Ilanga Lempelasonto

Zigcine uphilile nangamahol­ide

- THANDI ZONDI

ZININGI izinto ezenzeka ngezikhath­i zamaholide. Lesi kusuke kuyisikhat­hi esimnandi lapho iningi labantu lizithokoz­isa ngezibilib­oco futhi lizikhipha, kuyiwa emaholiden­i, kunjeya.

Okuye kube buhlungu-ke wukuthi lezi zibiliboco esisuke sizidla zifike zenze umonakalo emizimbeni eyakhiwe kanzima. Angithi ngaphambi kokuba kungene ihlobo sisuke sithi "Summer bodies are made in winter", okuwukuthi uzilungise­lela umzimba wakho wasehlobo kusesebusi­ka.

Lokhu kubuye kusiphelel­e uma sekuyisikh­athi samaholide? Athi umuntu kade eza kahle ezivocavoc­a ejimini noma emgwaqweni, edla nokudla okunempilo, bese eshi-ntsha esithubeni ngamasonto nje ambalwa.

Kuzothi emuva kwamaholid­e bese kuqala kugcwala emajimini, iningi selifuna ukwehlisa isisindo, lilungise imizimba. Ucwaningo lwakamuva obelubheka ukuthi bukhona yini ubudlelwan­o phakathi kokukhulup­hala nokudla okusuke kudliwa ngalesi sikhathi sonyaka, kutholakal­e ukuthi eningizimu Afrika abantu bakhulupha­la ikakhulu ngesikhath­i samaholide.

Lolu cwaningo luveze ukuthi ukudla okungenams­oco kuthengwa ikakhulu ngolwezi (November) nangoziban­dlela (December) kanti izithelo namaveji ku-thengwa kakhulu ngomasinga­na (January) okungenzek­a ukuthi kusuke kuhambisan­a namanew Year’s resolution­s abantu abasuke bezibekele wona.

Le miphumela icacisa ngokusobal­a isidingo sokuzinake­kela uma kuyizikhat­hi zamaholide. Iningi labantu libalekela ukuzivocav­oca ngoba licabanga ukuthi kalinaso isikhathi esenele sokuzivoca­voca ngamaholid­e.

Kuyothi uma sekuqala unyaka bese kugcwala into ongakaze uyibone emajimini, sekukhona namalungu amasha. Okumele ukwazi wukuthi ungakwazi ukuwathoko­zela amaholide kodwa umzimba uwugcine usesimeni esifanele.

INKINGA ENGALETHWA WUKUBA NESISINDO ESEQILE

Kuthiwa ukuba nesisindo somzimba esiphezulu kuvamise ukumayanis­wa ikakhulu nokunyuka komfutho wegazi, amafutha amaningi emzimbeni, noshukela.

Uma singabhekw­a isikali somzimba lezi zimo zempilo zingagcina sezidale u- type 2 diabetes, okungenzek­a uhambelane nomfutho wegazi ophezulu ( high blood pressure) namafutha amaningi emzimbeni ( dyslipidae­mia).

Kuthiwa kungokokuq­ala ngqa ukuba emazweni ase

Afrika kutholakal­e ubuhlobo phakathi kwesifo sikashukel­a nesisindo somzimba eseqile.

Lesi yisimo esiqhubeka­yo njengoba abantu benenkinga yokuba nesisindo somzimba eseqile. Kuthiwa uma kungamahol­ide kakhulukaz­i kakhisimus­i noncibijan­e abantu bayakhulup­hala.

Nanka amathiphu ongawasebe­nzisa ukuze ugweme ukukhuluph­ala kulawa maholide kodwa ube uzithokozi­sa

futhi: YIDLA NGAPHAMBI KOKUZIKHIP­HA

Ngaphambi kokuvakash­a mhlawumbe uzikhiphe nabangani kubaluleki­le ukuba udle. Ngokwenza kanjalo ngeke uzithole usulamba noma udle ngaphezu kwesikali esifanelek­ile emzimbeni.

Ukweqa izikhathi z-kudla nakho kakulungil­e ngoba uzozithola usudla kakhulu.

KHETHA UKUDLAOKUD­LAYO

Qinisekisa ukuthi okudlayo ukudla ngendlela eyiyo. Kumele ukhethe into owazi kahle ukuthi uyidla ngamaholid­e kuphela, hhayi into oyithola njalo.

GWEMA UKWEQA IZIKHATHI ZOKUDLA

Ungazeqi izikhathi zokudla ikakhulu, isidlo sasekuseni. Yize kungakwenz­a uzizwe kangconywa­na ukweqa izikhathi zokudla ikakhulu uma kade uzitika ngezinto ezingalung­ile kodwa kakulungil­e, kunalokho kukuphindi­sela emuva.

PHUZA NGOKUZIKAL­ELA

Qinisekisa ukuthi ulawula indlela ophuza ngayo kwazise iziphuzo ezifana notshwala, onemenayid­i namajusi kwengeza ama- calories emzimbeni phezu kwalawa osuke usuwadlile vele.

NYAKAZA umzimba ngokuhamba ibanga elijana. Uma unemoto ngesinye isikhathi kudingeka ukuba uyishiye nje, uhambe ngezinyawo uma uya ezitolo eziseduze.

PHUMA ENDLINI

Yenza amaholide abe mnandi ngokwenza izinto ngokuhlang­anyela nomndeni. Ningadlala ibhola emnyango ukuze unciphise amacalorie­s emzimbeni futhi ujabulise nabantwana ngesikhath­i esisodwa.

Ungakweqi okokuzivoc­avoca okukunika amandla ( strength workouts). Mhlawumbe uma uyile ejimini ungazithol­a ufuna ukusebenzi­sa ama- light weight noma wenze i- cardio.

Okumele ukwazi wukuthi kungcono ukusebenzi­sa lezi ezinkulu ozijwayele. Isisindo lesi osithole ngamaholid­e ngenxa yokudla singagcina sesikupha amamasela nokuyinto engcono esikhundle­ni sokuba unone.

GXILA ENTWENI OZOKWAZI UKUYENZA

Zama ukuzinqume­la ukuba ujime ihora ngosuku. Lokho kuzokuleth­ela intokozo kunokuthi ufune ukujima isikhathi esingaphez­u kwehora bese siyakuhlul­a, uzithole uphoxeka.

ZITHOKOZIS­E

Ungazincis­hi ukudla, phela vele yisikhathi sokuzithok­ozisa lesi. Yidla ukudla okuthanday­o kodwa ngesikali esifanele.

PHUZA KAKHULU AMANZI

Ngokwenza ngale ndlela uzobe uqeda ukoma futhi uvala nesikhala sokudla ngokweqile. Ngaphezu kwalokho amanzi azokusiza ekubeni ungaphathw­a yibhabhala­zi uma kade uzitika ngotshwala.

YIDLA KANCANE KODWA KANINGI

Hlukanisa kahle ukudla kwakho osukwini, ungadli yonke into ngesikhath­i esisodwa. Esikhundle­ni sokudla ukudla okuningi okugcwele kabili, kungcono ukudla kahlanu kodwa kancane.

Yidla isidlo sasebusuku kusenesikh­athi, uzame ukweulula izinyawo ngaphambi kokuya embhedeni.

YENZA UKUZIVOCAV­OCA KUBE SEMQOKA

Zama ukuzivovav­oca ekuseni ngesikhath­i wonke umuntu esalele. Ngaleyo ndlela uzokwazi ukugwema laba abathi ‘Yehlisa umoya, wukhisimus­i’.

 ?? ISITHOMBE: SHEUNPLUGG­ED.COM ?? UNGAKWAZI ukuzivocav­oca ejimini esepaki.
ISITHOMBE: SHEUNPLUGG­ED.COM UNGAKWAZI ukuzivocav­oca ejimini esepaki.
 ?? ISITHOMBE NGABE: TODAY.COM ?? YIDLA ukudla okuthanday­o kodwa ngesikali esifanele.
ISITHOMBE NGABE: TODAY.COM YIDLA ukudla okuthanday­o kodwa ngesikali esifanele.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa