SIZIPHOLELE: SANDILE MAKHOBA
BAQINISILE abathi ubudoda abukhulelwa, kumele uhlale namadoda ukuze ubone ukuthi ubudoda yinto enjani.
Ngijabulile kuleli sonto ngithola ithuba lokuphola nenkakha yeciko elihlonishwa kakhulu endimeni yokuklwebha amapuleti, eselibe kule ndima iminyaka engaphezulu kwengama-20.
Leli ciko abaningi balazi ngodj Ganyani kodwa ungalokothi umbize ngalelo gama uma ningalingani ngokweminyaka noma umncane kakhulu kunaye.
Uganyani yigama lakhe elisepasini aliqanjwa nguninakhulu (Ganyani Fredericks Tshabalala).
Uzalwa esoweto, egoli, kodwa usehlala esilungwini yize noma engafuni ukusho ukuthi kuphi nendawo.
Yize engawufundelanga umculo kodwa uqhamuka emndenini owuthandayo njengoba uyise ayenayo yonke inhlobo yomculo kodwa engeyena UDJ. Eneminyaka eyi-12 unina umuphe amarecord amabili, ithriller kamichael Jackson neholiday kamadonna.
Kusukela lapho akabange esayeka ukuthanda umculo. Lolu qweqwe lukadj lusanda kukhipha icwecwe le-10 elisihloko sithi “Ganyani’s 10 House Grooves.
Ngonyaka wezi-2001, umaster G, njengoba ebizwa kanjalo, ukhiphe icwecwe lakhe lokuqala elibizwa ngesimunye
House Grooves 1. Kuhambe kwaze kwafika kweyesithathu nokwaba sekungeyokugcina isimunye House Grooves kodwa kwase kuqhubeka iganyani’s House Grooves. Uthi ubonga kakhulu unkulunkulu nabalandeli bakhe ngokuba akwazi ukuhlanganisa idecade of Ganyani’s House Groove. Njengoba esehlale iminyaka manje kule ndima uthi ufuna ukusabalala kakhulu manje e-afrika.
“Mningi umsebenzi esesiwenzile lapha emzansi, sekuyisikhathi sokuba sisabalale nakwamanye amazwe ase-afrika, yingakho nje ngisebenze nabantu abasuka emazweni ahlukene,” kuchaza yena.
Ubale ujah Prayzah nomishka oke wasebenza nemicasa. Uthi ubafundisile ODJ abehlukene abafana nodj Mbuso kodwa manje akasenaso leso sikhathi sokufundisa ukuklwebha amapuleti. Uthi isikhathi esiningi usefuna ukusichitha e- studio, esinye asichithe nomndeni wakhe. “Isikhathi esiningi ngisichithe emgwaqweni ngoba uma ungudj kumele uhambe uyosebenza ngaphandle. Okubuhlungu wukuthi sisebenza ebusuku, kwezinye izindawo uthole ukuba amabhanoyi awekho, okuphoqa ukuthi ushaye umgwaqo. Lokho-ke kukunika isikhathi esincane nomndeni wakho,” kulanda UDJ Ganyani. Uthi ngeke aphume emculweni kodwa uzonciphisa ukuhamba kakhulu. Kuyimanje uthi bakhona abafana asebaphekile abasebenza ngokugcwele eganyani’s Entertainment. “Kuyimanje ngikhulisa up-tempo kanti ngiyambona ukuthi uza kabi futhi,” kusho yena.
Uganyani ukhale kakhulu ngalabo abalekelela ngamaphimbo ezingomeni, wathi yibona ababambezela umsebenzi kakhulu ngoba umuntu uyamnika izinsimbi okumele aculele phezu kwazo kodwa athathe isikhathi sakhe ukukubuyisela.
“Ngifisa sengathi unkulunkulu angangipha iphimbo lokucula ukuze ngingahluphi muntu,” kuqhuba yena.
AKAWATHATHI AMASHANSI
Uthi akawathathi amashansi uma kuza engomeni ngoba akafuni kuphume umbhedo. “Ngincamela ukuyenza unyaka wonke ingoma kunokuba iphume kodwa nginganelisekile. Ngifuna insimbi nensimbi ekhalayo kuyona izwakale, kungabibikho insimbi engazwakali,” kucacisa yena.
Ukhuluma kanjena nje akakaze aphoxe kule minyaka engama-20 esendimeni yezikaqedisizungu. Njalo uma ekhipha umculo wakhe uhlale uhamba phambili.
Kunengoma athi imthathe unyaka nohhafu ukuyenza esihloko sithi, “Xigubhu”.
Le ngoma uthi uyiqale phansi kaningi kodwa ngesikhathi isiphuma iwenzile umsebenzi njengoba namanje uma ikhala kuyacaca.
Iyamcika igenge engahloniphi
Ukhale kakhulu ngentsha athi ayisenanhlonipho ikakhulukazi le genge engosaziwayo.
“Uvele usukelwe umfana ona16 athi hey dude - inginyanyisa kabi leyo nto ngoba ngeke asukele uyise ambize kanjalo,” kuqhuba yena.
Uthi amagama awazonda kakhulu asetshenziswa yintsha yilawo athi “grootman, madala, brazo, my outie, namanye.”
Wonke lawa magama uthi atshengisa ukungahloniphi. Uthi kufana nomuntu ombiza ngoganyani. Uthi akanankinga uma ebizwa kanjalo ngontanga yakhe abafana no-oskido, Christoz nabanye.
Ufuna abantu abasha bambize ngomaster G.
ICWECWE LASEYADINI
Kuyimanje umatasa uhlanganisa icwecwe laseyadini elibizwa ngeEyadini Experience 1.
Uthi lokhu kube wumbono wakhe ngoba ebona ukuthi Iyadi selisezingeni lomhlaba, alisadingi ukumakethwa kakhulu kodwa selidinga ukumakethwa ngomculo.
“Sesibe nemihlangano emithathu nojiga (Jabulanzi Zama, ongumnikazi weyadini Lounge). Okokuqala sihlangane esandton, ngamtshela ngesifiso sami, ngenhlanhla ujiga wavumela phezulu,” kuqhuba yena.
Uthi leli cwecwe laseyadini lizohlanganisa abadidiyeli baseThekwini nabakwezinye izifundazwe.
“Iyadi akuselona eletheku kuphela kodwa sekungelabantu bonke njengesiqubulo salo ngakho-ke ngizohlanganisa abadidiyeli abazoletha umculo ozothokozelwa ngabantu bonke abahambela lendawo,” kuqhuba yena.
Uthi sezikhona ezinye izingoma.
Leli cwecwe kulindeleke ukuba liphume ngonhlolanja (February) ngonyaka ozayo bese litholakala kuzo zonke izitolo ezidayisa umculo.
makhoba@ilanganews.co.za