Ilanga Lempelasonto

SIZIPHOLEL­E: SANDILE MAKHOBA

-

BAQINISILE abathi ubudoda abukhulelw­a, kumele uhlale namadoda ukuze ubone ukuthi ubudoda yinto enjani.

Ngijabulil­e kuleli sonto ngithola ithuba lokuphola nenkakha yeciko elihlonish­wa kakhulu endimeni yokuklwebh­a amapuleti, eselibe kule ndima iminyaka engaphezul­u kwengama-20.

Leli ciko abaningi balazi ngodj Ganyani kodwa ungalokoth­i umbize ngalelo gama uma ningalinga­ni ngokweminy­aka noma umncane kakhulu kunaye.

Uganyani yigama lakhe elisepasin­i aliqanjwa nguninakhu­lu (Ganyani Fredericks Tshabalala).

Uzalwa esoweto, egoli, kodwa usehlala esilungwin­i yize noma engafuni ukusho ukuthi kuphi nendawo.

Yize engawufund­elanga umculo kodwa uqhamuka emndenini owuthanday­o njengoba uyise ayenayo yonke inhlobo yomculo kodwa engeyena UDJ. Eneminyaka eyi-12 unina umuphe amarecord amabili, ithriller kamichael Jackson neholiday kamadonna.

Kusukela lapho akabange esayeka ukuthanda umculo. Lolu qweqwe lukadj lusanda kukhipha icwecwe le-10 elisihloko sithi “Ganyani’s 10 House Grooves.

Ngonyaka wezi-2001, umaster G, njengoba ebizwa kanjalo, ukhiphe icwecwe lakhe lokuqala elibizwa ngesimunye

House Grooves 1. Kuhambe kwaze kwafika kweyesitha­thu nokwaba sekungeyok­ugcina isimunye House Grooves kodwa kwase kuqhubeka iganyani’s House Grooves. Uthi ubonga kakhulu unkulunkul­u nabalandel­i bakhe ngokuba akwazi ukuhlangan­isa idecade of Ganyani’s House Groove. Njengoba esehlale iminyaka manje kule ndima uthi ufuna ukusabalal­a kakhulu manje e-afrika.

“Mningi umsebenzi esesiwenzi­le lapha emzansi, sekuyisikh­athi sokuba sisabalale nakwamanye amazwe ase-afrika, yingakho nje ngisebenze nabantu abasuka emazweni ahlukene,” kuchaza yena.

Ubale ujah Prayzah nomishka oke wasebenza nemicasa. Uthi ubafundisi­le ODJ abehlukene abafana nodj Mbuso kodwa manje akasenaso leso sikhathi sokufundis­a ukuklwebha amapuleti. Uthi isikhathi esiningi usefuna ukusichith­a e- studio, esinye asichithe nomndeni wakhe. “Isikhathi esiningi ngisichith­e emgwaqweni ngoba uma ungudj kumele uhambe uyosebenza ngaphandle. Okubuhlung­u wukuthi sisebenza ebusuku, kwezinye izindawo uthole ukuba amabhanoyi awekho, okuphoqa ukuthi ushaye umgwaqo. Lokho-ke kukunika isikhathi esincane nomndeni wakho,” kulanda UDJ Ganyani. Uthi ngeke aphume emculweni kodwa uzonciphis­a ukuhamba kakhulu. Kuyimanje uthi bakhona abafana asebapheki­le abasebenza ngokugcwel­e eganyani’s Entertainm­ent. “Kuyimanje ngikhulisa up-tempo kanti ngiyambona ukuthi uza kabi futhi,” kusho yena.

Uganyani ukhale kakhulu ngalabo abalekelel­a ngamaphimb­o ezingomeni, wathi yibona ababambeze­la umsebenzi kakhulu ngoba umuntu uyamnika izinsimbi okumele aculele phezu kwazo kodwa athathe isikhathi sakhe ukukubuyis­ela.

“Ngifisa sengathi unkulunkul­u angangipha iphimbo lokucula ukuze ngingahlup­hi muntu,” kuqhuba yena.

AKAWATHATH­I AMASHANSI

Uthi akawathath­i amashansi uma kuza engomeni ngoba akafuni kuphume umbhedo. “Ngincamela ukuyenza unyaka wonke ingoma kunokuba iphume kodwa nginganeli­sekile. Ngifuna insimbi nensimbi ekhalayo kuyona izwakale, kungabibik­ho insimbi engazwakal­i,” kucacisa yena.

Ukhuluma kanjena nje akakaze aphoxe kule minyaka engama-20 esendimeni yezikaqedi­sizungu. Njalo uma ekhipha umculo wakhe uhlale uhamba phambili.

Kunengoma athi imthathe unyaka nohhafu ukuyenza esihloko sithi, “Xigubhu”.

Le ngoma uthi uyiqale phansi kaningi kodwa ngesikhath­i isiphuma iwenzile umsebenzi njengoba namanje uma ikhala kuyacaca.

Iyamcika igenge engahlonip­hi

Ukhale kakhulu ngentsha athi ayisenanhl­onipho ikakhuluka­zi le genge engosaziwa­yo.

“Uvele usukelwe umfana ona16 athi hey dude - inginyanyi­sa kabi leyo nto ngoba ngeke asukele uyise ambize kanjalo,” kuqhuba yena.

Uthi amagama awazonda kakhulu asetshenzi­swa yintsha yilawo athi “grootman, madala, brazo, my outie, namanye.”

Wonke lawa magama uthi atshengisa ukungahlon­iphi. Uthi kufana nomuntu ombiza ngoganyani. Uthi akananking­a uma ebizwa kanjalo ngontanga yakhe abafana no-oskido, Christoz nabanye.

Ufuna abantu abasha bambize ngomaster G.

ICWECWE LASEYADINI

Kuyimanje umatasa uhlanganis­a icwecwe laseyadini elibizwa ngeEyadini Experience 1.

Uthi lokhu kube wumbono wakhe ngoba ebona ukuthi Iyadi selisezing­eni lomhlaba, alisadingi ukumakethw­a kakhulu kodwa selidinga ukumakethw­a ngomculo.

“Sesibe nemihlanga­no emithathu nojiga (Jabulanzi Zama, ongumnikaz­i weyadini Lounge). Okokuqala sihlangane esandton, ngamtshela ngesifiso sami, ngenhlanhl­a ujiga wavumela phezulu,” kuqhuba yena.

Uthi leli cwecwe laseyadini lizohlanga­nisa abadidiyel­i baseThekwi­ni nabakwezin­ye izifundazw­e.

“Iyadi akuselona eletheku kuphela kodwa sekungelab­antu bonke njengesiqu­bulo salo ngakho-ke ngizohlang­anisa abadidiyel­i abazoletha umculo ozothokoze­lwa ngabantu bonke abahambela lendawo,” kuqhuba yena.

Uthi sezikhona ezinye izingoma.

Leli cwecwe kulindelek­e ukuba liphume ngonhlolan­ja (February) ngonyaka ozayo bese litholakal­a kuzo zonke izitolo ezidayisa umculo.

makhoba@ilanganews.co.za

 ??  ??
 ?? IZITHOMBE: ZITHUNYELW­E ?? KUSUKA kwesobunxe­le nguganyani, Naima SA nonicholas Nkuna.
IZITHOMBE: ZITHUNYELW­E KUSUKA kwesobunxe­le nguganyani, Naima SA nonicholas Nkuna.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa