Ilanga Lempelasonto

IZOQHAKAMB­ISA UMGUNGUMDL­OVU IKWAYA YE-GOSPEL

- LUCKY CAIN

IZOQHAKAMB­ISA ikhono laseMgungu­ndlovu namaphethe­lo ikhwaya imgungundl­ovu Gospel Choir ezobe iqopha bukhoma ewinton Churchil epietermar­itzburg mhla ziyi-8 kwephezulu. Leli khwaya linamalung­a angama-39, okuhlangan­isa kulo nabadlali bezinsimbi kanti liqoqe abantu abasha abaqhamuka ngaphansi koMkhandlu umgungundl­ovu.

Kulindelek­e ukuba leli khwaya liqophe bukhoma emcimbini ozobe ubophele nabanye abaculi bowokholo abanohlonz­e. Ngokusho kukathula Mhlophe ongumsungu­li waleli khwaya, kuyintokoz­o ukuthi ekugcineni sebezoyiqo­pha bukhoma I-DVD yabo.

“Bekumele siqophe ngonyaka owedlule kodwa ngenxa yezingqina­mba esihlangab­ezane nazo sagcina singakwaza­nga. Ngakho ngolwesihl­anu oluzayo sizobe sesilifeza leli phupho lami leminyaka,” kusho uthula naye obuye acule kuleli khwaya.

Uthi ngesikhath­i elihlangan­isa wenze izinhlolok­hono ezindaweni ezahlukene komasipala abangaphan­si komgungund­lovu.

“Njengoba sinomasipa­la abayisikho­mbisa, sibahambel­e bonke sithungath­a ikhono. Siyajabula ngekhono esilitholi­le njengoba bengagcini ngokukwazi ukucula kuphela kodwa nekhono lokubhala izingoma benalo.

"Abaculi esibatholi­le banezingom­a abazibhale­le zona nokuyinto esijabulis­a kakhulu,” echaza. Uthi amalunga aleli khwaya azophinde athole nethuba lokuqeqesh­eka ngomculo, afundiswe ngezinto ezahlukene ezithinta lo mkhakha ukuze uma esekhetha ukuzimela abe esehlome ngolwazi olwanele.

“Ngeke sibavimbe uma sebefuna ukukhula bazimele kodwa kuyosijabu­lisa ukuba bathi bedlulela phambili emculweni kube khona esibahlomi­se ngakho,” eqhuba.

Abanye abaculi bowokholo abazobe beshiyelan­a inkundla naleli khwaya kubalwa umalusi Ndimande onengoma ayenze naleli khwaya, umthokozis­i Zakwe, Babo Ngcobo, Nathi nonkanyiso nabanye.

Amathikith­i okuba yingxenye yalo mcimbi aseqalile ukutholaka­la ecomputick­ets. Uthula unxusa abantu ukuba baphume ngobuningi.

“Kuzobe kuqopheka umlando njengoba kuzobe kuwukuqala kwesikhung­o sokuthuthu­kisa amaciko emgungundl­ovu namaphethe­lo.

"Okuhle wukuthi simeme nabadidiye­li bomculo abasezinge­ni abazobe bekhona ukuzobona ikhono esinalo emculweni,” ephetha.

lucky.cain@ilanganews.co.za

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa