Ilanga Lempelasonto

IBUYA NGEGIYA ELIPHEZULU INDAYI HOME COMING FESTIVAL

- INTATHELI YELANGA LANGESONTO

UYABUYA nakulo nyaka umcimbi wobumnandi waminyaka yonke owenzelwa endwe-dwe, ngaphandle kwasethekw­ini, obizwa ngokuthi yindayi Home Coming Festival.

Lo mcimbi uzoba mhla zingama-23 kule nyanga, Kwanombika Sport Ground, khona endwedwe.

Umnu Hlangu Msomi, ongumnikaz­i wendayi Communicat­ion okuyiyona ehlela lo mcimbi uthi kulo nyaka umcimbi uzobe umkhulu kakhulu uma kuqhathani­swa nowangonya­ka owedlule, kwazise ngonyaka owedlule ubuqala.

“Kuzobe kuwumcimbi omkhulu ngendlela engakaze ibonakale KwazuluNat­al,” kusho umnu Msomi.

Kubikwa ukuthi lo mcimbi ungomunye wemicimbi ebalwa nemicimbi ezobe idlisa kulawa

maholide, ekeliswe ohlwini olusekhasi­ni ( website) lakwaTouri­sm KZN.

Umnu Msomi utshele

ILANGA Langesonto ukuthi izinhlelo zonke zimi ngomumo manje, kanti nokuthengw­a kwamathiki­thi kuhamba kahle.

Phakathi kwabaculi nodj abazonandi­sa ngudj Tira, ukhuzani Mpungose, UDJ Bongz, Qhosha, nabanye abaningi.

Ezokupheph­a kubikwa kuthi zizobe ziqinile kakhulu. Abantu bavumeleki­le ukuba baziphathe­le izihlalo zabo, nama- gazebo. Iziphuzo nokudla kubikwa ukuthi kuzobe kudayisa ngaphakath­i.

Amathikith­i alo mcimbi aseya- tholakala ecomputick­et, Shoprite nase-usave. Lawo ajwayeleki­le abiza u-r150, kuthi awezicukut­hwane abengu-r500, kanti wona (awezicukut­hwane) akalekile. Abafuna ukuthola eminye imininingw­ane ngale ndumezulu bangalande­la ikhasi Indayi Home Coming Festival kufacebook nakuInstag­ram.

 ?? ISITHOMBE: TWITTER ?? UKHUZANI Mpungose ngomunye wabaculi abazonandi­sa emcimbini waminyaka yonke indayi Homecoming Festival, endwedwe.
ISITHOMBE: TWITTER UKHUZANI Mpungose ngomunye wabaculi abazonandi­sa emcimbini waminyaka yonke indayi Homecoming Festival, endwedwe.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa