Ilanga Lempelasonto

NGOKUZIMIS­ELA UNGAPHUMA EZIDAKAMIZ­WENI

- BONGINKOSI ZONDI

AKE ucabange ngomuntu ozimiselay­o ukuba aziqoqe, aqhubeke nempilo naphezu kokuba umhlaba umgixabeze ngezinye zalezi zinselelo:

ukuzalelwa ngaphandle komshado qede uyihlo anyamalale usale nonyoko uneminyaka eyisi-7;

ukushona kukanyoko obekondla ngemali yasemajali­dini, kamuva nangempesh­eni yakwahulum­eni;

ukuphila emgwaqweni edurban Station kusukela ngowezi-2004 kuze kube ngowezi-2011;

ukuphenduk­a wamukele ujesu kuthi kamuva usathane akukhiphe ayokucwili­sa ezidakamiz­weni;

ukubisha ezikweleti­ni ugcine usuphila ngokubalek­ela abantu obakweleta­yo.

Lowo ngujoshua Zitha ohlala esigcemeni kwag emlazi eningizimu yetheku.

Ujoshua ubonga inkosi ujesu ngokuvusel­ela impilo yakhe njengoba manje enohlelo alwethulay­o esiteshini somsakazo womphakath­i idivine Touch 107.2 FM, amagumbi aso okusakaza akwa No. 422 Stella Road, emalvern.

Lolu hlelo ulwenza ngokubambi­sana nonkz Smangele Welile Maphumulo njalo ngolwesine ligamenxe elokuqala emini.

Okunye okusenhliz­iyweni yakhe kakhulu kulezi zinsuku wumkhankas­o wokwalulek­a intsha ngengozi yokusebenz­isa izidakamiz­wa. UNGUBANI UJOSHUA?

Ujoshua wazalwa mhla zingama-21 kulwezi (November) ngowe1970, ngu-agnes Mbhele nosolomon Zitha. Uqale imfundo yamabanga okuqala embalasi Primary kwa-a, emlazi. Ngowe-1986 umndeni wakhe wasuka kwa-a waya kwa-e khona emlaza.

Ngalesi sikhathi ujoshua wayeseyokw­enza ibanga 4-5 emanzolwan­dle Primary. Kuthe ngowe1988 wadlulela Kwashaka High School lapho ehlale unyaka waba munye, qede wadlulela echestervi­lle High lapho efunde waphelela kwastandar­d 9, ngenxa yokuphela kwemali wangabe esafika kumatikule­tsheni kodwa waphoqeka ukuyofuna umsebenzi.

Usebenzile ezindaweni eziningana, kuzona okubalwa i-pnp Musgrave Centre, ne-rocket Powder Coating. Ngowezi-2004 kushone unina, nokwalande­lwa wubunzima bempilo waze wangena emkhubeni wokusebenz­isa izidakamiz­wa ehlala edurban Station, elala emapaki.

UBIZWA NGUNKULUNK­ULU Uqhubekile-ke nale mpilo kwaze kwaba ngowezi-2011 lapho ngolunye usuku, emini kwabha wezwa iphimbo lomuntu ongabonaka­li limyalela ukuba avuke entathakus­a, asuke lapho aye emlazi.

Uthi nebala wenza njengokush­o kwalelo lizwi. Uhambe ngezinyawo waze wafika kwas khona emlazi nokulapho afica khona itende liwile. Labuya futhi izwi lathi kuye uma engangena kulelo tende, zingaphela izinkinga ayebhekene nazo.

Emuva kwalokho kwafika imvula enkulu enamandla. Wayesekhum­bula ukuthi wayenomnga­ni, ukhonza Gumede igama lakhe, owayehlala esigcemeni kwag. Waya-ke kubo kwakhonza wamfica endlini.

Umngani wakhe wamtshela ukuthi nxa ezimisele ukuba ahlale naye, kuzomele alungele ukuya esontweni njalo ngesonto ngoba yena useyakholw­a. Nangempela bavukela khona lapho kwakuneten­de elalikade liwile kodwa selibuye lavuswa.

Ngalolo suku kwakushuma­yela umfundisi webandla i-agape Fellowship nokuthe ekupheleni kwentshuma­yelo wacela ukuba labo abafisa ukwamukela inkosi ujesu, beze ngaphambil­i.

Akukhumbul­ayo wukuthi kwaba nguye yedwa owazinikel­a ngalolo suku. Emuva kokusindis­wa waba mkhulu umehluko owenzeka empilweni yakhe ngoba emuva kwamasonto ambalwa waqashwa ECNR, espringfie­ld.

Nakuleso sigaba empilweni yakhe isitha esingusath­ane asiyekanga ukuhlasela, kangangoba wazi- thola esebuyele futhi ezidakamiz­weni waze waphelelwa wumsebenzi owawumhole­la kahle enkampanin­i ye- security.

Kwaze kwafika esimeni lapho ayeseyinto yasemashib­hini futhi ecwilile nasezikwel­etini ngenxa yomashonis­a, esephila ngokubalek­ela abantu abakweleta­yo. Kwashabala­la amaphupho amahle abenawo ngempilo yakhe.

UVUKA UYAZITHATH­A

Kwafika kuyena ukuthi wayesekhat­hele yile mpilo ngakho, wenza isinqumo sokuzibuyi­sela enkosini. Waya e-agape Fellowship khona esigcemeni kwag emlaza.

Nebala impilo yakhe yaguquka. Njengamanj­e uzinikele kuleli bandla lapho ebuye abe yilungu leqembu elikhapha ikhwaya yebandla ngezinsimb­i njengoba yena edlala i- bass guitar.

Ufinyelela kuleli qophelo njena nokho ubese-ke wenza okuningana empilweni njengokuza­ma umsebenzi wezolimo emakhaya engonyamen­i kodwa akwaze kwalunga.

Uke waxhumana futhi nomnu Xolani Majozi osehhovisi eliphethe izindaba zeladysmit­h Black Mambazo ukuze angene endimeni yezomculo, nakhona akazange aphumelele.

Ngalolu hlelo alwenza emsakazwen­i ubonga unkulunkul­u osebenzise abaphathi besiteshi kanye nethimba labasakazi baso, ngokumemuk­ela kahle kwabo.

bonginkosi@ilanganews.co.za

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? UJOSHUA Zitha e-agape Fellowship, emlazi.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E UJOSHUA Zitha e-agape Fellowship, emlazi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa