Ilanga Lempelasonto

SIZOKHISHW­A KABUSHA ISIGWEBO SIKAMBHISH­OBHI

- KNOWLEDGE SIMELANE

KUYODELA umakhasana yena oyozibona zibulalana enkantolo yobugebeng­u obuhleliwe ethekwini ngehora le-12 emini bebade lapho kuzobe sekuyihlan­dla lesine kungongaph­ansi nongaphezu­lu, kuliwa nokugwetsh­wa okwesibili kukambhish­obhi Jabulani Mvubu ongayi phansi engandlale­lwe.

Umbhishobh­i Mvubu osebizwa ngo”phunyukabe­mphethe” emuva kokuba elahlwe ngamacala angama-574 okukhwaban­isa, wawavuma ngephuzu lokuthi ubezama ukusiza umphakathi awufukule ube namabhizin­isi.

Kubenesidi­didi ekugwetshw­eni kwakhe - phambilini uke wagwetshwa amahora ayizi-7000, alale ejele izimpelaso­nto kuthi phakathi nesonto abe ngokhulule­kile.

Ngaleso sikhathi egwetshwa uyalelwe ukuba aphinde akhokhele izisulu imali yazo njalo ngenyanga njengoba enikwe ithuba lokuba ngaphandle ngezinsuku zomsebenzi ukuze akwazi ukugaya imali yokuzikhok­hela.

Izikhulu zamajele zisichithi­le lesi sigwebo, zathi kukhona lapho singacacil­e kahle khona, zacela ukuba kubuyelwe enkantolo imantshi unkz Christo Mazibuko aphinde akhiphe esinye.

Njengoba bekumele agwetshwe ngeledlule kakubange kusenzeka ngoba umshushisi wenkantolo unkz Hazel Sararamen ubengekho eshonelwe ngunina. Akwaziwa mbhantshi kujiya ngolwesith­athu ukuthi sizofezeka yini isifiso semantshi sokuba liphele leli cala elaqala ngonyaka wezi-2015 ngozibandl­ela (December).

Umbhishobh­i Mvubu unebandla ithe Grace Ministries emzinto. Abake baye ebandleni lakhe bathi akashumaye­li uyaqeqebul­a.

Kubukeka sengathi indlela emyisa ezikhindin­i imfiliba njengoba izisulu sezifuna imali nanku nokhisimus­i uyamemeza. Umbhishobh­i Mvubu umelwe ngumnu Sogoyile Nene ojutshwe ngumnu Sipho Ngubane waseMgungu­ndlovu. knowledge.simelane@ilanganews. co.za

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa