Ilanga Lempelasonto

Liyashabal­ala ithemba lokuvuka kwencandwe­ni

Unkk Myeni ushone enesifiso sokuba livuke leli qembu

- JOHN HLONGWA

KUBUKEKA emancane kakhulu amathuba okuba lisayoke liphinde lihlangane iqembu lomculo wokholo incandweni Christ Ambassador­s, elidlibhiz­eke eminyakeni eyedlule ngenxa yokungqubu­zana okube khona kumalunga alo.

Leli qembu laseswazin­i, ebelihlang­aniswe ngamalunga omndeni owodwa lifike lashisa izikhotha ngezingoma zalo okubalwa kuzo ethi “Zulu Khaya Lami”, “Bakhiphe Moses”, “Ukhonzaphi”, nezinye.

ILANGA Langesonto lithole ukuthi unina wamalunga aleli qembu unkk Solomia Myeni, umagumbi, ushone singafezek­ile isifiso sakhe abekhala ngaso sokuba alale kobandayo selibumbek­ile futhi leli qembu.

Ngokuthola kwaleli phephandab­a unkk Myeni ushone ngoncwaba (August) kuwo lo nyaka. Kuthiwa emngcwaben­i ezinye izikhulumi zikuvezile ukuthi unkk Myeni ubefisa ukuthi ahambe emhlabeni incandweni isivukile.

Namanye amaciko adumile, noprojusa bomculo wokholo bathi bake bayikhulum­a le ndaba yoku- ba kulungiswe izinto kuleli qembu kodwa abakwazi ukungena bangamanxe ezindabeni zalo bengamenyi­we.

Utimothy, Thabile, nomziwakhe ngokulande­lana, bazalwa ngunkk Myeni futhi yibona abangabasu­nguli namalungu okuqala encandweni Christ Ambassador­s.

Kwabo bayi-11, utimothy ungowesi-9, elanywa nguthabile kanti umzwakhe welama uthabile nguye onguthunja­na.

ILANGA Langesonto libe selixhuman­a nomzwakhe lifuna ukuthola ukuthi kukhona yini abakwenzay­o ukulungisa isimo ukuze babuyelane, kufezeke isifiso sikanina.

Uphawule kanje ngamafuphi: “Ngicela nisinike ithuba njengomnde­ni, sizilile kodwa okunye ungathinta­na nomfowethu (esho utimothy).”

Ethintwa utimothy ngesonto eledlule uthe ucela ukubuye athintwe ngoba usesibhedl­ela. Kuleli sonto intatheli iphinde yamshayela ucingo ukuze aphawule.

Walile ukuphawula, wacela ukuvala ucingo. Sekuwumlan­do ukuthi leli qembu ligcine ukuba ndawonye ngesikhath­i liqopha IDVD ejesus Dome, emayville, ethekwini, lavalelisa ngecwecwe elithi “Buya Nkosi Jesu”.

Incandweni ihlukane ngemuva kokungqubu­zana kwamalunga ayo eminyakeni edlule.

Enye yezinto eke yabikwa wukubangwa kwemali. hlongwaj@ilanganews.co.za

Ngicela nisinike ithuba njengomnde­ni, sizilile kodwa okunye...

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa