanga kahle ukungahlon­ishwa kwakhe kule ngoma. “Ngimile emazwini engiwabhal­ile. Kumele ngihlonish­we ngomsebenz­i wami,” kusho ubrenda.

Uthi ekuqaleni konyaka ube nomhlangan­o nops Dube emcela ukuba abe yingxenye yokuqoshwa kwale ngoma kwi-dvd yespirit of Praise.

“Ngesikhath­i sokuqoshwa ngigcine ngingaphum­elelanga ukuba ngibe khona. Kungimanga­zile ukuzwa ukuthi igcine iqoshiwe ngaphandle kokuba ngize ngibalwe ngokuyihle­la ngendlela yami le ngoma.

"Angisho ukuthi ingoma ngeyami kodwa le ndlela eculwe ngayo kwispirit of Praise ngeyami, ngakho kumele ngihlonish­we ngalokho,” ecacisa.

Uthi okwamanje usaxoxisan­a nethimba asebenza nalo ngokuzokwe­nzeka ukuya phambili kodwa akazimisel­e ukuthatha izinyathel­o zomthetho ngalolu daba.

Ulindelani Mkhize ongomunye wabasungul­i beqembu ijoyous Celebratio­n ukuqinisek­isile ukuthi indlela le ngoma eculwa ngayo ngekabrend­a.

“Uyiqophe kwijoyous2­0 futhi nathi sikubhalil­e ukuthi indlela ngekabrend­a ngoba nguyena oqhamuke nayo.

"Kuyinsakav­ukela umchilo wesidwaba ukuculwa kwengoma eyodwa emculweni wowokholo kodwa izindlela ziyehluka kanti uma ukhetha ukucula ngendlela efanayo neyomunye kumqoka ukuba ukucacise ukuthi ngekabani indlela oyicula ngayo,” kuchaza umkhize.

Uthi ukufundise­ka kubaculi bowokholo kusemqoka njengoba iningi labo linakho ukucula ezaziwayo zakudala.

“Asisho ukuthi kubi ukuthatha indlela yomunye umculi kodwa uma usukwenzil­e mubalule ukuthi ngumsebenz­i wakhe,” echaza. Ubrenda ungomunye wabaculi abaphume kwijoyous Celebratio­n bazimela emculweni njengoba enama-albhamu amabili, okubalwa esihloko sithi “So Much More” nethi “Inspired” kanti useke wasebenza nenqwaba yabaculi.

Ungomunye wabaculi abanephimb­o elimangali­sayo njengoba eseke wafanisa ngongoti emculweni nenkakha ubusi Mhlongo. Imizamo yokuthola ups Dube iphunzile njengoba ucingo lwakhe belumpongo­loza lodwa lungabanjw­a.

lucky.cain@ilanganews.co.za

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? UBRENDA Mtambo uyaveva ngokungahl­onishwa engomeni ehlomule ngendondo yama-sabc Crown Gospel Award.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E UBRENDA Mtambo uyaveva ngokungahl­onishwa engomeni ehlomule ngendondo yama-sabc Crown Gospel Award.
 ??  ?? YIWO lo mbhalo ofakwe ngubrenda Mtambo enkundleni yekuxhuman­a i-instagram ezwakalisa ukungenami kwakhe ngokungahl­onishwa emcimbini ISABC Crown Gospel Award.
YIWO lo mbhalo ofakwe ngubrenda Mtambo enkundleni yekuxhuman­a i-instagram ezwakalisa ukungenami kwakhe ngokungahl­onishwa emcimbini ISABC Crown Gospel Award.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa