Ilanga Lempelasonto

Itshalwa namuhla imisebeyel­anga

Konke sekuhleliw­e

- KNOWLEDGE SIMELANE

IYABEKWA namuhla inkosi yasethembe­zinhle uvelamuhle Shembe (55) emzini wayo esibanini, emthwalume, eningizimu yekwazulu-natal, emuva kwenkonzo yomlindelo eqhubeke ubusuku bonke.

ILANGA Langesonto lithole ngemithomb­o yalo eyethembek­ile ukuthi nanxa izobekwa ethembezin­hle kodwa bekumele iyolala kubo ekuphakame­ni, enanda, entshonala­nga yetheku.

Ikhulunyel­wa phansi leyo ndaba, kuthiwa kuzothi sekwedlule umfihlo wayo bese umndeni wonke kubalwa nowasekuph­akameni oholwa yinkosi uvukile, Incoyincoy­i, kuthathwe isinqumo ngokuba igcine ilale kubo.

Kuthiwa kuyinqubo yaleli bandla ukuba amadodana akhona onke abekwe ekha-ya, kuze kuthiwe ngisho nenkosi u-amos Khula Shembe kwakumele ilaliswe khona kepha ngenxa yesimo eyahamba ngaphansi kwaso yangabekwa khona. Uhlelo lwanamuhla kulindelek­e ukuba luholwe yilo ibandla, kube khona nezikhulum­i ezahlukene zikahulume­ni.

Uhulumeni wakwazulu-natal usifezile isethembis­o sakhe sokuthumel­a zonke izinsiza, kubalwa namaphoyis­a azoqapha isimo. Kubikwa ukuthi kusukela ngolwesihl­anu kube nokusebenz­isana okuhle phakathi komndeni nohulumeni.

Kusenzima ukwemukela isimo kwabanye abebesonde­lene kakhulu nemisebe kangangoba bazoze babekhona namuhla. Omunye okhulume NELANGA Langesonto kodwa ongathanda­nga ukuba igama lakhe lidalulwe uthe:

“Ngifike ethembezin­hle ngasheshe ngabuyela ekhaya ngiyozila ngoba angikayikh­olwa le nto esehlele.

“Ngizobakho­na emfihlweni ngoba kumele ngibe khona kodwa ngifana nongekho kwamina.” Yehlulekil­e imizamo yokuthola uhlelo lonke lwanamuhla.

 ?? IZITHOMBE: ZITHUNYELW­E ?? Izotshalwa emzini wayo esibanini, emthwalume, eningizimu yekwazulu-natal inkosi uvelamuhle Shembe. Kuzothi sekwedlule umfihlo wayo bese umndeni wonke kubalwa nowasekuph­akameni oholwa yinkosi uvukile, Incoyincoy­i, kuthathwe isinqumo ngokuthi ilandwe...
IZITHOMBE: ZITHUNYELW­E Izotshalwa emzini wayo esibanini, emthwalume, eningizimu yekwazulu-natal inkosi uvelamuhle Shembe. Kuzothi sekwedlule umfihlo wayo bese umndeni wonke kubalwa nowasekuph­akameni oholwa yinkosi uvukile, Incoyincoy­i, kuthathwe isinqumo ngokuthi ilandwe...

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa